U-Ezra 5:1-17

U-Ezra 5:1-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Abaprofethi, uHagayi umprofethi noZakariya indodana ka-Ido, baprofetha kubaJuda ababekwaJuda naseJerusalema ngegama likaNkulunkulu ka-Israyeli owayephezu kwabo. Kwase kusuka uZerubabele indodana kaSheyalitiyeli noJeshuwa, indodana kaJosadaki, baqala ukwakha indlu kaNkulunkulu eseJerusalema; abaprofethi bakaNkulunkulu babenabo bebasiza. Ngasona leso sikhathi kwafika kubo uThathenayi, umbusi phesheya koMfula,* noShethati Bozenayi, nabangane babo, basho kanje kubo, bathi: “Ngubani owaniyaleza ukwakha le ndlu nokuqeda lolu gange na?” Khona sabatshela ukuthi angobani amagama abantu abakha le ndlu. Kepha iso likaNkulunkulu wabo laliphezu kwamalunga abaJuda, ababathiyanga, ize iye leyo ndaba kuDariyu, kubuyiselwe impendulo ngayo ngencwadi. Nansi impinda yencwadi uThathenayi, umbusi waphesheya koMfula,* noShethari Bozenayi, nabangane bakhe ama-Afarisaki ayengaphesheya koMfula* abayithuma kuDariyu inkosi; bathuma incwadi kuye okulotshwe kuyo ukuthi: “KuDariyu inkosi; makube ngukuthula konke. “Makwazeke enkosini ukuthi saya ezweni lakwaJuda endlini kaNkulunkulu omkhulu eyakhiwe ngamatshe amakhulu, imithi ifakwe ezindongeni; lo msebenzi uqhubeka ngesineke, unempumelelo ezandleni zabo. “Sase sibuza kulawo malunga, sasho kuwo kanje, sathi: ‘Ngubani owaniyaleza ukwakha le ndlu nokuqeda lolu gange na?’ Sabuza namagama abo ukuba sikwazise, sibhale amagama abantu ababe yizinhloko zabo. “Babuyisela impendulo kithi, bathi: ‘Thina siyizinceku zikaNkulunkulu wezulu nomhlaba, sakha indlu ekade yakhiwa sekudlule iminyaka eminingi, eyakhiwa yinkosi enkulu yakwa-Israyeli, yaqedwa. Kepha ngokuba obaba bese bemthukuthelisile uNkulunkulu wezulu, wabanikela esandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele, umKaledi, owachitha le ndlu, wabamukisa, wabayisa eBabele. “ ‘Kepha ngomnyaka wokuqala kaKoresi inkosi yaseBabele, uKoresi inkosi wakhipha isimemezelo sokuba kwakhiwe le ndlu kaNkulunkulu. Futhi izitsha zegolide nezesiliva zendlu kaNkulunkulu azikhipha uNebukadinesari ethempelini elaliseJerusalema wazingenisa ethempelini laseBabele, zona lezo uKoresi inkosi wazikhipha ethempelini laseBabele, zanikwa omunye ogama lakhe lalinguSheshebasari, owayemenze umbusi; wathi kuye: “Thatha lezi zitsha, uye uzibeke ethempelini eliseJerusalema, indlu kaNkulunkulu yakhiwe endaweni yayo.” Wayesefika lowo Sheshebasari, wabeka izisekelo zendlu kaNkulunkulu eseJerusalema; kusukela kuleso sikhathi kuze kube manje isakhiwa njalo, kayikapheli.’ “Ngalokho uma kukuhle enkosini, makucingwe endlini yengcebo yenkosi elapho eBabele ukuba kunjalo yini ukuthi uKoresi inkosi wakhipha isimemezelo sokuba kwakhiwe le ndlu kaNkulunkulu eJerusalema; inkosi mayithume kithi inhloso yayo ngalokho.”

