U-Eksodusi 7:1-25
U-Eksodusi 7:1-25 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova wathi kuMose: “Bheka, ngikwenze ube njengonkulunkulu kuFaro; u-Aroni umfowenu uyakuba ngumprofethi wakho. Wena uyakukhuluma konke engikuyala ngakho; u-Aroni umfowenu uyakukhuluma kuFaro ukuba abavumele abantwana bakwa-Israyeli ukuphuma ezweni lakhe. Mina ngiyakuyenza inhliziyo kaFaro ibe lukhuni, ngandise izibonakaliso zami nezimangaliso zami ezweni laseGibithe. Kepha uFaro akayikunilalela; ngiyakubeka isandla sami phezu kweGibithe, ngikhiphe amabandla ami, isizwe sami, abantwana bakwa-Israyeli, ezweni laseGibithe ngezahlulelo ezinkulu. AbaseGibithe bayokwazi ukuthi nginguJehova, nxa ngelula isandla sami phezu kweGibithe, ngikhiphe abantwana bakwa-Israyeli phakathi kwabo.” OMose no-Aroni benze njalo; njengalokho uJehova ebayalile, benze njalo-ke. UMose wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili, u-Aroni eneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nantathu, mhla bekhuluma kuFaro. UJehova wakhuluma koMose no-Aroni, wathi: “Nxa uFaro ekhuluma kini, ethi: ‘Zifakazeleni ngesimangaliso,’ uyakusho ku-Aroni ukuthi: ‘Thatha induku yakho, uyiphonse phansi phambi kukaFaro,’ ukuze iphenduke inyoka.” OMose no-Aroni bangena kuFaro, benza njengalokho uJehova ebayalile; u-Aroni waphonsa phansi induku yakhe phambi kukaFaro naphambi kwezinceku zakhe, yaphenduka inyoka. Khona uFaro wabiza izihlakaniphi nabalumbi; izanusi zaseGibithe nazo zenze njalo ngemilingo yazo. Ngokuba yilowo nalowo waphonsa phansi induku yakhe, zaphenduka izinyoka; kepha induku ka-Aroni yagwinya izinduku zabo. Inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova. UJehova wayesethi kuMose: “Inhliziyo kaFaro ilukhuni: uyenqaba ukuba abantu bahambe. Yana kuFaro kusasa ekuseni; bheka, uyaphuma ukuya emanzini; yima ogwini lomfula ukumhlangabeza; induku eyaphenduka inyoka woyiphatha ngesandla sakho. Wothi kuye: ‘UJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, ungithume kuwe, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe bangikhonze ehlane; bheka, kuze kube manje awulalelanga. UJehova usho kanje, uthi: Ngalokhu uyokwazi ukuthi nginguJehova: bheka, ngenduku esesandleni sami ngiyakushaya phezu kwamanzi asemfuleni, aphenduke igazi. Izinhlanzi ezisemfuleni ziyakufa, umfula unuke; abaseGibithe bayakunengwa ngukuphuza amanzi emfuleni.’ ” UJehova wathi kuMose: “Yisho ku-Aroni, uthi: ‘Thatha induku yakho, welule isandla sakho phezu kwamanzi aseGibithe, naphezu kwemifula, naphezu kweminonjana yabo, naphezu kweziziba, naphezu kwamachibi amanzi abo onke ukuba aphenduke igazi,’ kube khona igazi ezweni lonke laseGibithe ezitsheni zemithi nasezitsheni zamatshe.” OMose no-Aroni base bekwenza-ke njengalokho uJehova ebayalile; waphakamisa induku, washaya amanzi asemfuleni emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe; onke amanzi asemfuleni aphenduka igazi. Izinhlanzi zasemfuleni zafa; umfula wanuka; abaseGibithe babengenakuphuza amanzi asemfuleni; igazi lalikhona ezweni lonke laseGibithe. Izanusi zaseGibithe zenze njalo ngemilingo yazo, yaze yaba lukhuni inhliziyo kaFaro; kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova. UFaro waphenduka wangena endlini yakhe, kayibekanga inhliziyo yakhe nakulokho. AbaseGibithe bemba nxazonke zomfula ukuthola amanzi okuphuza, ngokuba babengenakuphuza amanzi asemfuleni. Zaphelela izinsuku eziyisikhombisa, selokhu uJehova eshayile umfula.
