U-Ezra 3:3-4
U-Ezra 3:3-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Noma izizwe ezazibazungezile zazibesabisa, balakha kabusha i-althare phezu kwezisekelo zalo, base benikela phezu kwalo kuSimakade iminikelo yokushiswa, iminikelo yokushiswa yasekuseni neyakusihlwa. Bagubha umkhosi wamadokodo, njengokomthetho, banikela ngeminikelo yokushiswa usuku nosuku, ngokwenani elinqunyelwe usuku nosuku, njengoba kulotshiwe.
U-Ezra 3:3-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Balimisa i-altare endaweni yalo, ngokuba babe novalo ngenxa yabantu balawo mazwe, banikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova phezu kwalo, yebo, iminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa. Bagcina umkhosi wamadokodo njengokulotshiweyo, banikela ngeminikelo yokushiswa imihla ngemihla ngomumo njengokomthetho nanjengokwesiyalezo sezinsuku ngezinsuku
U-Ezra 3:3-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Balibeka i-altare ezisekelweni zalo; ngoba ukwesaba kwakuphezu kwabo ngenxa yabantu balawomazwe; banikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova phezu kwalo, iminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa. Bagcina nomkhosi wamadokodo njengokulotshiweyo, banikela ngeminikelo yokushiswa imihla ngemihla njengenani, njengomthetho, njengemfanelo yosuku ngalunye