U-Eksodusi 40:1-38

U-Eksodusi 40:1-38 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala wolimisa itabernakele* letende lokuhlangana. Wofaka khona umphongolo wobufakazi, uwuhenqele umphongolo ngesihenqo. Ulingenise itafula, uhlele izinto eziphezu kwalo, ulungenise uthi lwezibani, ubeke izibani zalo. Ubeke i-altare legolide lempepho phambi komphongolo wobufakazi, ulengise iveli lomnyango wetabernakele. “Ubeke i-altare lomnikelo wokushiswa phambi komnyango wetabernakele letende lokuhlangana. Ubeke umcengezi phakathi kwetende lokuhlangana ne-altare, uthele amanzi kuwo. Ulungise igceke nxazonke, ulengise iveli lesango legceke. “Uthabathe amafutha okugcoba, uligcobe itabernakele nakho konke okukulo, ulingcwelise kanye nempahla yalo yonke, libe ngcwele. Ugcobe i-altare lomnikelo wokushiswa nezinto zalo zonke, ulingcwelise i-altare, i-altare libe ngcwelengcwele. Ugcobe umcengezi nesinqe sawo, uwungcwelise. “Ulethe u-Aroni namadodana akhe emnyango wetende lokuhlangana, ubageze ngamanzi. Umembathise u-Aroni izambatho ezingcwele, umgcobe, umngcwelise ukuba angikhonze esikhundleni sobupristi. Ulethe amadodana akhe, uwembathise amabhantshi, uwagcobe, njengalokho wamgcoba uyise, ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi, ukugcotshwa kwabo kube ngubupristi obuphakade kubo ezizukulwaneni zabo.” Wenze njalo uMose; njengakho konke uJehova amyale ngakho, wenze njalo-ke. Kwathi enyangeni yokuqala ngomnyaka wesibili, ngolokuqala lwenyanga itabernakele lamiswa. UMose walimisa itabernakele, wabeka izinyawo zalo, wamisa amapulangwe alo, wafaka imishayo yalo, wamisa izinsika zalo. Weneka itende phezu kwetabernakele, wabeka isifulelo setende phezu kwalo, njengalokho uJehova emyalile uMose. Wathabatha, wabufaka ubufakazi emphongolweni, wafaka izinti emphongolweni, wabeka isihlalo somusa phezu komphongolo. Wangenisa umphongolo etabernakele, wamisa isihenqo seveli, wahenqela umphongolo wobufakazi, njengalokho uJehova emyalile uMose. Wafaka itafula etendeni lokuhlangana ohlangothini lwetabernakele olungasenyakatho ngaphandle kwesihenqo. Wahlela izinkwa phezu kwalo phambi kukaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose. Walubeka uthi lwezibani etendeni lokuhlangana malungana netafula ohlangothini lwetabernakele olungaseningizimu. Wazibeka izibani phambi kukaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose. Walibeka i-altare legolide etendeni lokuhlangana ngaphambi kwesihenqo. Washisa lapho impepho yamakha athaphukayo, njengalokho uJehova emyalile uMose. Walengisa iveli lomnyango wetabernakele. Wabeka i-altare lomnikelo wokushiswa ngasemnyango wetabernakele letende lokuhlangana, wanikela kulo ngomnikelo wokushiswa nangomnikelo wempuphu, njengalokho uJehova emyalile uMose. Wabeka umcengezi phakathi kwetende lokuhlangana ne-altare, wathela kuwo amanzi okugeza. OMose no-Aroni namadodana akhe bahlambela kuwo izandla zabo nezinyawo zabo. Nxa bengena etendeni lokuhlangana nanxa besondela e-altare, bageza njengalokho uJehova emyalile uMose. Walungisa igceke lizungeza itabernakele ne-altare, walengisa iveli lesango legceke; kanjalo-ke uMose wawuqeda umsebenzi. Ifu lase lisibekela itende lokuhlangana, nenkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele. UMose wayengenakungena etendeni lokuhlangana, ngokuba ifu lahlala phezu kwalo, nenkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele. Njalo lapho ifu lenyuswa etabernakele, abantwana bakwa-Israyeli baqhubekela phambili ezinkambeni zabo zonke. Kepha uma ifu lingenyuswanga, babengaqhubeki kwaze kwafika usuku lokwenyuswa kwalo. Ngokuba ifu likaJehova laliphezu kwetabernakele emini, nomlilo wawukulo ebusuku emehlweni ayo yonke indlu yakwa-Israyeli ezinkambeni zabo zonke.