U-Eksodusi 7:1-25 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
INkosi yasisithi kuMozisi: Khangela, ngikwenze unkulunkulu kuFaro; njalo uAroni umnewenu uzakuba ngumprofethi wakho. Kumelwe ukhulume konke engikuyala ngakho; u-Aroni umfowenu kumelwe akhulume noFaro ukuba akhulule abantwana bakwa-Israyeli baphume ezweni lakhe. Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, ngandise izibonakaliso zami nezimangaliso zami ezweni laseGibithe; Kepha uFaro akayikunilalela, ukuze ngibeke isandla sami phezu kweGibithe, ngikhiphe amabutho ami nabantu bami, abantwana bakwa-Israyeli, ngiphume ezweni laseGibithe ngezahlulelo ezinkulu. AbaseGibhithe bazakwazi ukuthi nginguJehova lapho ngelulela isandla sami phezu kweGibhithe ngikhuphe abantwana bakoIsrayeli phakathi kwabo. OMose no-Aroni benza-ke njengalokho uJehova ebayalile, benze njalo-ke. UMose wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili ubudala, u-Aroni eneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nantathu lapho bekhuluma kuFaro. UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi: Nxa uFaro ekhuluma kini, ethi: ‘Zenzele isimangaliso, usho ku-Aroni, uthi: ‘Thatha intonga yakho, uyiphonse phansi phambi kukaFaro, ibe yinyoka; OMose no-Aroni bangena kuFaro, benza njengalokho uJehova ebayalile; u-Aroni waphonsa induku yakhe phansi phambi kukaFaro naphambi kwezinceku zakhe, yaba yinyoka. UFaro wayesebiza izazi nezanusi; nezanusi zaseGibithe zenza njalo ngemilingo yazo. Ngokuba yilowo nalowo waphonsa induku yakhe, yaba yizinyoka, kepha induku ka-Aroni yadla izinduku zabo. Wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro ukuba angabalaleli; njengokutsho kweNkosi. INkosi yasisithi kuMozisi: Inhliziyo kaFaro ilukhuni, kavumi ukuthi abantu basuke. Yana kuFaro ekuseni; bheka, uya ngasemanzini; kumelwe ume ngasosebeni lomfula ngokumelene nokuza kwayo; nodondolo olwaphenduka inyoka, kumelwe uluphathe ngesandla sakho. Uzakuthi kuye: INkosi, uNkulunkulu wamaHebheru, ingithumile kuwe ukuthi: Yekela abantu bami basuke ukuze bangikhonze enkangala; bhekani, anilalelanga kuze kube manje. Itsho njalo iNkosi: Ngalokhu lizakwazi ukuthi mina ngiyi Nkosi: khangela, ngizatshaya ngentonga esesandleni sami phezu kwamanzi oMfula iNayile, aphenduke abe yigazi. Izinhlanzi ezisemfuleni ziyakufa, nomfula unuke; futhi abaseGibhithe ngeke bawaphuze amanzi omfula. INkosi yasikhuluma kuMozisi isithi kuAroni: Thatha induku yakho, welule isandla sakho phezu kwamanzi eGibhithe, phezu kwemifula yabo, phezu kwemifula yabo, laphezu kwamachibi abo laphezu kwawo wonke amachibi abo amanzi, ukuze abe yigazi, futhi kube khona igazi ezweni lonke laseGibhithe, ezitsheni zokhuni nasezitsheni zamatshe. OMose no-Aroni benza njengalokho uJehova ebayalile; waphakamisa udondolo, washaya amanzi aseNayile phambi kwamehlo kaFaro naphambi kwamehlo ezinceku zakhe; futhi onke amanzi omfula aphenduka igazi. Izinhlanzi zasemfuleni zafa; umfula wanuka, abaseGibithe babengenakuphuza amanzi omfula; kwaba khona igazi ezweni lonke laseGibithe. Izanusi zaseGibithe zenze njalo ngobuthakathi bazo, futhi inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, kabalalelanga; njengokutsho kweNkosi. UFaro waphenduka, wangena endlini yakhe, akabekanga inhliziyo yakhe nakulokhu. Bonke abaseGibithe bemba amanzi okuphuza nxazonke zomfula; ngoba babengelakuphuza amanzi omfula. Zaphelela izinsuku eziyisikhombisa emva kokuba uJehova eshayile umfula.
