U-Eksodusi 14:1-31

U-Eksodusi 14:1-31 IsiZulu 2020 (ZUL20)

USimakade wathi kuMose: “Khuluma nabantu bakwa-Israyeli ukuze babuyele emuva, bayokanisa phambi kwePhi Hahirothi, phakathi kweMigidoli nolwandle, phambi kweBhali Zefoni; bakanise ngasolwandle babhekane nalo. UFaro uyakuthi ngabantu bakwa-Israyeli: ‘Bayazulazula bedidekile ezweni, ihlane libavalele.’ “Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, uyakubalandela, ukuze ngithole udumo ngoFaro nangempi yakhe yonke; abaseGibhithe bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.” Benza kanjalo. Yabikelwa inkosi yaseGibhithe ukuthi abantu babalekile. UFaro nezinceku zakhe baguqula umqondo mayelana nabantu, bathi: “Yini le esiyenzileyo ukuba sikhulule abakwa-Israyeli bangabe besasisebenzela na?” Wabophela inqola yakhe yempi, wahamba nabantu bakhe; wathatha izinqola ezikhethiweyo ezingama-600, nazo zonke ezinye izinqola zempi zaseGibhithe, nezinduna zempi. USimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibhithe, wabalandela abantu bakwa-Israyeli ngokuba babephume ngesandla esiphakeme. AbaseGibhithe babalandela ngamahhashi, nezinqola zempi zikaFaro, nempi yakhe, babafica bekanise ngasolwandle ePhi Hahirothi, phambi kweBhali Zefoni. Kwathi lapho uFaro esesondela, abantu bakwa-Israyeli baphakamisa amehlo abo bababona abaseGibhithe bebalandela, besaba kakhulu abantu bakwa-Israyeli, base bekhala kuSimakade. Bathi kuMose: “Yingoba abengekho yini amangcwaba eGibhithe ukuba usikhiphele kuleli hlane sizofela khona na? Yini le osenze yona ngokusikhipha eGibhithe na? Asishongo yini kuwe siseseGibhithe sathi: ‘Siyeke ukuze sisebenzele abaseGibhithe’ na? Ngokuba bekungcono ukusebenzela abaseGibhithe kunokuba sizofela ehlane.” Kepha uMose wathi kubantu: “Ningesabi, qinani, nibone ukukhululwa uSimakade azonenzela khona namuhla; ngokuba laba baseGibhithe enibabona namuhla anisayukuphinde nibabone naphakade. USimakade uzonilwela, nina thulani du.” USimakade wathi kuMose: “Ukhalelani kimi na? Khuluma kubantu bakwa-Israyeli ukuba bahambe. Wena phakamisa induku yakho, welulele isandla sakho phezu kolwandle ulwehlukanise, yikhona abantu bakwa-Israyeli bezodabula ulwandle behamba emhlabathini owomileyo. Mina ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo yabaseGibhithe ukuze banilandele, ngiyofumana udumo ngoFaro nangayo yonke impi yakhe, izinqola zakhe zempi, nabagibele amahhashi. AbaseGibhithe bayakukwazi ukuthi nginguSimakade lapho sengizitholele udumo ngoFaro, nezinqola zakhe zempi, nangabagibele amahhashi.” Ingelosi kaNkulunkulu eyayihamba phambi kwempi yabakwa-Israyeli yasuka yaya ngemuva kwabo; nensika yefu eyayihamba phambi kwabo yasuka yaba ngemuva kwabo. Yaba phakathi kwempi yabaseGibhithe nempi yabakwa-Israyeli. Kwakukhona ifu nobumnyama, ifu lakhanyisa ebusuku kodwa akekho owasondela komunye ubusuku bonke. UMose welulela isandla sakhe phezu kolwandle, uSimakade walududula ulwandle ubusuku bonke ngomoya wasempumalanga onamandla, ulwandle waluphendula lwaba wumhlabathi owomileyo, amanzi ehlukana. Abantu bakwa-Israyeli badabula olwandle behamba emhlabathini owomileyo, amanzi enza udonga kwesokunene nakwesokhohlo sabo. AbaseGibhithe ababebaxosha bangena olwandle, amahhashi wonke kaFaro, nezinqola zakhe zempi, nabagibele amahhashi. Entathakusa uSimakade esensikeni yomlilo nasefini, wabheka phansi emshungwini wempi