U-Eksodusi 18:13-27

U-Eksodusi 18:13-27 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi ngangomuso uMose wayehlala ukwahlulela abantu; abantu babemi ngakuMose kusukela ekuseni kwaze kwahlwa. Umukhwe kaMose esebona konke abenzela khona abantu, wathi: “Kuyini lokhu obenzela khona bantu na? Uhlalelani wedwa, abantu bonke bemi ngakuwe kusukela ekuseni kuze kuhlwe na?” UMose wathi kumukhwe wakhe: “Kungokuba abantu beza kimi ukuyombuza uNkulunkulu. Uma benendaba, beza kimi; ngiyahlulela phakathi komuntu nomakhelwane wakhe, ngibazise izimiso zikaNkulunkulu nemithetho yakhe.” Umukhwe kaMose wathi kuye: “Lokhu okwenzayo akukuhle. Uyakudinwa nokudinwa, wena nalaba bantu abanawe, ngokuba lokhu kuyakusinda; awunakukwenza uwedwa. Kalokhu lalela izwi lami, ngikululeke, uNkulunkulu abe nawe; ngithi: ‘Yiba ngumkhulumeli wabantu phambi kukaNkulunkulu, ulethe izindaba kuNkulunkulu, ubafundise izimiso nemithetho, ubatshengise indlela abayakuhamba ngayo, nomsebenzi abayakuwenza. Futhi-ke wozifunela phakathi kwabantu bonke amadoda anamandla amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekileyo, azonda inzuzo engalungile, uwabeke phezu kwabo, abe yizinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi. Akube yizona ezahlulela abantu ngezikhathi zonke, kulethwe kuwe zonke izindaba ezinkulu; kepha zonke izindaba ezincane zahlulelwe yizo uqobo, kuze kube lula kuwe, zithwalisane nawe. Uma wenza lokhu, noNkulunkulu ekuyala kanje, uzakuba namandla okuma, nabo bonke laba bantu bayakubuyela ezindaweni zabo benokuthula.’ ” UMose walalela izwi lomukhwe wakhe, wakwenza konke akushilo. UMose wakhetha amadoda anamandla phakathi kuka-Israyeli wonke, wawabeka aba yizinhloko phezu kwabantu, izinduna zezinkulungwane, nezinduma zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi. Zahlulela abantu ngezikhathi zonke; izindaba ezilukhuni zazidlulisela kuMose, kepha zonke izindaba ezincane zahlulelwa yizo uqobo. UMose wamvalelisa umukhwe wakhe; wasuka wabuyela ezweni lakubo.

U-Eksodusi 18:13-27 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwathi ngangomuso uMose wahlala ukwahlulela abantu, abantu bema ngakuMose kusukela ekuseni kwaze kwahlwa. Lapho umukhwe kaMose ebona konke akwenzela abantu, wathi: “Iyini le nto oyenza kubantu? Uhlalelani wedwa, nabantu bonke bema kuwe kusukela ekuseni kuze kuhlwe? UMozisi wasesithi kuyisezala: Ngoba abantu beza kimi ukubuza kuNkulunkulu. Nxa benecala, bayeza kimi; ngiyakwahlulela phakathi kwabo, ngibazise izimiso zikaNkulunkulu nemithetho yakhe. Wayesethi umukhwe kaMose kuye: “Ayiyinhle le nto oyenzayo; Ngokuqinisekile uzokhathala, wena nalaba bantu abakanye nawe, ngoba le nto inzima kakhulu kuwe; awukwazi ukukwenza ngokwakho. Manje lalela izwi lami, ngizokululeka, futhi uNkulunkulu uyakuba nawe: yiba noNkulunkulu kubantu, ukuze ulethe izindaba kuNkulunkulu. Futhi kumelwe ubafundise izimiso nemithetho futhi ubabonise indlela okufanele bahambe ngayo nomsebenzi okufanele bawenze. Ngaphezu kwalokho, kumelwe ukhethe kubo bonke abantu amadoda afanelekayo amesabayo uNkulunkulu, amadoda eqiniso, azondayo ukuhaha; wabeka phezu kwabo izinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zeshumi. Mabahlulele abantu ngaso sonke isikhathi; zonke izindaba ezinkulu ziyakuziletha kuwe, kepha zonke ezincane ziyakwahlulela; ngakho-ke kuyoba lula kuwe, futhi bayothwala umthwalo kanye nawe. Uma wenza lokhu futhi uNkulunkulu ekuyala kanjalo, khona-ke uyokwazi ukukhuthazela, futhi bonke laba bantu bayobuyela endaweni yabo ngokuthula. UMose walilalela izwi likayisezala, wenza konke ayekushilo. UMose wakhetha amadoda anamandla ku-Israyeli wonke, wawamisa aba izinhloko phezu kwabantu, izinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi amahlanu nezinduna zeshumi. Basebeqondisa abantu ngazo zonke izikhathi; izindaba ezinzima baziletha kuMose, kepha zonke izindaba ezincane bazihlulela bona. UMose wayesemukisa umukhwe wakhe; wasesiya elizweni lakibo.

