U-Eksodusi 17:6-7
U-Eksodusi 17:6-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Bheka, ngiyakuma lapho phambi kwakho edwaleni laseHorebe; uyakushaya idwala, kuphume amanzi kulo, abantu baphuze. Wenze njalo uMose emehlweni amalunga akwa-Israyeli. Wabiza indawo ngokuthi iMasa neMeriba ngenxa yokuxabana kwabantwana bakwa-Israyeli nangenxa yokubuza kwabo uJehova ngokuthi: “Ingabe uJehova uphakathi kwethu noma qha?
U-Eksodusi 17:6-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngizobe ngimi phambi kwakho laphaya edwaleni eHorebhe. Uyakulishaya idwala kuphume amanzi kulo, ukuze abantu baphuze.” UMose wenza kanjalo ebuka amalunga akwa-Israyeli. Leyo ndawo wayibiza ngokuthi kuseMasa neMeribha, ngenxa yokuphikisana kwabantu bakwa-Israyeli, nangenxa yokuba bamvivinya uSimakade lapho, bethi: “Ngabe uSimakade ukhona yini phakathi kwethu noma qha?”
U-Eksodusi 17:6-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Bheka, ngiyakuma phambi kwakho edwaleni laseHorebe; uzakushaya itshe, kuphume amanzi kulo, abantu baphuze.” Wenze njalo uMose emehlweni amalunga akwa-Israyeli. Waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iMasa* neMeriba* ngenxa yokuphikisana kwabantwana bakwa-Israyeli, nangokuba bemlinga uJehova, bethi: “Ukhona yini uJehova phakathi kwethu noma qha?”