yabaseGibhithe, wayenza yadideka impi. Izinqola zabo zempi zabhajwa, amasondo ahamba kanzima, ngakho-ke abaseGibhithe bathi: “Masibalekeni phambi kwabakwa-Israyeli, ngokuba uSimakade uyabalwela, umelene nabaseGibhithe.” USimakade wathi kuMose: “Yelulela isandla sakho phezu kolwandle, ukuze amanzi abuyele phezu kwabaseGibhithe, naphezu kwezinqola zabo zempi, naphezu kwabagibele amahhashi.” UMose welulela isandla sakhe phezu kolwandle, ulwandle lwabuyela esimweni salo entathakusa. AbaseGibhithe babaleka, kodwa uSimakade wabaphonsa phakathi kolwandle abaseGibhithe. Amanzi abuyela amboza izinqola zempi, nabagibele amahhashi, nayo yonke impi kaFaro eyayibalandela; baminza olwandle, akwaze kwasala namunye. Kepha abakwa-Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo bedabula ulwandle, amanzi aba wudonga kwesokunene nakwesokhohlo sabo. Ngalolo lusuku uSimakade wabasindisa abakwa-Israyeli esandleni sabaseGibhithe; abakwa-Israyeli babona izidumbu zabaseGibhithe ogwini lolwandle. U-Israyeli wawabona amandla amakhulu abonakaliswa nguSimakade phezu kwabaseGibhithe, abantu bakholwa nguSimakade nayinceku yakhe uMose.

U-Eksodusi 14:1-31 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Yisho kwabakwa-Israyeli ukuba babuyele emuva, bamise ngaphambi kwePhi Hahiroti, ngaphakathi kweMigidoli nolwandle, phambi kweBali Sefoni; anomisa ngaselwandle, nibhekane nalo. UFaro uyakuthi ngabantwana bakwa-Israyeli: ‘Badidekile ezweni, ihlane libavalele.’ Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, abalandele; ngiyakudunyiswa ngoFaro nangebandla lakhe lonke; abaseGibithe bayakwazi ukuthi nginguJehova.” Benze njalo-ke. Inkosi yaseGibithe yabikelwa ukuthi abantu sebebalekile; inhliziyo kaFaro neyezinceku zakhe yabaguqukela abantu, bathi: “Yini lokhu esikwenzileyo, sabavumela abakwa-Israyeli ukuba bahambe, bangasikhonzi, na?” Wabophela inqola yakhe, wahamba nabantu bakhe. Wathatha izinqola ezingamakhulu ayisithupha ezikhethiweyo, nezinqola zonke zaseGibithe, nezinduna zazo zonke. UJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibithe; waxosha abakwa-Israyeli; ngokuba abantwana bakwa-Israyeli baphuma ngesandla esiphakamileyo. AbaseGibithe babaxosha, amahhashi onke, nezinqola zikaFaro, nabamahhashi bakhe, nempi yakhe, babafica bemise ngaselwandle ngasePhi Hahiroti ngaphambi kweBali Sefoni. UFaro esesondela, abantwana bakwa-Israyeli baphakamisa amehlo abo; bheka, abaseGibithe babebalandela; base besaba kakhulu; abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova. Bathi kuMose: “Kungokuba kwakungekho mathuna eGibithe usikhiphile ukuba sifele ehlane na? Usenzeleni lokhu, wasikhipha eGibithe, na? Leli alisilo izwi esalikhuluma kuwe eGibithe, sithi: ‘Siyeke, sikhonze abaseGibithe,’ na? Ngokuba bekuyakuba ngcono kithi ukubakhonza abaseGibithe kunokuba sifele ehlane.” UMose wathi kubantu: “Ningesabi; qinani, nibone ukusindisa kukaJehova azakunenzela khona namuhla, ngokuba abaseGibithe enibabonile namuhla anisayikubuye nibabone naphakade.” UJehova uzakunilwela, nothula nina. UJehova wayesethi kuMose: “Ukhalelani kimi na? Yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuba bahambe. Phakamisa wena induku yakho, welule isandla sakho phezu kolwandle, ulwahlukanise; abantwana bakwa-Israyeli bazakuhamba phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo. Bheka, mina ngiyakuzenza lukhuni izinhliziyo