UGenesise 1:27-31
UGenesise 1:27-31 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UNkulunkulu wamdala umuntu waba ngumfanekiso wakhe, wamenza ukuba afuze Yena, wabadala owesilisa nowesifazane, wababusisa, wathi: “Zalanani nande, nigcwalise umhlaba; niwubuse. Nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, naphezu kwezinyoni zezulu, nazo zonke izilwane ezinwabuzela emhlabeni.” UNkulunkulu wathi: “Bhekani, ngininika izinhlobo zonke zezitshalo ezithela imbewu ezimila emhlabeni wonke, nezihlahla ezithela izithelo ezinembewu ukuba nikudle. Kepha zonke izilwane zasendle, nazo zonke izinyoni emkhathini, nakho konke okuhuquzelayo emhlabeni, nakho konke okunomphefumulo, ngikunike konke okuluhlaza okumilayo ukuba kukudle.” Kwaba njalo. UNkulunkulu wakubona konke ayekudalile ukuthi kwakukuhle kakhulu. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesithupha.
UGenesise 1:27-31 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe; wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane. UNkulunkulu wababusisa; uNkulunkulu wathi kubo: “Zalani, nande, nigcwalise umhlaba, niwunqobe, nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.” UNkulunkulu wathi: “Bhekani, ngiyaninika yonke imifino ethela imbewu, esemhlabeni wonke, nemithi yonke okukuyo izithelo zomuthi oveza imbewu, kube ngukudla kwenu. Kepha zonke izilwane zomhlaba, nezinyoni zonke zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, eziphefumulayo, zona nginike yonke imifino eluhlaza ibe ngukudla,” kwaba njalo. UNkulunkulu wabona konke akwenzileyo; bheka, kwakukuhle kakhulu. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesithupha.
UGenesise 1:27-31 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe, wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane. UNkulunkulu wababusisa, wathi kubo: Zalani, nande, nihlale emhlabeni, niwulime. Nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni. UNkulunkulu wathi: Bhekani, ngiyaninika zonke izimila ezithela imbewu, ezisemhlabeni wonke, nemithi yonke ethela izithelo ethela imbewu; kufanele kube ngukudla kini. Kepha zonke izilwane zomhlaba, nezinyoni zonke zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, okukhona kuzo ukuphila, ngazinika zonke izitshalo eziluhlaza zibe ngukudla. Kwenzeka kanje. UNkulunkulu wabheka konke akwenzileyo, wabona ukuthi kwakukuhle kakhulu. Kwahlwa, kwaba kusasa, usuku lwesithupha.