U-Ezra 3:1-13

U-Ezra 3:1-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ekuqaleni kwenyanga yesikhombisa, abantu bakwa-Israyeli sebesemizini, bahlangana bonke ngothi lwabo eJerusalema. UJeshuwa, indodana kaJozadaki, nabanye abaphristi noZerubhabhele, indodana kaSheyalitiyeli, nabafowabo, balakha kabusha i-althare likaNkulunkulu ka-Israyeli ukuze kunikelwe phezu kwalo iminikelo yokushiswa, njengoba kulotshiwe emthethweni kaMose, umuntu kaNkulunkulu. Noma izizwe ezazibazungezile zazibesabisa, balakha kabusha i-althare phezu kwezisekelo zalo, base benikela phezu kwalo kuSimakade iminikelo yokushiswa, iminikelo yokushiswa yasekuseni neyakusihlwa. Bagubha umkhosi wamadokodo, njengokomthetho, banikela ngeminikelo yokushiswa usuku nosuku, ngokwenani elinqunyelwe usuku nosuku, njengoba kulotshiwe. Emveni kwalokho baletha iminikelo yokushiswa ejwayelekile, eyokwethwasa kwenyanga, eyayo yonke imikhosi emisiweyo kaSimakade neminikelo yesihle eyayinikelwa ngabantu kuSimakade. Ngosuku lokuqala, ngenyanga yesikhombisa, baqala ukunikela iminikelo yokushiswa kuSimakade, nanxa isisekelo sethempeli lakhe sasingakabekwa. Abantu bakhokhela ababazi bamatshe, nababazi bokhuni, nabakhi imali; banika amaSidoni nabaseThire ukudla, okuphuzwayo namafutha ukuze balande imisedari eLebhanoni, bayilethe olwandle eJopha, ngokwemvume kaKhoresi, inkosi yasePheresiya. Ngenyanga yesibili, ngonyaka wesibili bebuyele endlini kaNkulunkulu eJerusalema, uZerubhabhele, indodana kaSheyalitiyeli noJeshuwa, indodana kaJozadakhi, nabo bonke abafowabo nabaphristi nabaLevi nabo bonke ababeseJerusalema bebuya ekuthunjweni, bawuqala umsebenzi. Baqoka abaLevi, ababeneminyaka engaphezu kwama-25 ukuba bengamele izisebenzi ezazisebenza endlini kaSimakade. UJeshuwa namadodana akhe, nabafowabo, noKhadimiyeli namadodana akhe, uBhinuyi noHodaviya namadodana kaHenadadi, umLevi, amadodana abo nabafowabo bonke bengamela izisebenzi zasendlini kaNkulunkulu. Lapho abakhi bebeka isisekelo sethempeli likaSimakade, abaphristi bagqoka izingubo zabo zobuphristi, baphatha amacilongo. AbaLevi ababengamadodana ka-Asafa bathatha amasimbali, bahlabelela bedumisa uSimakade njengesimiso sikaDavide, inkosi yakwa-Israyeli. Babemdumisa uSimakade, bembonga ngamaculo, becula bethi: “Ngokuba uSimakade muhle, umusa wakhe umi phakade ku-Israyeli.” Bonke abantu bakhamuluka, bamemeza kakhulu ngentokozo, bedumisa uSimakade lapho bebona kubekwa isisekelo sendlu yakhe. Abaningi babaphristi, abaLevi, izinhloko zemindeni nabantu abadala ababeyibonile indlu yokuqala, bakhala ngezwi elikhulu lapho bezibonela ngawabo kubekwa isisekelo saleyo ndlu; abaningi babememeza ngentokozo. Umsindo wawumkhulu kangangokuthi wawuzwakala ukude, kodwa umuntu wayengekwazi ukwehlukanisa noma ungowokujabula noma ungowokukhala.