zabaseGibithe, babalandele; ngizakudunyiswa ngoFaro nangempi yakhe yonke, ngezinqola zakhe nangabamahhashi bakhe. AbaseGibithe bazakwazi ukuthi nginguJehova, nxa ngidunyisiwe ngoFaro, ngezinqola zakhe nangabamahhashi bakhe.” Ingelosi kaNkulunkulu eyayihambile phambi kwempi ka-Israyeli yasuka yahamba emva kwabo, nensika yefu yasuka phambi kwabo, yema emva kwabo. Yafika phakathi kwempi yaseGibithe nempi yakwa-Israyeli; kwakukhona ifu nobumnyama, noma ikhanya ebusuku, ukuze izimpi zingakwazi ukusondelana ubusuku bonke. UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle; uJehova wamukisa amanzi ngomoya onamandla wasempumalanga ubusuku bonke, waphendula ulwandle lwaba ngumhlabathi owomileyo, amanzi ahlukana. Abantwana bakwa-Israyeli bangena phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo; amanzi aba lugange kubo ngakwesokunene nangakwesokhohlo. AbaseGibithe babaxosha, bangena emva kwabo ngaphakathi kolwandle, namahhashi onke kaFaro, nezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe. Kwathi ngomlindo wokusa uJehova walunguza impi yabaseGibithe, esensikeni yomlilo neyefu, wayidunga impi yabaseGibithe. Wawisa amasondo ezinqola ukuba bahambise kalukhuni, baze bathi abaseGibithe: “Masibaleke ebusweni buka-Israyeli, ngokuba uJehova uyabalwela emelene nabaseGibithe.” Wayesethi uJehova kuMose: “Yelula isandla sakho phezu kolwandle ukuba amanzi abuyele phezu kwabaseGibithe, phezu kwezinqola zabo nabamahhashi babo.” UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle, ulwandle lwabuyela endaweni yalo ngokufika kokusa; abaseGibithe balubalekela; uJehova wabathuntuthela abaseGibithe phakathi kolwandle. Amanzi abuyela, asibekela izinqola, nabamahhashi, nayo yonke impi kaFaro eyangena elwandle emva kwazo; akwasala noyedwa kubo. Kepha abantwana bakwa-Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo phakathi kolwandle; amanzi aba lugange kubo ngakwesokunene nangakwesokhohlo. Kanjalo uJehova wasindisa u-Israyeli esandleni sabaseGibithe; u-Israyeli wababona abaseGibithe befile ogwini lolwandle. U-Israyeli wabona umsebenzi omkhulu uJehova awenzile phezu kwabaseGibithe; abantu base bemesaba uJehova, bakholwa nguJehova nenceku yakhe uMose.

U-Eksodusi 14:1-31 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UJehova wakhuluma kuMose, wathi: Yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuba baphenduke, bamise ngaphambi kwePhihagiroti, phakathi kweMigidoli nolwandle, malungana neBali Sefoni; ngalokho uyakumisa ngaselwandle. Ngoba uFaro uzakuthi ngabantwana bakoIsrayeli: Badidekile elizweni, inkangala ibahaqile. Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro ukuba abalandele; ngiyakudunyiswa phambi kukaFaro naphezu kwempi yakhe yonke; ukuze abaseGibithe bazi ukuthi nginguJehova. Benza kanjalo. Kwasekubikwa enkosini yeGibhithe ukuthi abantu babalekile, lenhliziyo kaFaro leyenceku zakhe yabaphendukela abantu, bathi: Sikwenzeleni lokhu, ukuthi senze uIsrayeli ahambe asikhonze? Walungisa inqola yakhe, wathatha abantu bakhe wahamba naye. Wathatha izinqola ezingamakhulu ayisithupha zekhethelo kanye nazo zonke izinqola zaseGibhithe nezinduna phezu kwazo zonke. UJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibithe, waxosha abantwana bakwa-Israyeli; abantwana bakwa-Israyeli baphuma ngesandla esiphakeme. AbaseGibithe babaxosha, amahhashi onke, nezinqola