U-Ezra 4:1-16

U-Ezra 4:1-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi ukuba izitha zamadoda akwaJuda nawakwaBhenjamini zizwe ukuthi labo ababebuye ekuthunjweni sebelakha kabusha ithempeli likaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, zaya kuZerubhabhele nasezinhlokweni zemindeni, zathi kubo: “Masinisize nathi ekwakheni, ngokuba sikhonza uNkulunkulu njengani; besilokhu sethula imihlatshelo kuye kusukela ngezinsuku zika-Esari Hadoni, inkosi yase-Asiriya, okunguyena owasiletha lapha.” Kepha uZerubhabhele noJeshuwa nabanye ababeyizinhloko zemindeni yakwa-Israyeli babaphendula bathi: “Aninalo ilungelo lokusisiza ekwakheni indlu kaNkulunkulu wethu; yithina ngokwethu esizomakhela uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli; nguKhoresi, inkosi yasePheresiya, osiyale ukuba senze kanjalo.” Abantu bendawo bazama ukubadikibalisa abantu bakwaJuda ababebuye ekuthunjweni, ukuze bayeke ukwakha indu. Zafumbathisa izikhulu ukuba zimelane nesu labo ngesikhathi sokubusa kukaKhoresi, inkosi yasePheresiya, kwaze kwaba ngesokubusa kukaDariyu, inkosi yasePheresiya. Ngesikhathi sokubusa kuka-Ahasheveroshi, esaqala nje ukubusa, izitha zabhala incwadi zimangalela izakhamuzi zakwaJuda naseJerusalema. Sekubusa u-Arithahishashitha, inkosi yasePheresiya, uBhishilamu, uMithiredathi, uThabeheli nabo bonke ababebambisene nabo babhalela u-Arithahishashitha, inkosi yasePheresiya, incwadi ngesi-Aramayikhi, bayihumusha. URehumi, umbusi noShimishayi, unobhala, babhala incwadi emelana neJerusalema, bayiqondisa enkosini u-Arithahishashitha, ithi: URehumi umbusi, umShimshayi unobhala, nabanye, nabo bonke abangani babo, abehluleli nazo zonke izikhulu ezidabuka e-Erekhi, eBhabhele naseShushani ezweni lama-Elamu, nazo zonke izizwe ezathunjwa ngu-Osinaphari omkhulu nonamandla wazihlalisa emzini eSamariya nakwezinye izindawo, esifundazweni entshonalanga yeYufrathe. Leli yifuzela lencwadi abayithumela ku-Arithahishashitha, inkosi: “Le ncwadi ivela ezincekwini zakho, amadoda asentshonalanga yeYufrathe. “Sifuna ukuyazisa inkosi ukuthi abaJuda abavela ezindaweni zakho sebefike eJerusalema bawakha kabusha umuzi ohlubukayo nomubi. Sebeqedile ukwakha kabusha izingange, nokuvuselela izisekelo. “Manje makwazeke enkosini ukuthi uma lo muzi nezingange zawo kwakhiwa kabusha kuphele, abantu bazoyeka ukukhokha intela, imali yendlela, nentela yasebukhosini izokwehla. Manje, ngoba thina sikukhonze ngempela nkosi, asifuni le nto yenzeke, asifuni ukubona inkosi idelelwa; ngakho-ke sithumele ukuzokwazisa inkosi ngalokhu, ukuze kuphenywe emiqulwini yemilando yokhokho bakho. Uyokuthola kuyo ukuthi lo muzi bewuhlale uwuhlupho, uvukela umbuso, nokuthi kusukela emandulo amakhosi nababusi bezifunda bewubahlalisa lubhojozi. Abantu bakhona bavele bangamambuka, yingakho nje umuzi wabhujiswa. Makwazeke enkosini ukuthi uma lo muzi nezingange zawo kwakhiwa kabusha kuphele, ngeke usathola sabelo esifundeni esingaphesheya komfula.”

