U-Eksodusi 4:10-12
U-Eksodusi 4:10-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UMose wathi kuSimakade: “Nkosi, ngixolele, angikaze ngibe ngumuntu oyiciko lokukhuluma, kusukela kuqala kuze kube manje njengoba ukhuluma nenceku yakho, ngokuba nginamalimi, ulimi lwami lulukhuni.” USimakade wathi kuye: “Ngubani owenza umlomo womuntu na? Ngubani owenza isimungulu nesithulu, obonayo noyimpumputhe na? AkusiMina Simakade na? Ngalokho-ke hamba, ngizokuba semlonyeni wakho, ngikufundise ozokusho.”
U-Eksodusi 4:10-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UMose wayesethi kuJehova: “Nkosi, angizange ngibe ngumuntu oyiqaphuqaphu, nakuqala namanje lapho usukhulumile encekwini yakho, ngokuba umlomo wami unzima, unamalimi.” UJehova wayesethi kuye: “Ngubani owenzile umlomo womuntu na? Ngubani owenza isimungulu, nesithulu, nobonayo, nempumputhe na? Akusimina, uJehova, na? Ngalokho hamba; ngizakuba nomlomo wakho, ngikufundise lokho ozakukukhuluma.”
U-Eksodusi 4:10-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UMose wayesethi kuJehova: “Awu, Nkosi yami, angiyena umuntu okhulumayo, nangaphambili, nasemihleni yakho, kusukela lapho ukhuluma encekwini yakho; kodwa mina nginamazwi aphuzayo nolimi olunensayo. INkosi yasisithi kuye: Ngubani owenza umlomo womuntu? Ngubani owenza isimungulu noma isithulu noma obonayo noma oyimpumputhe? Anginayo iNkosi na? Hamba manje, mina ngizakuba lomlomo wakho, ngikufundise lokho ozakutsho.