Dlulisela
Funda U-Ezra 3

U-Ezra 3:1-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwathi ekufikeni kwenyanga yesikhombisa abantwana bakwa-Israyeli besemizini, abantu babuthana njengomuntu munye eJerusalema. Khona-ke uJeshuwa, indodana kaJosadaki, nabafowabo, abapristi, noZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, nabafowabo, bakha i-altare likaNkulunkulu ka-Israyeli ukuze banikele phezu kwalo iminikelo yokushiswa njengokulotshiweyo emthethweni uMose umuntu kaNkulunkulu. Balibeka i-altare ezisekelweni zalo; ngoba ukwesaba kwakuphezu kwabo ngenxa yabantu balawomazwe; banikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova phezu kwalo, iminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa. Bagcina nomkhosi wamadokodo njengokulotshiweyo, banikela ngeminikelo yokushiswa imihla ngemihla njengenani, njengomthetho, njengemfanelo yosuku ngalunye; Emva kwalokho wanikela ngomnikelo oshiswa imihla yonke, owethwasa kwenyanga nowemikhosi yonke kaJehova eyayingcwelisiwe, nowawo wonke umuntu owanikela ngesihle kuJehova. Kusukela ngosuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa baqala ukunikela iminikelo yokushiswa kuJehova. Kodwa isisekelo sethempeli likaJehova sasingakabekwa. Banika abakhi nababazi imali; nokudla nokuphuza namafutha kwabaseSidoni nabaseTire ukuba balethe imisedari eLebanoni, bayiyise olwandle lwaseJopha, njengesipho esivela kuKoresi inkosi yasePheresiya. Ngomnyaka wesibili wokufika kwabo endlini kaNkulunkulu eJerusalema, ngenyanga yesibili, uZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, noJeshuwa, indodana kaJosadaki, nensali yabafowabo, abapristi namaLevi, futhi zonke ziqala. Abaphuma ekuthunjweni baya eJerusalema; wamisa amaLevi, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, ukuba amele umsebenzi wendlu kaJehova. Khona-ke uJesuma kanye namadodana akhe nabafowabo, uKadimiyeli namadodana akhe, amadodana kaJuda, ukuze baqondise izisebenzi endlini kaNkulunkulu: amadodana kaHenadadi, namadodana awo nabafowabo, amaLevi. Lapho abakhi bebeka isisekelo sethempeli likaJehova, bamisa abapristi bembethe izingubo zabo, benamacilongo, namaLevi, amadodana ka-Asafa, ephethe amasimbali ukuba adumise uJehova njengesiyalo sikaDavide inkosi yakwa-Israyeli. Bahlabelela kanyekanye ukudumisa nokudumisa uJehova; ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe ku-Israyeli umi phakade. Bonke abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu lapho bedumisa uJehova, ngoba isisekelo sendlu kaJehova sase sibekiwe. Kodwa abaningi babapristi namaLevi nezinhloko zezindlu zoyise, amaxhegu abona indlu yokuqala lapho kubekwa isisekelo sale ndlu phambi kwamehlo abo, bakhala ngezwi elikhulu; abaningi bamemeza ngentokozo. Ukuze abantu bahluleke ukwehlukanisa umsindo wenjabulo nokukhala kwabantu

Dlulisela
Funda U-Ezra 3

U-Ezra 3:1-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Lapho isisondela inyanga yesikhombisa, abantwana bakwa-Israyeli besemizini, abantu babuthana eJerusalema njengomuntu munye. Kwase kusuka uJeshuwa indodana kaJosadaki, nabafowabo abapristi, noZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, nabafowabo, bakha i-altare likaNkulunkulu ka-Israyeli ukuba banikele ngeminikelo yokushiswa phezu kwalo njengokulotshiweyo emthethweni kaMose umuntu kaNkulunkulu. Balimisa i-altare endaweni yalo, ngokuba babe novalo ngenxa yabantu balawo mazwe, banikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova phezu kwalo, yebo, iminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa. Bagcina umkhosi wamadokodo njengokulotshiweyo, banikela ngeminikelo yokushiswa imihla ngemihla ngomumo njengokomthetho nanjengokwesiyalezo sezinsuku ngezinsuku, nangasemuva umnikelo oshiswa imihla yonke, neyokwethwasa kwenyanga, neyemikhosi yonke emisiweyo kaJehova eyayingcwelisiwe, neyabo bonke abanikela ngenhliziyo ngeminikelo yesihle kuJehova. Ngosuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa baqala ukunikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova; kepha isisekelo sethempeli sasingakabekwa. Banika nababazi bamatshe imali kanye nababazi bemithi; banika amaSidoni nabaseTire ukudla nokuphuza namafutha ukuba balande imisedari* eLebanoni, bayiyise elwandle eJopha ngemvume kaKoresi inkosi yasePheresiya kubo. Ngomnyaka wesibili wokufika kwabo endlini kaNkulunkulu eJerusalema ngenyanga yesibili uZerubabele, indodana kaSheyalitiyeli, noJeshuwa indodana kaJosadaki, nensali yabafowabo abapristi, namaLevi, nabo bonke abafike eJerusalema bevela ekuthunjweni baqala ukumisa amaLevi, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu ukuba babonise umsebenzi wendlu kaJehova. Base bema uJeshuwa namadodana akhe nabafowabo, noKadimiyeli namadodana akhe, amadodana akwaJuda, njengomuntu munye ukuba babonise izisebenzi endlini kaJehova, kanye namadodana kaHenadadi namadodana awo nabafowabo amaLevi. Lapho abakhi sebebeka isisekelo sethempeli likaJehova, bamisa abapristi begqokile benamacilongo kanye namaLevi, amadodana ka-Asafa, enamasimbali* ukuba badumise uJehova njengehlelo likaDavide inkosi yakwa-Israyeli. Baphendulana ngokumdumisa nangokumbonga uJehova, bathi: “Ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade phezu kuka-Israyeli.” Bonke abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu ekumdumiseni kwabo uJehova, ngokuba isisekelo sendlu kaJehova sase sibekiwe. Abaningi babapristi namaLevi, nezinhloko zawoyise, abadala ababeyibonile indlu yokuqala, bakhala ngezwi elikhulu ekubekweni kwesisekelo saleyo ndlu phambi kwamehlo abo; abaningi bakhamuluka ngentokozo, ngangokuba abantu babengenakwahlukanisa izwi lokukhamuluka kwentokozo nezwi lokukhala kwabantu, ngokuba abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu, umsindo wezwakala kude.

Dlulisela
Funda U-Ezra 3