U-Eksodusi 11:5-6
U-Eksodusi 11:5-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wonke amazibulo eGibhithe azokufa, kusukela ezibulweni likaFaro ohleli esihlalweni sobukhosi kuya ezibulweni elizalwa ngowesifazane oyisigqila ogwedla isigayo, nawo wonke amazibulo emfuyo. Kuzokuba nesililo esikhulu, esingakaze sibe khona, futhi esingayukuphinde sibe khona kulo lonke iGibhithe.
U-Eksodusi 11:5-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
amazibulo onke asezweni laseGibithe ayakufa, kusukela kulo izibulo likaFaro ohlala esihlalweni sakhe sobukhosi kuze kube kulo izibulo lencekukazi engasetsheni lokugaya, kanye namazibulo onke ezinkomo. Kuyakuba khona ukukhala okukhulu ezweni lonke laseGibithe, okungazange kube khona okungangako, okungasayikuba khona futhi okungangako.
U-Eksodusi 11:5-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Futhi wonke amazibulo ezweni laseGibhithe ayofa, kusukela ezibulo likaFaro ohlezi esihlalweni sakhe sobukhosi kuze kube izibulo lencekukazi engasemuva lokuchola; nawo onke amazibulo ezilwane. Kuyakuba khona isililo esikhulu ezweni lonke laseGibithe, esingakaze sibe khona, nesingayikuba khona.