U-Eksodusi 12:12-13
U-Eksodusi 12:12-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“ ‘Ngokuba ngiyokwedlula eGibhithe ngalobo busuku, ngibulale wonke amazibulo eGibhithe, awabantu nawezilwane, ngibehlulele bonke onkulunkulu baseGibhithe: nginguSimakade. Igazi liyokuba wuphawu lwenu ezindlini lapho nihleli khona: uma ngibona igazi, ngiyokwedlula kini, ngeke ubhubhane lunibhubhise lapho ngishaya iGibhithe.
U-Eksodusi 12:12-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“ ‘Ngokuba ngiyakudabula izwe laseGibithe ngalobo busuku, ngibulale onke amazibulo ezweni laseGibithe, abantu nezinkomo, ngenze izahlulelo kuzo zonke izithixo zaseGibithe; nginguJehova. Igazi liyakuba luphawu lwenu ezindlini lapho nikhona; nanxa ngibona igazi, ngiyakudlula kini, ningehlelwa yisifo sokunibhubhisa, lapho ngibulala izwe laseGibithe.
U-Eksodusi 12:12-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngiyakudabula izwe laseGibithe ngalobu busuku, ngibulale onke amazibulo ezweni laseGibithe, abantu nezilwane; ngiyakwahlulela bonke onkulunkulu baseGibithe; nginguJehova. Igazi liyakuba yisibonakaliso kini ezindlini enikhona; futhi lapho ngibona igazi, ngizodlula phezu kwenu, futhi isifo ngeke sibe phezu kwenu ukuze sinibhubhise lapho ngishaya izwe laseGibhithe.