UHezekeli 45:1-17
UHezekeli 45:1-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“ ‘Kuyakuthi ekwahlukanisweni kwezwe ngenkatho libe ngamafa, ninikele kuJehova ngomnikelo, okungcwele kwezwe, ubude bube ngubude bezinhlanga eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ububanzi bube yizinkulungwane eziyishumi, kube ngcwele emikhawulweni yonke nxazonke. Kulokhu kuyakuba ngokwendlu engcwele okubude bakho bungezamakhulu ayisihlanu nokobubanzi bakho bungamakhulu ayisihlanu, kunezinhlangothi ezine nxazonke, nezingalo ezingamashumi ayisihlanu zibe ngezamadlelo akho nxazonke. Kuso lesi silinganiso uyakulinganisa ubude obuyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu nobubanzi obuyizinkulungwane eziyishumi, kube yindawo engcwele kakhulu. Kungokungcwele kwezwe, kungokwabapristi, izikhonzi zendlu engcwele ezisondela ukumkhonza uJehova, kube yindawo yezindlu zabo nendawo engcwele yendlu engcwele. Izinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude nezinkulungwane eziyishumi ububanzi ziyakuba ngezamaLevi, izikhonzi zendlu, zibe yifa lawo lemizi ukuhlala kuyo. “ ‘Niyakunika umuzi ifa lezinkulungwane eziyisihlanu ububanzi nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude eceleni komnikelo wokungcwele, libe ngelendlu yonke yakwa-Israyeli. “ ‘Okungokwesikhulu kuyakuba ngalapha nangalapha komnikelo wokungcwele nefa lomuzi, phambi komnikelo wokungcwele naphambi kwefa lomuzi, ngasohlangothini lwasentshonalanga kubheke entshonalanga, nangasohlangothini lwasempumalanga kubheke empumalanga, ngobude kulingane nesinye sezabelo zezizwe, kusukela emkhawulweni wasentshonalanga kuze kube semkhawulweni wasempumalanga. Kuyakuba yifa laso ezweni lakwa-Israyeli, izikhulu zami zingasacindezeli abantu bami, kepha zinike indlu yakwa-Israyeli njengezizwe zayo. “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Makwanele kini nina zikhulu zakwa-Israyeli; susani ubudlova nokuphanga, nenze ukwahlulela nokulunga, niyeke ukuxosha abantu bami, isho iNkosi uJehova. Niyakuba nezilinganiso ezilungileyo, ne-efa* elilungileyo, nebhati* elilungileyo. I-efa nebhati kuyakuba yisilinganiso sinye, ukuze ibhati lifumbathe okweshumi kwehomere,* ne-efa okweshumi kwehomere, isilinganiso salo sibe ngokwehomere. Ishekeli* liyakuba ngamagera* angamashumi amabili; amashekeli angamashumi amabili, namashekeli angamashumi amabili nanhlanu, namashekeli ayishumi nanhlanu ayakuba yimane* kini. “ ‘Lokhu kungumnikelo eniyakunikela ngawo: inxenye yesithupha ye-efa lehomere likakolweni nenxenye yesithupha ye-efa lehomere lebhali,* namafutha anqunyiweyo, ibhati lamafutha: inxenye yeshumi yebhati lekhori* elingamabhati ayishumi njengehomere, ngokuba amabhati ayishumi ayihomere, newundlu linye ezimvini ezingamakhulu amabili zasemadlelweni anamanzi akwa-Israyeli, libe ngumnikelo wempuphu, nomnikelo wokushiswa, nomnikelo wokuthula ukubenzela ukubuyisana, isho iNkosi uJehova. Bonke abantu bezwe bayakuba kulo mnikelo wesikhulu sakwa-Israyeli. Kuyakuba phezu kwesikhulu ukunikela ngeminikelo yokushiswa, nangeminikelo yempuphu, nangeminikelo yokuphuzwa emikhosini, nasekwethwaseni kwenyanga, nangamasabatha emikhosini yonke emisiweyo yendlu yakwa-Israyeli, silungise umnikelo wesono, nomnikelo wempuphu, nomnikelo wokushiswa, neminikelo yokuthula ukwenzela indlu yakwa-Israyeli ukubuyisana.
UHezekeli 45:1-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“ ‘Kuyothi lapho izwe senilehlukanisa ngonkatho ukuba libe yifa, bese ninikela kuSimakade ingxenye yalo ekhethekileyo, ubude balelo lizwe kube ngamakhubhithi ayizi-25 000; ububanzi bube ngamakhubhithi ayizi-10 000; liyakuba yindawo engcwele, kuyo yonke imingcele yalo nxazonke. Ingxenye yalo iyakuba yindawo engcwele engamakhubhithi angama-500 nxazonke, nendawo eyisikwele eyizungezile engenalutho engamakhubhithi angama-50. Kulesi siqinti esikhethekileyo uyakukala indawo engamakhubhithi ayizi-25 000 ubude, nayizi-10 000 ububanzi, ibe yindawo engcwele, nendawo engcwelengcwele. Iyakuba yisiqinti esingcwele ezweni, ibe ngeyabaphristi, abakhonza endaweni engcwele, labo abasondela kuSimakade ukuba bamkhonze. Iyakuba yindawo yabo yokuhlala, ibuye ibe yindawo engcwele. Esinye isiqinti sendawo esingamakhubhithi ayizi-25 000 ubude, nayizi-10 000 ububanzi, siyakuba yindawo yabaLevi abakhonza ethempelini, sibe yindawo enemizi abahlala kuyo. “ ‘Maqondana nesiqinti esehlukaniselwe ukuba yindawo engcwele, kuyakuthi umuzi osondele kuso ube ngoka-Israyeli wonkana, ububanzi buyakuba yizi-5 000, ubude bube yizi-25 000. “ ‘Umhlaba wesikhulu uyakusiphahla isiqinti esingcwele nefa lomuzi, ube phambi kwefa lomuzi naphambi komnikelo; ube ngasohlangothini olusentshonalanga kubheke entshonalanga, nangasohlangothini olusempumalanga kubheke empumalanga, ubude baso bulingane nesinye sezabelo zezizwe, kusukela emngceleni entshonalanga kuze kube semngceleni empumalanga. Lesi siqinti sendawo siyakuba yifa laso ezweni lakwa-Israyeli, izikhulu zami azisayukubacindezela abantu bami, kodwa indlu yakwa-Israyeli ziyakuyinika ngangomumo wezizwe zayo. “ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Sekwanele we zikhulu, zikhulu zakwa-Israyeli! Yekani ukucindezela abantu ngobudlova; nehlulele ngobulungiswa nobuqotho, nikuyeke ukuxosha abantu bami,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade. “ ‘ “Niyakusebenzisa izilinganiso ezifaneleyo, isilinganiso esifaneleyo se-efa nesifaneleyo sebhathi. I-efa nebhathi kuyakuba nesisindo esifanayo, ibhathi libe ngokweshumi kwehomere, isilinganiso salo sifane nokwehomere. Ishekeli liyakuba ngamagera angama-20; amashekeli angama-20, angama-25, nali-15 ayakuba ngumina kinina. “ ‘ “Nanku umnikelo eniyakuwunikela: ingxenye yokwesithupha ye-efa lehomere likakolo, nengxenye yokwesithupha ye-efa lehomere lebhali, isilinganiso samafutha esinqunyiweyo, ibhathi lamafutha: ingxenye yokweshumi yebhathi lekhori elingamabhathi alishumi njengehomere, ngokuba amabhathi alishumi ayihomere. Kuyakuthathwa newundlu elilodwa ezimvini ezingama-200 ezivela emadlelweni anamanzi kwa-Israyeli, kube nomnikelo wokusanhlamvu, umnikelo wokushiswa nomnikelo wokuthula, ukuba benzelwe ukubuyisana,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade. “ ‘Bonke abantu bakulelo lizwe bayakuzibandakanya kulo mnikelo wesikhulu sakwa-Israyeli. Kuyakuba ngumsebenzi wesikhulu ukunikela ngeminikelo yokushiswa, iminikelo yokusanhlamvu, iminikelo yokuphuzwayo emikhosini, ekwethwaseni kwenyanga nangamasabatha, emikhosini yonke emisiweyo yendlu yakwa-Israyeli. Isikhulu siyakuletha umnikelo wesono, umnikelo wokusanhlamvu, umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula, ukuba kwenzelwe indlu yakwa-Israyeli ukubuyisana.
