U-Ezra 1:1-11

U-Ezra 1:1-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngonyaka wokuqala kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, ukuze kugcwaliseke izwi likaSimakade alikhuluma ngoJeremiya, uSimakade wavusa umoya kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, yase ishaya umthetho kuwo wonke umbuso wayo, yakhipha isimemezelo esibhaliweyo, esasithi: “Nakhu okushiwo nguKhoresi, inkosi yasePheresiya, uthi: “ ‘USimakade uNkulunkulu wasezulwini unginike yonke imibuso yomhlaba, wangiqoka ukuba ngimakhele indlu eJerusalema, kwaJuda. Noma ngubani phakathi kwabo bonke abangabantu bakhe, sengathi uNkulunkulu wakhe angaba naye, makakhuphukele eJerusalema, kwaJuda, ayokwakha kabusha indlu kaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, unguNkulunkulu oseJerusulema. Yonke insali esezindaweni zonke lapho igogobele khona, noma ngabe ihleli kuphi, kufanele ilekelelwe ngabendawo yakubo, bayinike isiliva, igolide, izimpahla, imfuyo neminikelo yesihle yendlu kaNkulunkulu eJerusalema.’ ” Kwase kuthi izinhloko zemindeni yakwaJuda nezakwaBhenjamini, abaphristi nabaLevi, nabo bonke izinhliziyo zabo uNkulunkulu azithinta, balungiselela ukuhamba beyokwakha indlu kaNkulunkulu eJerusalema. Omakhelwane babo babasiza ngezinto zesiliva nezegolide nangezinye izinto, nemfuyo nezinto eziyigugu, ngale nje komnikelo wesihle ababewunikelela ithempeli. Inkosi uKhoresi yazikhipha yona mathupha izitsha zasendlini kaSimakade ezazithathwe nguNebukhadinezari eJerusalema, wazibeka ethempelini lonkulunkulu bakhe. Inkosi uKhoresi yasePheresiya lezo zinto wazinika uMithiredathi, umphathisikhwama, ukuba azibale, azinike uSheshibhazari, umbusi wakwaJuda. Nantu uhla lwazo: imicengezi yegolide yeminikelo engama-30, imicengezi yesiliva yeminikelo eyinkulungwane nemimese engama-29, imicengezi emincane yegolide engama-30, imicengezi emincane yesiliva engama-410 nezinye izitsha eziyinkulungwane. Sezizonke izitsha uSheshibhazari nabanye abathunjwa ababephuma eBhabhele beya eJerusalema abazithatha, zaziyi-5 400 zegolide, nesiliva, nezinye izinto.

Dlulisela
Funda U-Ezra 1

U-Ezra 1:1-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngomnyaka wokuqala kaKoresi, inkosi yasePheresiya, ukuba kufezeke izwi likaJehova, ngomlomo kaJeremiya uJehova wavusa umoya kaKoresi, inkosi yasePheresiya, ukuba amemezele embusweni wakhe wonke, alobe futhi ngokuthi: “Usho kanje uKoresi inkosi yasePheresiya, uthi: “ ‘UJehova uNkulunkulu wezulu unginikile yonke imibuso yomhlaba; ungiyalile ukumakhela indlu eJerusalema lakwaJuda. Noma ngumuphi phakathi kwenu kubo bonke abantu bakhe, uNkulunkulu wakhe makabe naye, akhuphukele eJerusalema lakwaJuda, akhe indlu kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, yena onguNkulunkulu waseJerusalema. Bonke abaseleyo, nakuziphi izindawo lapho begogobele khona, mabasizwe ngabantu bendawo yabo ngesiliva, nangegolide, nangempahla, nangezinkomo kanye nomnikelo wesihle wendlu kaNkulunkulu eseJerusalema.’ ” Kwase kusuka izinhloko zawoyise bakwaJuda noBenjamini, nabapristi, namaLevi, bonke abamoya wabo uNkulunkulu ayewuvusile ukuba bakhuphuke bakhe indlu kaJehova eseJerusalema. Bonke ababazungezayo basekela izandla zabo ngezitsha zesiliva, nangegolide, nangempahla, nangezinkomo, nangamagugu, kanye nakho konke okwanikelwa ngakho ngenhliziyo. UKoresi inkosi wakhipha izinto zendlu kaJehova, uNebukadinesari ayezikhiphile eJerusalema wazibeka endlini yawonkulunkulu bakhe, yebo, zona uKoresi inkosi yasePheresiya wazikhipha ngesandla sikaMithiredati umphathisikhwama, wazibalela kuSheshebasari isikhulu sakwaJuda. Nanku umumo wazo: izingqwembe ezingamashumi amathathu zegolide, nezingqwembe eziyinkulungwane zesiliva, nawomese abangamashumi amabili nesishiyagalolunye, nezindebe ezingamashumi amathathu zegolide, nezindebe zesiliva zohlobo lwesibili ezingamakhulu amane neshumi, nezinye izitsha eziyinkulungwane. Zonke izitsha zegolide nezesiliva zaziyizinkulungwane eziyisihlanu namakhulu amane. Zonke lezo uSheshebasari wazikhuphula ekukhushulweni kwabathunjwa eBabele ukuya eJerusalema.