U-Eksodusi 18:13-27 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngakusasa uMose wahlalela ukwehlulela abantu, abantu bema ngakuMose kusukela ekuseni kwaze kwaba kusihlwa. Umukhwe kaMose wakubona konke lokhu ayekwenzela abantu, wathi kuye: “Kuyini lokhu obenzela khona abantu na? Kungani uhlale wedwa, uzungezwe ngabantu kusukela ekuseni kuze kuhlwe na?” UMose wathi kumukhwe wakhe: “Kungokuba abantu beza kimi ukuzobuza okushiwo nguNkulunkulu. Uma kunodaba phakathi kwabo, beza kimi ukuba ngahlulele phakathi komuntu nomakhelwane wakhe, bese ngibatshela imithetho nezimiso zikaNkulunkulu.” Umukhwe kaMose wathi kuye: “Lokhu okwenzayo akukuhle. Uzozikhandla uzikhathaze wena nalaba bantu onabo, ngokuba lo msebenzi mkhulu kakhulu kunawe, awunakukwazi ukuwenza uwedwa. Manje ngilalele, ngizokweluleka, uNkulunkulu abe nawe. Ufanele ukukhulumela abantu phambi kukaNkulunkulu, ulethe izindaba zabo kuNkulunkulu; bafundise izimiso nemithetho, ubenze bayiqonde indlela okumele bahambe ngayo, nomsebenzi okufanele bawenze. Zifunele phakathi kwabo amadoda ahloniphekile, amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekile, akuzondayo ukuthola inzuzo ngokungalungile, uwabeke abe yizinduna zezinkulungwane, zamakhulu, zama-50, nezeshumi. Makube yibona abehlulela abantu ngezikhathi zonke; balethe kuwe zonke izindaba ezinkulu, kodwa amacala amancane mawanqunywe yibo, ukuze bawenze ube lula umthwalo wakho, bathwalisane nawe. Uma ukwenza lokhu, noNkulunkulu ekuyala kanjalo, uyokwazi ukuma, nabantu bonke babuyele emizini yabo benokweneliswa.” UMose wamlalela umukhwe wakhe, wakwenza konke ayekushilo. UMose wakhetha amadoda anekhono phakathi kwabakwa-Israyeli, wawabeka aba yizinduna zabantu, aba yizinduna phezu kwezinkulungwane, phezu kwamakhulu, phezu kwama-50, naphezu kweshumi. Zehlulela abantu ngezikhathi zonke. Amacala anzima zaziwedlulisela kuMose. Zonke izindaba ezilula zehlulelwa yizo. UMose wavalelisana nomukhwe wakhe, uJethro wahamba wabuyela ezweni lakubo.