UGenesise 1:1-31

UGenesise 1:1-31 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba. Umhlaba wawungenasimo, ungenalutho, ubumnyama busibekele utwa. UMoya kaNkulunkulu wawuvunguza phezu kwamanzi. UNkulunkulu wathi: “Makube khona ukukhanya.” Kwaba khona ukukhanya. UNkulunkulu wabona ukuthi ukukhanya kuhle, uNkulunkulu wayesehlukanisa ukukhanya nobumnyama. UNkulunkulu wakubiza ukukhanya ngokuthi yimini, ubumnyama wabubiza ngokuthi wubusuku. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lokuqala. UNkulunkulu wathi: “Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi, ozokwehlukanisa amanzi kwamanye.” UNkulunkulu wenza umkhathi wokwehlukanisa amanzi aphansi kwawo naphezu kwawo. Kwaba njalo. UNkulunkulu wawuqamba umkhathi ngokuthi yisibhakabhaka. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesibili. UNkulunkulu wathi: “Amanzi aphansi kwesibhakabhaka mawaqoqeleke ndawonye, kuvele umhlabathi owomileyo.” Kwaba njalo. UNkulunkulu wawubiza umhlabathi owomileyo ngokuthi ngumhlaba, amanzi aqoqeleke ndawonye wawabiza ngokuthi wulwandle. UNkulunkulu wakubona ukuthi kuhle. UNkulunkulu wathi: “Makumile utshani emhlabeni, nezitshalo ezithela imbewu nezihlahla ezithela izithelo ezinembewu ngezinhlobo zazo.” Kwaba njalo. Kwamila utshani emhlabeni: izitshalo ezithela imbewu, nezihlahla ezithela izithelo ezinembewu ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wakubona ukuthi kuhle. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesithathu. UNkulunkulu wathi: “Makuvele izikhanyisi emkhathini ukuze zehlukanise imini nobusuku, zibe yinkomba yezinkathi neyezinsuku neyeminyaka, zibe yizikhanyisi esibhakabhakeni, zikhanyisele umhlaba.” Kwaba njalo. UNkulunkulu wenza izikhanyisi ezinkulu ezimbili, isikhanyisi esikhulu ukubusa emini, nesikhanyisi esincane ukubusa ebusuku, nezinkanyezi. UNkulunkulu wabeka izikhanyisi esibhakabhakeni ukuba zikhanyisele umhlaba, zibuse imini nobusuku, zehlukanise ukukhanya nobumnyama. UNkulunkulu wakubona ukuthi kuhle. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesine. UNkulunkulu wathi: “Makugcwale uswebezane lwezidalwa eziphilayo ezinhlobonhlobo emanzini, kundize izinyoni emkhathini.” UNkulunkulu wadala izilo ezinkulu zasolwandle, nezidalwa zonke ezitshuza emanzini ngezinhlobo zazo, nazo zonke ezindizayo ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wakubona ukuthi kuhle. Wazibusisa zonke izidalwa wathi: “Zalanani nande nigcwalise ulwandle.” Nasezinyonini wathi: “Yandani emhlabeni.” Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesihlanu. UNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawuveze izinhlobonhlobo zezilwane eziphilayo, ezifuywayo, ezihuquzelayo nezilwane zasendle ngezinhlobo zazo.” Kwaba njalo. UNkulunkulu wenza zonke izilwane zomhlaba ngezinhlobo zazo, nezilwane ezifuywayo ngezinhlobo zazo, nezihuquzelayo ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wakubona ukuthi kuhle. UNkulunkulu wayesethi: “Masenze abantu babe ngumfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, izinyoni zezulu, izilwane ezifuywayo, nomhlaba wonke, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo.” UNkulunkulu wamdala umuntu waba ngumfanekiso wakhe, wamenza ukuba afuze Yena, wabadala owesilisa nowesifazane, wababusisa, wathi: “Zalanani nande, nigcwalise umhlaba; niwubuse. Nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, naphezu kwezinyoni zezulu, nazo zonke izilwane ezinwabuzela emhlabeni.” UNkulunkulu wathi: “Bhekani, ngininika izinhlobo zonke zezitshalo ezithela imbewu ezimila emhlabeni wonke, nezihlahla ezithela izithelo ezinembewu ukuba nikudle. Kepha zonke izilwane zasendle, nazo zonke izinyoni emkhathini, nakho konke okuhuquzelayo emhlabeni, nakho konke okunomphefumulo, ngikunike konke okuluhlaza okumilayo ukuba kukudle.” Kwaba njalo. UNkulunkulu wakubona konke ayekudalile ukuthi kwakukuhle kakhulu. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesithupha.