U-Eksodusi 40:1-38 IsiZulu 2020 (ZUL20)

USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala uyakulimisa ithabanakeli lethende lokuhlangana. Uyakufaka kulo umphongolo wesivumelwano, bese uwuhenqela umphongolo ngesihenqo. Uyakungenisa itafula, uhlele izinto eziphezu kwalo, uyakufaka uthi lwesibani bese ubeka izibani zalo. Uyakubeka i-althare legolide lokushisela impepho phambi komphongolo wesivumelwano, bese ufaka isihenqo somnyango wethabanakeli. Uyakubeka i-althare lomnikelo wokushiswa phambi komnyango wethabanakeli lethende lokuhlangana. Ubeke umcengezi phakathi kwethende lokuhlangana ne-althare, uthele amanzi kuwo. Uyakulungisa igceke nxazonke, bese ulengisa isihenqo sesango legceke. “Uyakuthatha amafutha okugcoba, ugcobe ithabanakeli nakho konke okukulo, ulingcwelise nayo yonke impahla yalo, ukuze libe ngcwele. Uyakugcoba ne-althare lomnikelo wokushiswa nayo yonke impahla yalo, ulingcwelise i-althare, ukuze i-althare libe ngcwelengcwele. Uyakugcoba umcengezi nesinqe sawo, uwungcwelise. “Emveni kwalokho uyakuletha u-Aroni namadodana akhe ekungeneni kwethende lokuhlangana, bese ubageza ngamanzi. Uyakugqokisa u-Aroni izingubo ezingcwele, bese umgcoba, umngcwelise, ukuze angikhonze engumphristi. Uyakuletha futhi namadodana akhe, uwembathise amabhantshi enkonzo. Uwagcobe njengalokhu wenzile kuyise, ukuze angikhonze engabaphristi. Ukugcotshwa kwabo kuyobangenisa ebuphristini baphakade izizukulwane ngezizukulwane.” UMose wenza konke njengalokhu uSimakade ayemyalile. Ngenyanga yokuqala ngonyaka wesibili, ngosuku lokuqala lwenyanga, ithabanakeli lamiswa. UMose walimisa ithabanakeli, wabeka izisekelo zalo, wamisa amapulangwe, wafaka imishayo, wamisa izinsika zalo. Walendlala ithende phezu kwethabanakeli, weleka ngokokulimboza phezu kwalo, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose. Wathatha izibhebhe ezimbili zamatshe wazifaka emphongolweni. Wafaka izingongolo emphongolweni, wabeka isihlalo somusa phezu komphongolo. Wawungenisa umphongolo ethabanakelini, wamisa isihenqo sokuhenqela umphongolo wesivumelwano, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose. Wafaka itafula ethendeni lokuhlangana, walibeka ohlangothini olungasenyakatho lwethabanakeli ngaphandle kwesihenqo, wahlela kahle isinkwa phezu kwalo phambi kukaSimakade, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose. Wabeka uthi lwezibani ethendeni lokuhlangana, maqondana netafula elisohlangothini olungaseningizimu yethabanakeli. Wayesebeka izibani phambi kukaSimakade, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose. Wabeka i-althare legolide ethendeni lokuhlangana phambi kwesihenqo, wayeseshisa kulo impepho enuka kamnandi, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose. Walengisa isihenqo somnyango wethende. Wabeka i-althare lomnikelo wokushiswa ngasemnyango wethabanakeli lethende lokuhlangana, wayesenikela phezu kwalo umnikelo wokushiswa, nowokusanhlamvu, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose. Wabeka umcengezi phakathi kwethende lokuhlangana ne-althare, wathela kuwo amanzi okugeza, ababezogeza ngawo izandla nezinyawo oMose no-Aroni namadodana akhe. Lapho bengena ethendeni lokuhlangana nalapho besondela e-althare, babegeza, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose. Walungisa igceke nxazonke zethabanakeli ne-althare, walengisa isihenqo sesango lalo. Wawuphothula kanjalo-ke uMose umsebenzi. Ifu lalisibekela ithende lokuhlangana, inkazimulo kaSimakade yagcwalisa ithabanakeli. UMose akakwazanga ukungena ethendeni lokuhlangana, ngokuba ifu lahlala phezu kwalo, nenkazimulo kaSimakade yagcwalisa ithabanakeli. Kwakuthi lapho ifu liphakanyiswa phezu kwethabanakeli, abantu bakwa-Israyeli baqhubeke nohambo lwabo. Kepha uma ifu lingaphakanyiswanga babengaqhubeki nohambo kuze kube lusuku eliphakanyiswa ngalo. Ngokuba ifu likaSimakade laliba phezu kwethabanakeli emini, kuthi ebusuku kube khona umlilo efini. Bonke abakwa-Israyeli babekubona lokhu kuleyo naleyo ngxenye yohambo lwabo.

