UGenesise 1:1-9
UGenesise 1:1-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba. Umhlaba wawungenasimo, ungenalutho, ubumnyama busibekele utwa. UMoya kaNkulunkulu wawuvunguza phezu kwamanzi. UNkulunkulu wathi: “Makube khona ukukhanya.” Kwaba khona ukukhanya. UNkulunkulu wabona ukuthi ukukhanya kuhle, uNkulunkulu wayesehlukanisa ukukhanya nobumnyama. UNkulunkulu wakubiza ukukhanya ngokuthi yimini, ubumnyama wabubiza ngokuthi wubusuku. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lokuqala. UNkulunkulu wathi: “Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi, ozokwehlukanisa amanzi kwamanye.” UNkulunkulu wenza umkhathi wokwehlukanisa amanzi aphansi kwawo naphezu kwawo. Kwaba njalo. UNkulunkulu wawuqamba umkhathi ngokuthi yisibhakabhaka. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesibili. UNkulunkulu wathi: “Amanzi aphansi kwesibhakabhaka mawaqoqeleke ndawonye, kuvele umhlabathi owomileyo.” Kwaba njalo.
UGenesise 1:1-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba. Umhlaba wawuyihlane elingenalutho; kwakungubumnyama phezu kotwa, kepha uMoya kaNkulunkulu wehla wenyuka phezu kwamanzi. UNkulunkulu wathi: “Makube khona ukukhanya,” kwaba khona ukukhanya. UNkulunkulu wabona ukukhanya ukuthi kuhle; uNkulunkulu wahlukanisa ukukhanya nobumnyama. UNkulunkulu wabiza ukukhanya ngokuthi imini; ubumnyama wabubiza ngokuthi ubusuku. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lokuqala. UNkulunkulu wathi: “Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi, kwahlukaniswe amanzi namanzi.” UNkulunkulu wenza umkhathi, wahlukanisa amanzi aphansi komkhathi namanzi aphezu komkhathi; kwaba njalo. UNkulunkulu wabiza umkhathi ngokuthi izulu. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesibili. UNkulunkulu wathi: “Amanzi aphansi kwezulu mawaqoqekele ndawonye, kubonakale umhlabathi owomileyo,” kwaba njalo.
UGenesise 1:1-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba. Umhlaba wawuyize, ungenalutho; Ubumnyama babuphezu kukazamcolo womhlaba futhi uMoya kaNkulunkulu wawundinda phezu kwamanzi. UNkulunkulu wathi: Makube khona ukukhanya, futhi kwaba khona ukukhanya. UNkulunkulu wabona ukuthi ukukhanya kuhle, futhi uNkulunkulu wahlukanisa ukukhanya nobumnyama. UNkulunkulu wabiza ukukhanya ngokuthi yiMini, nobumnyama wabubiza ngokuthi ubusuku. Kwaba sebusuku, kwaba ngukusa. Kwakuwusuku lokuqala. UNkulunkulu wathi: Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi, futhi mawuhlukanise amanzi nomkhathi. UNkulunkulu wenza umkhathi futhi wahlukanisa amanzi angaphansi komkhathi namanzi angaphezu komkhathi. UNkulunkulu wabiza umkhathi, futhi kwaba kusihlwa, futhi kusasa, usuku lwesibili. UNkulunkulu wathi: “Amanzi aphansi kwezulu mawaqoqekele ndawonye, kubonakale umhlabathi owomileyo.” kwaba njalo.