KwabaseGalathiya 5:13-14
KwabaseGalathiya 5:13-14 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngokuba nina, bazalwane, nabizelwa enkululekweni; Kuphela ningasebenzisi inkululeko ibe yithuba enyameni, kodwa khonzanani ngothando. Ngokuba umthetho wonke ugcwaliswa ezwini linye nakuleli; Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.
KwabaseGalathiya 5:13-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba nina bazalwane nabizelwa enkululekweni, ningayisebenzisi-ke inkululeko njengezaba zokwenza imisebenzi yenyama, kodwa khonzanani ngothando. Ngokuba umthetho wonke uqoqwe ezwini linye lokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”
KwabaseGalathiya 5:13-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni. Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando. Ngokuba umthetho wonke ugcwalisiwe ezwini linye lokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengokuba uzithanda wena.”
KwabaseGalathiya 5:13-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)