U-Eksodusi 40:1-38 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UJehova wakhuluma kuMose, wathi: Ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala uyakumisa itende lokuhlangana. Ufake kulo umphongolo wobufakazi, umboze umphongolo ngesihenqo. Kumelwe ungenise itafula, uhlele izinto okufanele zihlelwe phezu kwalo; ungenise uthi lwesibani, ukhanyise izibani zalo. Kumelwe ubeke i-altare legolide lempepho ngaphambi komphongolo wobufakazi futhi unamathisele izilenge zomnyango wetabernakele. Ubeke i-altare lomnikelo wokushiswa phambi komnyango wetende lokuhlangana. Kumelwe ubeke umcengezi phakathi kwetende lokuhlangana ne-altare, uthele amanzi kuwo. Uzamisa iguma nxazonke, ulengise izilenge zesango leguma. Uthabathe amafutha okugcoba, uligcobe itabernakele nakho konke okukulo, ulingcwelise kanye nazo zonke izinto zalo, libe ngcwele. Kumelwe ugcobe i-altare lomnikelo wokushiswa nazo zonke izinto zalo ungcwelise i-altare, libe i-altare elingcwelengcwele. Kumelwe ugcobe umcengezi nonyawo lwawo, uwungcwelise. Kumelwe ulethe u-Aroni namadodana akhe emnyango wetende lokuhlangana, ubageze ngamanzi. Kumelwe umembathise u-Aroni izingubo ezingcwele, umgcobe, umngcwelise; ukuze angikhonze ebupristini. Ulethe amadodana akhe, uwagqokise izembatho; Ubagcobe njengalokho ugcobe uyise, ukuze bangikhonze njengabapristi; ngokuba ukugcotshwa kwabo kuyakuba ngubupristi obuphakade ezizukulwaneni zabo. UMose wenza-ke; njengalokho uJehova emyalile, wenze njalo. Kwathi ngenyanga yokuqala ngomnyaka wesibili, ngolokuqala lwenyanga, lamiswa itabernakele. UMose walimisa itabernakele, wamisa izisekelo zalo, wamisa izinsika zalo, wafaka imigoqo yalo, wamisa izinsika zalo. Weneka itende phezu kwetabernakele, wabeka isifulelo setende phezu kwalo; njengalokho uJehova emyalile uMose. Wathatha ubufakazi, wabufaka emphongolweni, wafaka izinti emphongolweni, wabeka isihlalo somusa phezu komphongolo. Wawungenisa umphongolo etabernakele, waxhoma isilenge, wasibekela umphongolo wobufakazi; njengalokho uJehova emyalile uMose. Walibeka itafula etendeni lokuhlangana ohlangothini lwetabernakele olungasenyakatho ngaphandle kwesihenqo. Wahlela izinkwa phezu kwalo phambi kukaJehova; njengalokho uJehova emyalile uMose. Walubeka uthi lwezibani etendeni lokuhlangana malungana netafula ohlangothini lwetabernakele olungaseningizimu. Wazikhanyisa izibani phambi kukaJehova; njengalokho uJehova emyalile uMose. Walibeka i-altare legolide etendeni lokuhlangana ngaphambi kwesihenqo. Wabeka phezu kwalo impepho yeziqholo; njengalokho uJehova emyalile uMose. Walixhoma iveli emnyango wetabernakele. Wabeka i-altare lomnikelo wokushiswa emnyango wetende lokuhlangana, wanikela phezu kwalo umnikelo wokushiswa nomnikelo wempuphu; njengalokho uJehova emyalile uMose. Wabeka umcengezi phakathi kwetende lokuhlangana ne-altare, wathela kuwo amanzi okugeza. OMose no-Aroni namadodana akhe bahlambela kulo izandla zabo nezinyawo zabo. Lapho bengena etendeni lokuhlangana nalapho besondela e-altare bageza; njengalokho uJehova emyalile uMose. Walimisa igceke nxazonke zetabernakele ne-altare, wamisa izilenge zesango legceke. Ngakho uMose wawuqeda umsebenzi. Ifu lasibekela itende lokuhlangana, inkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele. UMose wayengenakungena etendeni lokuhlangana, ngokuba ifu lahlala phezu kwalo, nenkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele. Lapho ifu lisuka phezu kwetabernakele, abantwana bakwa-Israyeli baqhubeka nokuhamba. Kodwa uma ifu linganyuswanga, babengasuki kwaze kwafika usuku lokwenyuswa kwalo. Ngoba ifu leNkosi laliphezu kwethabhanekele emini, lomlilo wawuphezu kwalo ebusuku phambi kwamehlo ayo yonke indlu kaIsrayeli ezinkambeni zabo zonke.