U-Eksodusi 11:1-7
U-Eksodusi 11:1-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade wathi kuMose: “Ngizoletha enye futhi inhlupheko phezu kukaFaro naphezu kweGibhithe; emveni kwalokho uzonivumela ukuba nihambe lapha. Lapho enivumela uzakunixosha nokunixosha. Ngakho-ke tshela abantu ukuthi yilowo nalowo wesilisa makacele kumakhelwane wakhe, nabesifazane bacele komakhelwane babo izimpahla zesiliva nezegolide.” USimakade wabenzela umusa abantu phambi kwabaseGibhithe. Ngaphezu kwalokho uMose uqobo wayeyindoda eqavileyo eGibhithe, naphambi kwezinceku zikaFaro, naphambi kwabantu. UMose wathi: “Usho kanje uSimakade: ‘Phakathi kwamabili ngizodabula kulo lonke iGibhithe. Wonke amazibulo eGibhithe azokufa, kusukela ezibulweni likaFaro ohleli esihlalweni sobukhosi kuya ezibulweni elizalwa ngowesifazane oyisigqila ogwedla isigayo, nawo wonke amazibulo emfuyo. Kuzokuba nesililo esikhulu, esingakaze sibe khona, futhi esingayukuphinde sibe khona kulo lonke iGibhithe. Kepha ngasohlangothini lwabakwa-Israyeli akukho muntu nasilwane okuzokufa, ngisho inja imbala ayiyukugwavumela muntu namfuyo, ukuze nazi ukuthi uSimakade wehlukanisile phakathi kwabaseGibhithe nabakwa-Israyeli.’
U-Eksodusi 11:1-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova wayesethi kuMose: “Ngisezakuletha inhlupheko eyodwa kuFaro nakulo iGibithe; ngasemuva uyakunivumela ukuba nisuke lapha; yebo, nxa eniyeka ukuba nihambe, uzakunixosha nokunixosha lapha. Khuluma manje ezindlebeni zabantu ukuba yilowo nalowo mlisa acele kumakhelwane wakhe, yilowo nalowo wesifazane acele kumakhelwane wakhe izinto zesiliva nezinto zegolide.” UJehova wabapha abantu umusa emehlweni abaseGibithe. Futhi lowo muntu uMose wayemkhulu kakhulu ezweni laseGibithe emehlweni ezinceku zikaFaro nasemehlweni abantu. UMose wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngaphakathi kwamabili ngizakuphuma, ngiye phakathi kweGibithe; amazibulo onke asezweni laseGibithe ayakufa, kusukela kulo izibulo likaFaro ohlala esihlalweni sakhe sobukhosi kuze kube kulo izibulo lencekukazi engasetsheni lokugaya, kanye namazibulo onke ezinkomo. Kuyakuba khona ukukhala okukhulu ezweni lonke laseGibithe, okungazange kube khona okungangako, okungasayikuba khona futhi okungangako. Kepha kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli akuyikubakho nanja eyakugwavumela umuntu nenkomo,’ ukuze nazi ukuthi uJehova uyahlukanisa iGibithe no-Israyeli.
U-Eksodusi 11:1-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova wayesethi kuMose: “Ngisezakuletha inhlupheko eyodwa kuFaro nakulo iGibithe; emva kwalokho uyakunenza nisuke lapha; uma eniyeka, uyakunixosha khona ngokuphelele. Khuluma ezindlebeni zabantu ukuthi, ngulowo lalowo kumakhelwane wakhe, lalowo lalowo owesifazana kumakhelwane wakhe uboleke izinto zesiliva legolide. INkosi yasibanika abantu umusa emehlweni amaGibhithe. Lowo muntu uMose wayemkhulu kakhulu ezweni laseGibithe emehlweni ezinceku zikaFaro nasemehlweni abantu. UMozisi wasesithi: Itsho njalo iNkosi: Phakathi kobusuku ngizaphuma ngiye phakathi kweGibhithe. Futhi wonke amazibulo ezweni laseGibhithe ayofa, kusukela ezibulo likaFaro ohlezi esihlalweni sakhe sobukhosi kuze kube izibulo lencekukazi engasemuva lokuchola; nawo onke amazibulo ezilwane. Kuyakuba khona isililo esikhulu ezweni lonke laseGibithe, esingakaze sibe khona, nesingayikuba khona. Kodwa akuyikubakho inja eyakunyakazisa ulimi lwayo komunye wabantwana bakwa-Israyeli, kumuntu noma esilwaneni, ukuze nazi ukuthi uJehova uyahlukanisa phakathi kweGibhithe no-Israyeli.