U-Ezra 7:1-10
U-Ezra 7:1-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Emveni kwalokho, ngesikhathi sokubusa kwenkosi u-Arithahishashitha ePheresiya, u-Ezra, indodana kaSeraya, ka-Azariya kaHilikiya, kaShalumi, kaZadoki, ka-Ahithubi, ka-Amariya, kaMerayothi, kaZeraya, ka-Uzi, kaBhuki, ka-Abhishuwa, kaFinehasi, ka-Eleyazari, ka-Aroni, umphristi omkhulu, lowo Ezra wasuka eBhabhele waya eJerusalema. Wayengumbhali onekhono emthethweni kaMose ayewunikwe nguSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli; inkosi yamnika konke akucelayo, ngokuba isandla sikaSimakade uNkulunkulu wakhe sasinaye. U-Ezra waphuma eBhabhele ngonyaka wesikhombisa wokubusa kuka-Arithahishashitha, waya eJerusalema nabanye bakwa-Israyeli, abaphristi, abaLevi, abaculi, abalindisango nezisebenzi zasethempelini. Bafika eJerusalema ngenyanga yesihlanu, ngonyaka wesikhombisa wokubusa kwenkosi. Baphuma eBhabhele ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala, kwathi ngosuku lokuqala lwenyanga yesihlanu, bafika eJerusalema, ngokuba isandla somusa sikaNkulunkulu wakhe sasinaye, ngokuba inhliziyo ka-Ezra yayigxile ekufundeni umthetho kaSimakade, nokuwenza, nokufundisa izimiso nemithetho kwa-Israyeli.
U-Ezra 7:1-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Emva kwalezi zinto, ekubuseni kuka-Aritahishashita, inkosi yasePheresiya, u-Ezra, indodana kaSeraya, indodana ka-Azariya, indodana kaHilikiya, indodana kaShalumi, indodana kaSadoki, indodana ka-Ahithubi, indodana ka-Amariya, indodana ka-Azariya, indodana kaMerayoti, indodana kaSeragiya, indodana ka-Uzi, indodana kaBuki, indodana ka-Abishuwa, indodana kaFinehasi, indodana ka-Eleyazare, indodana ka-Aroni, umpristi omkhulu; U-Ezra lo wenyuka evela eBhabhiloni; futhi wayengumbhali ohlakaniphile emthethweni kaMose uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ayewunike wona; Abanye babantwana bakwa-Israyeli nabanye babapristi namaLevi nabahlabeleli nabalindisango namaNethini bakhuphukela eJerusalema ngonyaka wesikhombisa wenkosi u-Aritahishashita. Wafika eJerusalema ngenyanga yesihlanu, ngonyaka wesikhombisa wenkosi. Ngoba ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala waqala ukukhuphuka eBhabhiloni, futhi ngosuku lokuqala lwenyanga yesihlanu wafika eJerusalema, ngokwesandla esihle sikaNkulunkulu wakhe esasiphezu kwakhe. U-Ezra walungisa inhliziyo yakhe ukufuna umthetho kaJehova nokuwenza nokufundisa izimiso nezahlulelo kwa-Israyeli.
U-Ezra 7:1-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Emva kwalokho esabusa u-Aritahishashita, inkosi yasePheresiya, u-Ezra kaSeraya ka-Azariya kaHilikiya, kaShalumi kaSadoki ka-Ahithubi ka-Amariya ka-Azariya kaMerayoti kaZeraya ka-Uzi kaBuki ka-Abishuwa kaFinehasi ka-Eleyazare ka-Aroni umpristi omkhulu, u-Ezra lo wakhuphuka eBabele; wayengumbhali echwepheshile emthethweni kaMose awunikiweyo nguJehova uNkulunkulu ka-Israyeli; inkosi yamnika konke akucelayo ngokwesandla sikaJehova uNkulunkulu wakhe esasiphezu kwakhe. Kwakhuphuka nabanye abantwana bakwa-Israyeli, nabapristi, namaLevi, nabahlabeleli, nabalindisango, namaNethini,* baya eJerusalema ngomnyaka wesikhombisa ka-Aritahishashita inkosi. Wafika eJerusalema ngenyanga yesihlanu ngomnyaka wesikhombisa wenkosi. Ngokuba ngolokuqala lwenyanga yokuqala waqala ukukhuphuka eBabele; ngolokuqala lwenyanga yesihlanu wafika eJerusalema ngokwesandla esihle sikaNkulunkulu wakhe esasiphezu kwakhe, ngokuba u-Ezra wayebhekise inhliziyo yakhe ukufuna umthetho kaJehova, nokwenza nokufundisa izimiso nezahlulelo kwa-Israyeli.