UGenesise 1:1-31 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba. Umhlaba wawuyihlane elingenalutho; kwakungubumnyama phezu kotwa, kepha uMoya kaNkulunkulu wehla wenyuka phezu kwamanzi. UNkulunkulu wathi: “Makube khona ukukhanya,” kwaba khona ukukhanya. UNkulunkulu wabona ukukhanya ukuthi kuhle; uNkulunkulu wahlukanisa ukukhanya nobumnyama. UNkulunkulu wabiza ukukhanya ngokuthi imini; ubumnyama wabubiza ngokuthi ubusuku. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lokuqala. UNkulunkulu wathi: “Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi, kwahlukaniswe amanzi namanzi.” UNkulunkulu wenza umkhathi, wahlukanisa amanzi aphansi komkhathi namanzi aphezu komkhathi; kwaba njalo. UNkulunkulu wabiza umkhathi ngokuthi izulu. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesibili. UNkulunkulu wathi: “Amanzi aphansi kwezulu mawaqoqekele ndawonye, kubonakale umhlabathi owomileyo,” kwaba njalo. Okomileyo uNkulunkulu wakubiza ngokuthi umhlaba, nokuqoqeka kwamanzi wakubiza ngokuthi ulwandle; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. UNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawuveze utshani, nemifino ethela imbewu, nemithi yezithelo ethela izithelo ngezinhlobo zayo, ekuyo imbewu yayo, emhlabeni,” kwaba njalo. Umhlaba wawusuveza utshani nemifino ethela imbewu ngezinhlobo zayo, nemithi ethela izithelo ngezinhlobo zayo, ekuyo imbewu yayo; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesithathu. UNkulunkulu wathi: “Makube khona emkhathini wezulu izinkanyiso ezahlukanisa imini nobusuku, zibe yizibonakaliso zezinkathi, nezezinsuku, nezeminyaka, zibe yizinkanyiso emkhathini wezulu zokukhanyisa emhlabeni,” kwaba njalo. UNkulunkulu wazenza izinkanyiso ezimbili ezinkulu, inkanyiso enkulu ukuba ibuse imini, nenkanyiso encane ukuba ibuse ubusuku, kanye nezinkanyezi. UNkulunkulu wazifaka emkhathini wezulu ukuba zikhanyise emhlabeni, zibuse imini nobusuku, zahlukanise ukukhanya nobumnyama. UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesine. UNkulunkulu wathi: “Amanzi mawagcwale uswebezane lwezilwane eziphilayo, kundize izinyoni phezu komhlaba emkhathini wezulu.” UNkulunkulu wadala imikhomo emikhulu nezilwane zonke eziphilayo ezihambayo, amanzi agcwala zona ngezinhlobo zazo, nezinyoni zonke ezinamaphiko ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. UNkulunkulu wazibusisa, wathi: “Zalani, nande, nigcwalise amanzi aselwandle, nezinyoni zande emhlabeni.” Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesihlanu. UNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawuveze izilwane eziphilayo ngezinhlobo zazo, izinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezilo zomhlaba ngezinhlobo zazo,” kwaba njalo. UNkulunkulu wazenza izilo zomhlaba ngezinhlobo zazo, nezinkomo ngezinhlobo zazo, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. UNkulunkulu wathi: “Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezinkomo, nomhlaba wonke, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni.” UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe; wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane. UNkulunkulu wababusisa; uNkulunkulu wathi kubo: “Zalani, nande, nigcwalise umhlaba, niwunqobe, nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.” UNkulunkulu wathi: “Bhekani, ngiyaninika yonke imifino ethela imbewu, esemhlabeni wonke, nemithi yonke okukuyo izithelo zomuthi oveza imbewu, kube ngukudla kwenu. Kepha zonke izilwane zomhlaba, nezinyoni zonke zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, eziphefumulayo, zona nginike yonke imifino eluhlaza ibe ngukudla,” kwaba njalo. UNkulunkulu wabona konke akwenzileyo; bheka, kwakukuhle kakhulu. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesithupha.