Dlulisela
Funda U-Ezra 4

U-Ezra 4:1-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwathi izitha zakwaJuda noBenjamini zizwa ukuthi abantwana bokuthunjwa bamakhele uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ithempeli; Base befika kuZerubabele nasezinhloko zawoyise, bathi kubo: “Masakhe kanye nani, ngokuba sifuna uNkulunkulu wenu njengani; siyamhlabela kusukela emihleni ka-Esarihadoni, inkosi yase-Asiriya, owasiletha lapha. Kepha oZerubabele noJeshuwa nezinye izinhloko zawoyise bakwa-Israyeli bathi kubo: “Anihlangene nathi ukwakhela uNkulunkulu wethu indlu; kepha thina ngokwethu siyakwakhela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ndawonye, njengalokho inkosi uKoresi inkosi yasePheresiya yasiyala. Abantu bezwe babenza buthakathaka izandla zabantwana bakwaJuda, babaphazamisa ngesakhiwo; Wabaqasha abeluleki ukuba bachithe icebo labo, zonke izinsuku zikaKoresi, inkosi yasePheresiya, kwaze kwaba sekubuseni kukaDariyu inkosi yasePheresiya. Kwathi ekubuseni kuka-Ahashiveroshi, ekuqaleni kokubusa kwakhe, bamlobela incwadi yecala kwabakhileyo kwaJuda naseJerusalema. Emihleni ka-Aritahishashita, uBislam, noMitredati, uThabeli nabanye abangane babo balobela u-Aritahishashita inkosi yasePheresiya; ukubhalwa kwencwadi kulotshiwe ngesi-Aramu, kwahunyushwa ngesi-Aramu. URehumi, umbusi, noShimishayi, umbhali, balobela inkosi u-Aritahishashita incwadi ngeJerusalema; Base bebhala uRehume umbusi, noShimishayi, umbhali, nabanye abangane babo; namaDina, nama-Afarzati, namaTarpeli, nama-Afarsite, nama-Arigi, nama-Babele, namaShushani, namaDehavi, nama-Elamu, Nezinye izizwe, u-Asnapari omkhulu nohloniphekayo azithatha, wazihlalisa emizini yaseSamariya, nezinye ezingaphesheya koMfula, nangaleso sikhathi. Nansi ikhophi yencwadi abayithumela kuye inkosi u-Aritahishashita; Izinceku zakho, amadoda nganeno komfula, futhi ngaleso sikhathi. Makwazeke enkosini ukuthi amaJuda akhuphukele kithi evela kuwe efika eJerusalema ukwakha umuzi ohlubukayo nomubi, akha izingange zawo, ahlanganisa izisekelo. Manje makwazeke enkosini ukuthi uma lo muzi wakhiwe futhi izingange zibuye zivuswe, ngeke bakhokhise intela, intela, nentela, futhi kanjalo uyobeka engozini inzuzo yamakhosi. Ngoba manje sinegunya lendlu yenkosi, futhi kwakungafaneleki ngathi ukubona ihlazo lenkosi, ngakho-ke sathumela sayiqinisa inkosi; ukuze liphenywe egwalweni lwemilando yawoyihlo; ngalokho nizakufumana encwadini yezindaba zemihla ngemihla, nazi ukuthi lo muzi ungumuzi ohlubukayo noyingozi emakhosini nasezifundeni, nokuthi babhebhethekisa ukuhlubuka phakathi kwawo. Okufanayo kwasendulo: kungani lo muzi wachithwa. Siyayitshela inkosi ukuthi, uma lo muzi uvuselelwa futhi izingange zawo ziphakanyiswa, ngeke ube nasabelo ngale ndlela ngaphesheya komfula.

Dlulisela
Funda U-Ezra 4

U-Ezra 4:1-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi lapho izitha zakwaJuda nezakwaBenjamini sezizwile ukuthi abathunjwa bakhela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ithempeli, zasondela kuZerubabele nakuzo izinhloko zawoyise, zathi kubo: “Masakhe nani, ngokuba sifuna uNkulunkulu wenu njengani, sinikela kuye kwasemihleni ka-Esari Hadoni inkosi yase-Asiriya owasikhuphulela lapha.” Kepha oZerubabele noJeshuwa nensali yezinhloko zawoyise bakwa-Israyeli bathi kuzo: “Aninandaba nathi yokwakhela uNkulunkulu wethu indlu, kepha thina sodwa siyakumakhela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli njengokusiyala kwenkosi uKoresi, inkosi yasePheresiya.” Abantu balelo zwe base bedangalisa izandla zabantu bakwaJuda, babesabisa ekwakheni, babaqashela abeluleki, bashafisa amasu abo zonke izinsuku zikaKoresi, inkosi yasePheresiya, kwaze kwaba sekubuseni kukaDariyu inkosi yasePheresiya. Ekubuseni kuka-Ahashiveroshi, ekuqaleni kokubusa kwakhe, baloba bamangalela abakhileyo kwaJuda naseJerusalema. Emihleni ka-Aritahishashita oBishilamu, noMithiredati, noThabeyeli, nabanye abangane bakhe baloba ku-Aritahishashita inkosi yasePheresiya; okulotshiweyo kwakunjengokulotshwa kwesi-Aramu, kwachazwa ngesi-Aramu. URehumi unqamulajuqu noShimshayi, umbhali, babhala incwadi enje ku-Aritahishashita inkosi ngeJerusalema ngokuthi: URehumi unqamulajuqu noShimshayi, umbhali, nabanye abangane babo, amaDinayi, nama-Afarisathiki, namaTharipheli, nama-Afarisi, nama-Arikhevi, nabaseBabele, namaShushaniki, namaDehavi, nama-Elamu, nezinye izizwe ezathunjwa ngu-Osinaphari omkhulu nodumileyo, zahlaliswa emzini waseSamariya nakwelinye phesheya koMfula,* nokuthi nokuthi. Nansi impinda yencwadi abayithuma ku-Aritahishashita inkosi yokuthi: “Izinceku zakho, abantu abaphesheya koMfula,* nokuthi nokuthi. “Makwazeke enkosini ukuthi abaJuda abakhuphuka kuwe sebefikile kithi eJerusalema; bayawakha umuzi ohlubukileyo nonengekayo; sebeyakuqeda izingange, bahlanganise izisekelo. “Makwazeke enkosini, kalokhu, ukuthi uma lo muzi wakhiwa, ziqedwe izingange, abayikuthela intela, nenkokhiso, nemali yendlela, okuyakulimaza amakhosi ekugcineni. Njengokuba manje sidla usawoti wendlu yenkosi, kungasifanele ukuba sibone ihlazo lenkosi, ngalokho sithumele sayazisa inkosi ukuba kucingwe encwadini yezindaba yawoyihlo; uyakufumana encwadini yezindaba, wazi ukuthi lo muzi ungumuzi ohlubukayo, olimaza amakhosi namazwe, nokuthi benzile ukwambuka phakathi kwawo kwasendulo; ngalokho lo muzi wachithwa. Siyazisa inkosi ukuthi uma lo muzi wakhiwa, ziqedwe izingange zawo, ngalokho awusayikuba nasiqephu phesheya koMfula.”*

Dlulisela
Funda U-Ezra 4