U-Eksodusi 7:1-25 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade wathi kuMose: “Uyabona-ke, ngikwenze wanjengonkulunkulu kuFaro, nomfowenu u-Aroni uyakuba ngumphrofethi wakho. Wena uyakukhuluma konke engizokuyala ngakho, kuthi u-Aroni umfowenu akhulume kuFaro ukuba akhulule abantu bakwa-Israyeli, baphume ezweni lakhe. Kepha Mina ngizokuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, ngiphindaphinde izibonakaliso nezimangaliso zami eGibhithe. Uma uFaro engakulaleli, Mina ngizolishaya iGibhithe ngezenzo ezinkulu zokwehlulela, ngikhiphe abantu bami, u-Israyeli, ngamaviyo abo, eGibhithe. AbaseGibhithe bayongazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengilishaya iGibhithe, ngikhipha kulo abantu bakwa-Israyeli.” UMose no-Aroni benza njengalokhu uSimakade ayebayalile. UMose wayeseneminyaka engama-80, u-Aroni eneminyaka engama-83 ngesikhathi beyokhuluma noFaro. USimakade wathi kuMose no-Aroni: “Uma uFaro ethi yenzani isibonakaliso, ubokuthi ku-Aroni: ‘Thatha induku yakho uyiphonse phansi phambi kukaFaro; iyophenduka inyoka.’ ” UMose no-Aroni baya kuFaro benza njengalokhu uSimakade ebayalile; u-Aroni wayiphonsa phansi induku yakhe phambi kukaFaro nezikhulu zakhe, yaphenduka inyoka. UFaro wayesebiza amadoda ahlakaniphileyo, abalumbi, nosomlingo baseGibhithe, nabo benza okufanayo ngemilingo yabo. Ngamunye baphonsa phansi izinduku zabo; zaphenduka izinyoka, kodwa induku ka-Aroni yazigwinya izinduku zabo. Inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, akabalalelanga, njengalokhu ayeshilo uSimakade. USimakade wathi kuMose: “Inhliziyo kaFaro ilukhuni; uyenqaba ukuvumela abantu ukuba bahambe. Hamba uye kuFaro ekuseni, uyaphuma njengamanje uya emfuleni. Uyokuma umlinde ngasosebeni lomfula. Phatha ngesandla induku leyo eyaphenduka inyoka. Uyakuthi kuye: ‘USimakade, uNkulunkulu wamaHebheru ungithume kuwe ukuba ngithi: “Vumela abantu bami bahambe ukuze bayongikhonza ehlane. Kepha kuze kube manje awulalelanga. Uthi-ke uSimakade: ngalokhu uzokwazi ukuthi nginguSimakade. Uyabona-ke, ngale nduku engiyiphethe ngesandla, ngiyoshaya amanzi omfula iNayili, ayophenduka igazi. Izinhlanzi ezisemfuleni ziyokufa, umfula iNayili unuke phu, abaseGibhithe bayakukhathazeka bengakwazi ukuwaphuza amanzi omfula.” ’ ” USimakade wathi kuMose: “Yisho ku-Aroni uthi: ‘Thatha induku yakho uyelulele phezu kwamanzi aseGibhithe, phezu kwemithombo, naphezu kwemifula, phezu kwamaxhaphozi, namachibi, ukuze amanzi aphenduke igazi. Kuyoba negazi kulona lonke iGibhithe, ngisho nasezitsheni zokhuni nezitsha zamatshe.’ ” UMose no-Aroni benza njengoba uSimakade ayebayalile. Wayiphakamisa induku yakhe, washaya amanzi emfuleni phambi kukaFaro nezinceku zakhe, onke amanzi ayesemfuleni iNayili aphenduka igazi, kwafa izinhlanzi. Umfula wanuka kangangokuthi abaseGibhithe abakwazanga ukuphuza amanzi awo: kwakunegazi kulona lonke iGibhithe. Kepha nosomlingo baseGibhithe nabo, ngemilingo yabo, benza into efanayo, ngakho-ke inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, akavumanga ukubadedela, njengalokhu uSimakade ayeshilo. UFaro waphenduka wabuyela esigodlweni sakhe, akaze akunaka lokho enhliziyweni yakhe. Bonke abaseGibhithe bamba nxazonke zomfula iNayili ukuze bathole amanzi okuphuza, ngoba babengenakuwaphuza amanzi ayesemfuleni. Kwedlula izinsuku eziyisikhombisa uSimakade eyishayile iNayili.