UHezekeli 2:2-3
UHezekeli 2:2-3 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi esakhuluma kimi, kwangena kimi uMoya, wangimisa ngezinyawo, ngamuzwa owayekhuluma kimi. Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakuthuma kubantu bakwa-Israyeli, ezizweni zamambuka, ezihlubukile kimi, zona nokhokho bazo zonile kimi kuze kube namuhla.
Dlulisela
Funda UHezekeli 2UHezekeli 2:2-3 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwangena kimi uMoya esakhuluma kimi, wangimisa ngezinyawo zami, ngamuzwa owakhuluma kimi. Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakuthuma kubantwana bakwa-Israyeli, izizwe ezambukayo ezingihlubukile; bona nawoyise baphambukile kimi kuze kube namuhla.
Dlulisela
Funda UHezekeli 2UHezekeli 2:2-3 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UMoya wangena kimi esakhuluma kimi, wangimisa ngezinyawo zami, ngamuzwa okhuluma kimi. Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakuthuma kubantwana bakwa-Israyeli, esizweni esihlubukayo esingihlubukileyo; bona naboyise baphambukile kimi kuze kube namuhla.
Dlulisela
Funda UHezekeli 2