U-Eksodusi 2:5-6
U-Eksodusi 2:5-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwase kwehla indodakazi kaFaro iyogeza emfuleni, abaphelezeli bayo bagudla osebeni lomfula; yayisibona ubhasikidi emhlangeni, yayisithumela umsizi wayo ukuyowulanda. Kwathi lapho iwuvula yabona; bheka, kwakungumfana; wayekhala. Yamhawukela, yayisithi: “Lona ngomunye wezingane zamaHebheru.”
U-Eksodusi 2:5-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwase kwehla indodakazi kaFaro ukuyogeza emfuleni; amantombazana ayo ahamba eceleni komfula; ibona ibhokisi emhlangeni yathuma intombazana ukulilanda. Yalivula, yabona umntwana; bheka, kwakungumfana; wakhala. Yamhawukela, yathi: “Lona ungowabantwana bamaHeberu.”
U-Eksodusi 2:5-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Indodakazi kaFaro yehla ukuyogeza emfuleni; bheka, intombazane yayihamba eceleni komfula; lapho ebona umkhumbi phakathi kwezinhlaka, wathumela incekukazi yakhe ukuba iwulande. Eseyivula, wabona umntwana, bheka, umntwana wayekhala. Wamhawukela kakhulu, wathi: “Lo ungomunye wabantwana bamaHeberu.”