Dlulisela
Funda U-Ezra 1

U-Ezra 1:1-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwathi ngomnyaka wokuqala kaKoresi inkosi yasePheresiya ukuba kugcwaliseke izwi likaJehova ngomlomo kaJeremiya, uJehova wavusa umoya kaKoresi inkosi yasePheresiya, wakhamuluka ekwenzeni umbuso wakhe wonke. Futhi lokho futhi ngokubhala, ethi: Usho kanje uKoresi, inkosi yasePheresiya, uthi: “UJehova uNkulunkulu wezulu unginikile yonke imibuso yomhlaba; wangiyala ukuba ngimakhele indlu eJerusalema lakwaJuda. Ngubani phakathi kwenu kubo bonke abantu bakhe? uNkulunkulu wakhe makabe naye, akhuphukele eJerusalema lakwaJuda, akhe indlu kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, (unguNkulunkulu) eseJerusalema. Futhi wonke umuntu osele nomaphi lapho egogobala khona, amadoda asendaweni yakhe makamsize ngesiliva, nangegolide, nangezimpahla, nangezinkomo, kanye nomnikelo wesihle wendlu kaNkulunkulu eseJerusalema. Khona-ke izinhloko zawoyise bakwaJuda noBhenjamini, abapristi namaLevi, nabo bonke abamoya wabo uNkulunkulu awuvusayo, basukuma ukuze bakhe indlu kaJehova eJerusalema. Bonke ababebazungezile baqinisa izandla zabo ngezitsha zesiliva, nangegolide, nangezimpahla, nangezilwane, nangezinto eziyigugu, ngaphandle kwakho konke okwanikelwa ngokuzithandela. Inkosi uKoresi yazikhipha izitsha zendlu kaJehova uNebukadinesari ayezikhiphe eJerusalema, wazibeka endlini yawonkulunkulu bakhe; Lazo uKoresi inkosi yasePheresiya wazikhipha ngesandla sikaMithiredati umphathi-sikhwama, wazibalela uSheshibhazari isikhulu sakwaJuda. Nanku umumo wazo: izingqwembe zegolide ezingamashumi amathathu, izingqwembe zesiliva eziyinkulungwane, ommese abangamashumi amabili nesishiyagalolunye, Izitsha zegolide ezingamashumi amathathu, izitsha zesiliva zohlobo lwesibili ezingamakhulu amane neshumi nezinye izitsha eziyinkulungwane. Zonke izitsha zegolide nezesiliva zaziyizinkulungwane ezinhlanu namakhulu amane. Konke lokhu kwabangela ukuba uSheshibazari akhuphuke kanye nabo ekuthunjweni okwakhushulelwa eJerusalema esuka eBhabhiloni.

Dlulisela
Funda U-Ezra 1

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo