UHezekeli 20:21-23
UHezekeli 20:21-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“ ‘Kepha nabantwana bangihlubuka, abahambanga ngezimiso zami, abazigcinanga izehlulelo zami ukuba bazenze ukuze umuntu aphile ngazo; bawangcolisa amasabatha ami, ngase ngithi ngizakuthululela intukuthelo yami kubo, ngiphelelise ulaka lwami phezu kwabo ehlane. Nokho ngayeka ukukwenza lokho ngenxa yegama lami, ukuba lingangcoliswa phambi kwezizwe engabakhipha zizibonela ngawazo. Ngaphakamisela isandla sami ehlane ukuba ngibahlakazele ezizweni, ngibasabalalisele emazweni.
UHezekeli 20:21-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“ ‘Kepha abantwana bangihlubuka, abahambanga ngezimiso zami, abagcinanga izahlulelo zami ukuba bazenze, umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza; bawona amasabatha ami; ngase ngithi ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo, ngifeze intukuthelo yami kubo ehlane. Nokho ngabuyisa isandla sami, ngakwenza ngenxa yegama lami ukuba lingangcoliswa emehlweni ezizwe engabakhipha emehlweni azo. Futhi ngabaphakamisela isandla sami ehlane ukuba ngibahlakazele phakathi kwezizwe, ngibasabalalisele emazweni
UHezekeli 20:21-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kepha abantwana bangihlubuka, abahambanga ngezimiso zami, abagcinanga izahlulelo zami ukwenza lokhu, okuthi, uma umuntu ekwenza lokhu, aphile ngazo; bawona amasabatha ami; ngase ngithi: Ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo, ukuze intukuthelo yami iphumele phezu kwabo ehlane. Kodwa ngasibuyisa isandla sami ngenza ngenxa yebizo lami, ukuze lingangcoliswa emehlweni ezizwe engabakhupha phambi kwamehlo azo. Nami ngiphakamisele isandla sami kubo ehlane ukubahlakazela ezizweni, ngibahlakaze emazweni