U-Eksodusi 20:1-21

U-Eksodusi 20:1-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UNkulunkulu wakhuluma wonke lawa mazwi, wathi: “NginguSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila. Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami. Ungazenzeli isithombe esibaziweyo, sanoma yini olusezulwini phezulu, noma olusemhlabeni phansi, noma olusemanzini phansi komhlaba. Ungazikhothameli, ungahungeki ukuba uzikhonze, ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wakho, nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana, kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo, kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane balabo abangithandayo, bagcine imiyalelo yami. Ungaliphathi ngeze igama likaSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba uSimakade akayukumyeka angamjezisi oliphatha ngeze igama lakhe. Khumbula usuku lwesabatha, ulungcwelise. Uyosebenza ngezinsuku eziyisithupha, uwenze wonke umsebenzi wakho, kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha likaSimakade, uNkulunkulu wakho; awuyukwenza msebenzi ngalo, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, imfuyo yakho, nomfokazi ogogobele emzini wakho, ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uSimakade wenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, waphumula ngosuku lwesikhombisa, ngalokho uSimakade walubusisa usuku lwesabatha, walwehlukanisela ukuba lube ngcwele. Hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni, uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona. Ungabulali. Ungaphingi. Ungebi. Ungafakazi ngamanga ngomakhelwane wakho. Ungayifisi indlu yomakhelwane wakho; ungamfisi umfazi womakhelwane wakho, inceku yakhe, incekukazi yakhe, inkabi yakhe, imbongolo yakhe, noma yini kamakhelwane wakho.” Lapho bonke abantu bezwa ukuduma kwezulu, nombani, nokukhala kwecilongo, bebona nentaba ithunqa, bathuthumela, bamela kude. Bathi kuMose: “Khuluma wena nathi, siyakukulalela, kodwa uNkulunkulu makangakhulumi nathi, funa sife.” UMose wathi kubantu: “Ningesabi; uNkulunkulu uze ukuba anivivinye nokuba anifake uvalo ukuze ningoni.” Kepha abantu bamela kude, kwaba nguMose kuphela osondela efini elimnyama lapho uNkulunkulu wayekhona.

U-Eksodusi 20:1-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UNkulunkulu wakhuluma onke lawa mazwi, wathi: “NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila. “Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami. “Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo, namfanekiso wokusezulwini ngaphezulu, nowokusemhlabeni phansi, nowokusemanzini phansi komhlaba; ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo, kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane abangithandayo, bagcine imiyalelo yami. “Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba uJehova akayikumyeka oliphatha ngeze igama lakhe. “Khumbula usuku lwesabatha, ulungcwelise. Izinsuku eziyisithupha uyakusebenza, uwenze wonke umsebenzi wakho; kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha likaJehova uNkulunkulu wakho; awuyikusebenza msebenzi ngalo, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nezinkomo zakho, nomfokazi osemzini wakho; ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova wenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, waphumula ngosuku lwesikhombisa; ngalokho uJehova walubusisa usuku lwesabatha, walungcwelisa. “Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona. “Ungabulali. “Ungaphingi. “Ungebi. “Ungafakazi amanga ngomakhelwane wakho. “Ungafisi indlu yomakhelwane wakho; ungafisi umfazi womakhelwane wakho, nenceku yakhe, nencekukazi yakhe, nenkabi yakhe, nembongolo yakhe, nokunye okomakhelwane wakho.” Bonke abantu babona ukuduma nokunyazima kombani, nezwi lecilongo, nentaba ithunqa; kwathi abantu sebebonile, bathuthumela, bema kude. Bathi kuMose: “Khuluma wena kithi, sizwe; kepha uNkulunkulu makangakhulumi kithi, funa sife.” UMose wayesethi kubantu: “Ningesabi, ngokuba uNkulunkulu uze ukuba anivivinye, ukumesaba kube semehlweni enu, ukuze ningoni.” Abantu bema kude; uMose wasondela ebumnyameni obunzima, lapho ekhona uNkulunkulu.

U-Eksodusi 20:1-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UNkulunkulu wakhuluma onke lawa mazwi, wathi: NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibhithe, endlini yobugqila. Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami. Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo, noma umfanekiso wokusezulwini phezulu, nokusemhlabeni phansi, nowokusemanzini phansi komhlaba. Ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ohambela ububi bawoyise kubantwana, kwesesithathu nesesine isizukulwane sabangizondayo. Futhi ngihawukele izinkulungwane zalabo abangithandayo futhi bagcine imiyalo yami. Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho; ngoba uJehova kayikumyekela osebenzisa ibizo lakhe ngeze. Khumbula usuku lwesabatha, ulungcwelise. Izinsuku eziyisithupha uyakusebenza, uwenze wonke umsebenzi wakho; Kodwa usuku lwesikhombisa luyisabatha leNkosi uNkulunkulu wakho; awuyikusebenza msebenzi ngalo, wena nendodana yakho noma indodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nezinkomo zakho, nomfokazi wakho okuwe. Amasango: Ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova wenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, waphumula ngosuku lwesikhombisa; ngalokho uJehova walubusisa usuku lwesabatha, walungcwelisa. Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zande ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona. Ungabulali. Ungaphingi. Ungebi. Ungafakazi amanga ngomakhelwane wakho. Ungafisi indlu yomakhelwane wakho, ungafisi umfazi womakhelwane wakho, nenceku yakhe, nencekukazi yakhe, nenkabi yakhe, nembongolo yakhe, nokunye okomakhelwane wakho. Bonke abantu babona ukuduma, nemibani, nomsindo wecilongo, nentaba ethunqayo; abantu sebekubona bahlehla bamela khatshana. Basebesithi kuMozisi: Khuluma wena kithi, sizakuzwa; kepha uNkulunkulu makangakhulumi kithi, funa sife. UMose wayesethi kubantu: “Ningesabi, ngokuba uNkulunkulu uze ukunivivinya, ukumesaba kube phambi kwenu, ukuze ningoni. Abantu bema kude, uMose wasondela ebumnyameni obukhulu lapho uNkulunkulu ekhona.