Dlulisela
Funda U-Ezra 5

U-Ezra 5:1-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Abaprofethi, uHagayi umprofethi, noZakariya, indodana ka-Ido, baprofetha ngenxa yabaJuda ababekwaJuda naseJerusalema egameni likaNkulunkulu ka-Israyeli. Khona-ke uZerubabele indodana kaSheyalitiyeli noJeshuwa indodana kaJehoshadaki basukuma baqala ukwakha indlu kaNkulunkulu eseJerusalema, kanye nabaprofethi bakaNkulunkulu ababebasiza. Ngalesosikhathi uThathenayi umbusi osentshonalanga komfula, loSetharibhosnayi labangane babo beza kubo, bathi kubo: Ngubani oniyale ukwakha le ndlu, lakhe lolugange? Sasesisithi kubo: Angobani amagama amadoda akha lesi sakhiwo? Kodwa ilihlo likaNkulunkulu wabo laliphezu kwabadala bamaJuda, ukuthi kabazange bawayeke kuze kufike udaba kuDariyu; basebephendula ngencwadi ngaloludaba. Ikhophi yencwadi uThathenayi, umbusi wangasentshonalanga yoMfula, noShethari Bosnayi nabangane bakhe, ama-Afarizagi ayephesheya komfula, abayithumela kuDariyu inkosi: Basebemthumelela incwadi okwakulotshwe kuyo; Enkosini uDariyu, ukuthula konke! Makwazeke enkosini ukuthi singenile ezweni lakwaJuda, endlini kaNkulunkulu omkhulu, eyakhiwe ngamatshe amakhulu, nemithi ibekwe ezindongeni; lomsebenzi uqhutshwa masinyane, abaphumelelayo ezandleni zabo. Sase sibuza kulawo maxhegu, sathi kuwo: “Ngubani owaniyaleza ukuba nakhe le ndlu, nakhe lezi zindonga na? Sabuza futhi amagama abo ukuze sikuqinisekise, ukuze sibhale amagama amadoda ayeyizinhloko zawo. Base besiphendula bathi: “Siyizinceku zikaNkulunkulu wezulu nomhlaba, sakha indlu eyakhiwa eminyakeni eminingi edlule, eyakhiwa yinkosi enkulu yakwa-Israyeli, yayakha.” Kodwa ngemva kokuba okhokho bethu bemthukuthelisile uNkulunkulu wezulu, wabanikela esandleni sikaNebukadinesari, inkosi yaseBhabhiloni, umKhaledi, owachitha le ndlu futhi wathumba abantu wabayisa eBhabhiloni. Kepha ngomnyaka wokuqala kaKoresi inkosi yaseBabele, uKoresi inkosi wakhipha umyalo wokuba kwakhiwe le ndlu kaNkulunkulu. Futhi izitsha zegolide nezesiliva zendlu kaNkulunkulu uNebukadinesari azikhipha ethempelini eliseJerusalema nasethempelini laseBhabhiloni, uKoresi inkosi wazithatha ethempelini laseBhabhiloni, zanikezwa ogama lakhe lalinguyise. USheshebazari, owamenza umbusi; Wathi kuye: “Thatha lezi zitsha, uhambe, uzilethe ethempelini eliseJerusalema, indlu kaNkulunkulu yakhiwe endaweni yayo.” Wayesefika yena loSheshibazari, wabeka isisekelo sendlu kaNkulunkulu eseJerusalema; Uma manje kukuhle enkosini, makuphenywe endlini yengcebo yenkosi elapho eBabele, ukuthi kuyicala yini elamiswa nguKoresi inkosi ukuba kwakhiwe le ndlu kaNkulunkulu eJerusalema, inkosi mayisithumele intokozo yayo kule ndaba.