UHezekeli 45:1-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
“Uma nahlukanisa izwe libe yifa ngenkatho, niyakunikela ngomnikelo kuJehova, kube yisabelo esingcwele sezwe, ubude bube yizinhlanga eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ububanzi bube yizinkulungwane eziyishumi. Kumelwe ibe ngcwele kuyo yonke imingcele yayo nxazonke. Kulawa makube ngokwendlu engcwele amakhulu amahlanu ubude, ngamakhulu amahlanu ububanzi, ibe yisikwele nxazonke; nedlelo lakhe laliyizingalo ezingamashumi ayisihlanu nxazonke. Ngaleso silinganiso niyakulinganisa ubude obuyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu nobubanzi obuyizinkulungwane eziyishumi; futhi kuyakuba khona indawo engcwele neNgcwelengcwele. Indawo engcwele yezwe iyakuba ngeyabapristi, izinceku zendlu engcwele, abasondela ukuyikhonza uJehova; izakuba yindawo yezindlu zabo, lendlu engcwele yendlu engcwele. Izinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude nezinkulungwane eziyishumi ububanzi ziyakuba ngamaLevi, izinceku zendlu, kube yifa lawo amakamelo angamashumi amabili. Niyakunquma ifa lomuzi izinkulungwane eziyisihlanu ububanzi nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude ngokuqondene nomnikelo wengcwele, libe ngelendlu yonke yakwa-Israyeli. Isabelo siyakuba sesikhulu ngalapha nangalapha, somnikelo wesabelo esingcwele nowefa lomuzi, phambi komnikelo wesabelo esingcwele naphambi kwefa lomuzi ngasentshonalanga. Kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuye empumalanga; ubude bubhekane nesinye sezigaba, kusukela emngceleni osentshonalanga kuze kube semngceleni osempumalanga. Izwe liyakuba yifa laso kwa-Israyeli, nezikhulu zami azisayikubacindezela abantu bami; futhi ingxenye esele yezwe bayoyinika indlu ka-Israyeli ngokwezizwe zayo. Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Makube kinina zikhulu zakwa-Israyeli: susani ubudlova nempango, nenze ukwahlulela nokulunga, nisuse ukuqhubeka kwenu kubantu bami, isho iNkosi uJehova. Niyakuba nesilinganiso esihle, ne-efa elihle, nebhati elihle; I-efa nebhati kuyakuba yisilinganiso sinye, ukuze ibhavu lithwale okweshumi kwehomere, ne-efa okweshumi kwehomere; umlingani wakhe kufanele alandele ihomere. Ishekeli liyakuba ngamagera angamashumi amabili; amashekeli angamashumi amabili, namashekeli angamashumi amabili nanhlanu, namashekeli ayishumi nanhlanu ayakuba yimane kini. Lona ngumnikelo wokudla okumelwe niwulethe; ingxenye yesithupha ye-efa lehomere likakolweni, ninikele ingxenye yesithupha ye-efa lehomere lebhali. Ngokuqondene nesinqumo samafutha, ibhathi lamafutha, kumelwe ulungise okweshumi kwebhati ekoreni, okuyihomere lamabhati ayishumi; amabhathi ayishumi ayihomere. Newundlu libe linye emhlambini wamakhulu amabili, emadlelweni avundileyo akwa-Israyeli; njengomnikelo oshiswa ngomlilo, nangomnikelo wokushiswa, nomnikelo wokubonga wokubenzela ukubuyisana, isho iNkosi uJehova. Bonke abantu bezwe kumelwe banike isikhulu sakwa-Israyeli lo mnikelo. Kuyakuba ngeyesikhulu ukuletha iminikelo yokushiswa, neminikelo yokudla, neminikelo yokuphuzwayo ngemikhosi, nangokuthwasa kwenyanga, nangamasabatha, ngayo yonke imikhosi yendlu yakwa-Israyeli; kumelwe alungise umnikelo wesono. Nomnikelo wempuphu, nomnikelo wokushiswa, neminikelo yokuthula, ukwenzela indlu yakwa-Israyeli ukubuyisana.