U-Eksodusi 7:19-21
U-Eksodusi 7:19-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova wathi kuMose: “Yisho ku-Aroni, uthi: ‘Thatha induku yakho, welule isandla sakho phezu kwamanzi aseGibithe, naphezu kwemifula, naphezu kweminonjana yabo, naphezu kweziziba, naphezu kwamachibi amanzi abo onke ukuba aphenduke igazi,’ kube khona igazi ezweni lonke laseGibithe ezitsheni zemithi nasezitsheni zamatshe.” OMose no-Aroni base bekwenza-ke njengalokho uJehova ebayalile; waphakamisa induku, washaya amanzi asemfuleni emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe; onke amanzi asemfuleni aphenduka igazi. Izinhlanzi zasemfuleni zafa; umfula wanuka; abaseGibithe babengenakuphuza amanzi asemfuleni; igazi lalikhona ezweni lonke laseGibithe.
U-Eksodusi 7:19-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade wathi kuMose: “Yisho ku-Aroni uthi: ‘Thatha induku yakho uyelulele phezu kwamanzi aseGibhithe, phezu kwemithombo, naphezu kwemifula, phezu kwamaxhaphozi, namachibi, ukuze amanzi aphenduke igazi. Kuyoba negazi kulona lonke iGibhithe, ngisho nasezitsheni zokhuni nezitsha zamatshe.’ ” UMose no-Aroni benza njengoba uSimakade ayebayalile. Wayiphakamisa induku yakhe, washaya amanzi emfuleni phambi kukaFaro nezinceku zakhe, onke amanzi ayesemfuleni iNayili aphenduka igazi, kwafa izinhlanzi. Umfula wanuka kangangokuthi abaseGibhithe abakwazanga ukuphuza amanzi awo: kwakunegazi kulona lonke iGibhithe.
U-Eksodusi 7:19-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
INkosi yasikhuluma kuMozisi isithi kuAroni: Thatha induku yakho, welule isandla sakho phezu kwamanzi eGibhithe, phezu kwemifula yabo, phezu kwemifula yabo, laphezu kwamachibi abo laphezu kwawo wonke amachibi abo amanzi, ukuze abe yigazi, futhi kube khona igazi ezweni lonke laseGibhithe, ezitsheni zokhuni nasezitsheni zamatshe. OMose no-Aroni benza njengalokho uJehova ebayalile; waphakamisa udondolo, washaya amanzi aseNayile phambi kwamehlo kaFaro naphambi kwamehlo ezinceku zakhe; futhi onke amanzi omfula aphenduka igazi. Izinhlanzi zasemfuleni zafa; umfula wanuka, abaseGibithe babengenakuphuza amanzi omfula; kwaba khona igazi ezweni lonke laseGibithe.