UGenesise 1:1-31 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba. Umhlaba wawuyize, ungenalutho; Ubumnyama babuphezu kukazamcolo womhlaba futhi uMoya kaNkulunkulu wawundinda phezu kwamanzi. UNkulunkulu wathi: Makube khona ukukhanya, futhi kwaba khona ukukhanya. UNkulunkulu wabona ukuthi ukukhanya kuhle, futhi uNkulunkulu wahlukanisa ukukhanya nobumnyama. UNkulunkulu wabiza ukukhanya ngokuthi yiMini, nobumnyama wabubiza ngokuthi ubusuku. Kwaba sebusuku, kwaba ngukusa. Kwakuwusuku lokuqala. UNkulunkulu wathi: Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi, futhi mawuhlukanise amanzi nomkhathi. UNkulunkulu wenza umkhathi futhi wahlukanisa amanzi angaphansi komkhathi namanzi angaphezu komkhathi. UNkulunkulu wabiza umkhathi, futhi kwaba kusihlwa, futhi kusasa, usuku lwesibili. UNkulunkulu wathi: “Amanzi aphansi kwezulu mawaqoqekele ndawonye, kubonakale umhlabathi owomileyo.” kwaba njalo. UNkulunkulu wabiza umhlabathi owomileyo ngokuthi umhlaba; nokuqoqeka kwamanzi wakubiza ngokuthi ulwandle; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. UNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawuveze utshani, izitshalo ezithela imbewu, nemithi yezithelo ethela izithelo ngezinhlobo zayo, ekuyo imbewu yayo, emhlabeni.” kwaba njalo. Umhlaba waveza utshani, nezitshalo ezithela imbewu ngezinhlobo zazo, nemithi ethela izithelo, ekuyo imbewu yayo ngezinhlobo zayo; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. Kwaba ngukuhlwa, kwaba kusasa, usuku lwesithathu. UNkulunkulu wathi: “Makube khona emkhathini wezulu izinkanyiso zehlukanise imini nobusuku; futhi mazibe izibonakaliso nezinkathi nezinsuku neminyaka. Futhi mabasebenze njengezinkanyiso emkhathini wezulu ukuze zikhanyise emhlabeni; futhi kwenzeka kanje. UNkulunkulu wenza izinkanyiso ezimbili ezinkulu; ukukhanya okukhulu ukubusa emini nokukhanya okuncane ukubusa ebusuku; Wenza nezinkanyezi. UNkulunkulu wazibeka emkhathini wezulu ukuba zikhanyise emhlabeni; Futhi ukubusa imini nobusuku, kanye nokuhlukanisa ukukhanya nobumnyama, futhi uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. Kwaba ngukuhlwa, kwaba kusasa, usuku lwesine. UNkulunkulu wathi: “Amanzi mawagcwale uswebezane lwezilwanyana ezinwabuzelayo, nezinyoni ezindiza phezu komhlaba emkhathini wezulu.” UNkulunkulu wenza imikhomo emikhulu nazo zonke izidalwa eziphilayo ezihambayo, amanzi akhiqiza ngobuningi ngezinhlobo zazo, nezinyoni zonke ezinamaphiko ngezinhlobo zazo; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. UNkulunkulu wazibusisa, wathi: “Zalani, nande, nigcwalise amanzi olwandle, nezinyoni mazande emhlabeni. Kwasekukusihlwa, kusasa kwaba lilanga lesihlanu. UNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawuveze izilwane eziphilayo ngezinhlobo zazo: izinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezilo zomhlaba ngezinhlobo zazo; futhi kwenzeka kanje. UNkulunkulu wazenza izilwane zomhlaba ngezinhlobo zazo, nezinkomo ngezinhlobo zazo, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. UNkulunkulu wathi: Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, phezu kwezinyoni zezulu, naphezu kwezinkomo, naphezu kwazo zonke izilwane ezinwabuzelayo emhlabeni wonke. UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe, wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane. UNkulunkulu wababusisa, wathi kubo: Zalani, nande, nihlale emhlabeni, niwulime. Nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni. UNkulunkulu wathi: Bhekani, ngiyaninika zonke izimila ezithela imbewu, ezisemhlabeni wonke, nemithi yonke ethela izithelo ethela imbewu; kufanele kube ngukudla kini. Kepha zonke izilwane zomhlaba, nezinyoni zonke zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, okukhona kuzo ukuphila, ngazinika zonke izitshalo eziluhlaza zibe ngukudla. Kwenzeka kanje. UNkulunkulu wabheka konke akwenzileyo, wabona ukuthi kwakukuhle kakhulu. Kwahlwa, kwaba kusasa, usuku lwesithupha.