zikaFaro, nabamahhashi bakhe, nempi yakhe, babafica ababemise ngaselwandle ngasePhi-hagiroti ngaphambi kweBali Sefoni. UFaro esesondela, abantwana bakwa-Israyeli baphakamisa amehlo abo, bheka, abaseGibithe babebalandela; besaba kakhulu, abantwana bakwa-Israyeli bakhuleka kuJehova. Base bethi kuMose: “Ngokuba kwakungekho mathuna eGibithe wasisusa ukuba sifele ehlane na?” wasenzelani kanje, wasikhipha eGibithe na? Leli akulona yini izwi esalikhuluma kuwe eGibhithe ukuthi: Ake sime, ukuze sikhonze abaseGibhithe? Ngokuba kwakungcono kithi ukukhonza abaseGibithe kunokuba sifele ehlane. UMose wayesethi kubantu: “Ningesabi; yimani, nibone ukusindiswa kweNkosi ezonenzela khona namuhla; ngokuba abaseGibithe enibabonile namuhla anisayikubabona kuze kube phakade. UJehova uyakunilwela, nina nithule; UJehova wathi kuMose: “Ungibizelani na? khuluma nabantwana bakwa-Israyeli ukuthi baqhubeke. Kepha wena phakamisa udondolo lwakho, welule isandla sakho phezu kolwandle, uluhlukanise, ukuze abantwana bakwa-Israyeli badabule ulwandle emhlabathini owomileyo. Mina, bheka, ngiyakuzenza lukhuni izinhliziyo zabaseGibithe, bawalandele; ngizakhazimulisa uFaro lakulo lonke ibutho lakhe, lezinqola zakhe, labagadi bamabhiza bakhe. AbaseGibithe bayakwazi ukuthi nginguJehova, uma ngimdumise uFaro, nezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe. Ingelosi kaNkulunkulu eyaphuma phambi kwempi yakwa-Israyeli yasuka, yabalandela; insika yefu yasuka phambi kwawo, yema emva kwawo. Yangena phakathi kwempi yabaseGibithe nempi yakwa-Israyeli; futhi laliyifu nobumnyama kubo, kodwa lalibakhanyisela ebusuku, ukuze omunye angafiki komunye ubusuku bonke. UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle; uJehova wabangela ukuba ulwandle luhlehle ubusuku bonke ngomoya wasempumalanga onamandla, womisa ulwandle, amanzi ahlukana. Abantwana bakwa-Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo phakathi kolwandle, amanzi aba lugange kubo ngakwesokunene sabo nangakwesokhohlo. AbaseGibithe babaxosha, bawalandela kwaze kwaba phakathi kolwandle, namahhashi onke kaFaro, nezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe. Futhi kwenzeka ukuthi ngomlindo wokusa iNkosi yabheka phakathi kwensika yomlilo nefu ebuthweni labaseGibhithe, futhi impi yamaGibhithe yanqotshwa. Ase ekhumula amasondo ezinqola zawo, awagibelisa, kangangokuthi abaseGibithe bathi: “Masibaleke phambi kuka-Israyeli; ngoba uJehova uyabalwela emelene labaseGibhithe. INkosi yasisithi kuMozisi: Yelula isandla sakho phezu kolwandle, ukuze amanzi abuyele phezu kwabaseGibhithe, phezu kwezinqola zabo laphezu kwabagadi bawo bamabhiza. UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle, ulwandle lwabuyela ngamandla alo ekuzeni kokusa; abaseGibithe bawubalekela; uJehova wagumbuqela abaseGibithe phakathi kolwandle. Amanzi abuya, asibekela izinqola, nabamahhashi, nempi yonke kaFaro eyangena elwandle emva kwawo; akwasala ngisho noyedwa kubo. Kepha abantwana bakwa-Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo phakathi kolwandle; amanzi aba lugange kubo ngakwesokunene sabo nangakwesokhohlo sabo. Ngakho uJehova wakhulula u-Israyeli ngalolo suku esandleni sabaseGibhithe; u-Israyeli wabona abaseGibithe befile ogwini lolwandle. U-Israyeli wawubona umsebenzi omkhulu uJehova awenza kwabaseGibhithe; abantu base bemesaba uJehova, bakholwa nguJehova nenceku yakhe uMose.