Dlulisela
Funda U-Ezra 5

U-Ezra 5:1-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Abaphrofethi, uHagayi noZakhariya, indodana ka-Ido, baphrofetha kubaJuda ababehlala kwaJuda naseJerusalema egameni likaNkulunkulu ka-Israyeli owayebabusa. Emveni kwalokho uZerubhabhele, indodana kaSheyalitiyeli noJeshuwa, indodana kaJozadakhi, baqala ukwakha kabusha indlu kaNkulunkulu eJerusalema, besizwa ngabaphrofethi. Ngaso leso sikhathi uThathenayi, umbusi wasentshonalanga yeYufrathe noShethari Bhozenayi, nabangani babo bakhuluma nabo, bathi: “Ngubani onigunyaze ukwakha le ndlu, nokuqeda lesi sakhiwo na?” Babuza bathi: “Ngobani amagama amadoda akhe lesi sakhiwo na?” Kepha uNkulunkulu wabo wayenabo, ngakho-ke izikhulu zakwaJuda zanquma ukungawumisi umsebenzi zize zibhalele uDariyu, zithole kuye impendulo. Nanti ifuzela lencwadi uThathenayi, umbusi wasentshonalanga yeYufrathe, noShethari Bhozenayi, nabangani babo ababesesifundazweni esasisentshonalanga yeYufrathe, abayithumela kuDariyu, inkosi. Bayithumelela umbiko owawubhalwe kanje: “KuDariyu, inkosi, makube ngukuthula konke! “Makwazeke enkosini ukuthi siyile esifundazweni kwaJuda, endlini kaNkulunkulu omkhulu eyakhiwe ngamatshe amakhulu, kwafakwa namapulangwe ezindongeni. Lowo msebenzi uqhubeka ngesineke, bayaphumelela ukuwenza. “Sase sikhuluma nalezo zikhulu, sababuza sathi: ‘Ngubani onigunyaze ukwakha le ndlu, nokuqeda lesi sakhiwo na?’ Sibuye sazibuza namagama azo, sawabhala, ukuze sikwazise ukuthi bangobani abaholi balo msebenzi. “Nansi impendulo eziphendula ngayo: ‘Siyizikhonzi zikaNkulunkulu wasezulwini nasemhlabeni, sakha kabusha indlu eyayakhiwe eminyakeni eminingi eyedlule, inkosi yakwa-Israyeli enamandla eyayiyakhe yayiqeda. Kepha okhokho bethu bamthukuthelisa uNkulunkulu wasezulwini, wayesevumela inkosi yaseBhabhele, uNebukhadinezari, inkosi yombuso wamaKhaledi, ukuba ibanqobe. Yabhubhisa le ndlu, abantu yabathumba yabasa eBhabhele. “ ‘Kepha ngonyaka wokuqala wokubusa kwenkosi uKhoresi eBhabhele, yakhipha isimemezelo sokuthi le ndlu kaNkulunkulu kumele yakhiwe kabusha. Yazibuyisela eJerusalema zonke izitsha zegolide nesiliva zasendlini kaNkulunkulu ezazithathwe nguNebukhadinezari ethempelini eJerusalema, wayozibeka ethempelini eBhabhele. UKhoresi wazikhipha lezo zitsha wazinika indoda egama layo linguSheshibhazari, wayeseyibeka ukuba ngumbusi kwaJuda. Yathi kuye: “Thatha lezi zitsha, uhambe nazo, uzibeke ethempelini eJerusalema, indlu kaNkulunkulu yakhiwe kabusha esizeni sayo.” “ ‘Ngakho-ke uSheshibhazari wafike wabeka izisekelo zendlu kaNkulunkulu eJerusalema; kusukela ngaleso sikhathi kuze kube manje isakhiwa, ayikaqedwa.’ “Manje uma kukuhle enkosini, vuma ukuba kuphenywe endlini yemiqulu yemilando yasebukhosini baseBhabhele ukuze kubonakale ukuthi ngempela inkosi uKhoresi yayiwushayile yini umthetho wokuthi akwakhiwe kabusha indlu kaNkulunkulu eJerusalema. Inkosi mayisazise ukuthi ihlose ukuba kwenziweni ngalolu daba.”

Dlulisela
Funda U-Ezra 5