U-Ezra 2:68-69
U-Ezra 2:68-69 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kuthe ukuba bafike endlini kaSimakade eJerusalema, abanye bezinhloko zoyise banikela ngeminikelo yesihle ukuze kwakhiwe indlu kaSimakade esizeni sayo. Banikela ebhokisini lomnikelo ngokwamandla abo: sekukonke okwaqoqwa lapho kwaba ngamadalike egolide angama-61 000, namamane esiliva ayizi-5 000 nezingubo zabaphristi eziyikhulu.
U-Ezra 2:68-69 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ezinye izinhloko zawoyise ekufikeni kwazo endlini kaJehova eseJerusalema zanikelela ngenhliziyo indlu kaNkulunkulu ukuba imiswe endaweni yayo; zanikelela isikhwama somsebenzi njengokwamandla azo amadarike* ayizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nanye egolide, namamane* ayizinkulungwane eziyisihlanu esiliva, nezambatho zabapristi eziyikhulu.
U-Ezra 2:68-69 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Abanye bezinhloko zezindlu zoyise, lapho besendlini kaJehova eseJerusalema, bahlabela ize ukuze indlu kaNkulunkulu imiswe endaweni yayo. Banikela engcebweni yomsebenzi amadarike ayizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha egolide namamane ayizinkulungwane ezinhlanu esiliva nezingubo eziyikhulu zabapristi ngokwamandla abo.