U-Esteri 9:1-19

U-Esteri 9:1-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka-Adari ngosuku lweshumi nantathu lwayo, lapho kusondela izwi lenkosi nomthetho wayo ukuba kwenziwe, ngosuku izitha zabaJuda ezazethembile ngalo ukubusa phezu kwabo nokho kwaguqulwa ukuze abaJuda babuse phezu kwababazondayo. AbaJuda babuthana emizini yabo ezifundeni zonke zenkosi u-Ahashiveroshi ukuba babeke izandla kulabo ababefuna ukubalimaza; akubangakho ongamelana nabo, ngokuba abantu bonke babehlelwe yingebhe ngabo. Zonke izikhulu zezifunda, nawothulasizwe, nababusi, nabenza umsebenzi wenkosi, babasiza abaJuda, ngokuba babehlelwe yingebhe ngoMoridekayi. Ngokuba uMoridekayi wayemkhulu endlini yenkosi, nodumo lwakhe lwahamba ezifundeni zonke, ngokuba lowo muntu uMoridekayi wayelokhu ekhula njalo. AbaJuda baceka zonke izitha zabo ngokuceka kwenkemba, nangokubulala, nangokuchitha, benza kwababazondayo njengokuthanda kwabo. EShushani endlini yenkosi abaJuda babulala, bachitha abantu abangamakhulu ayisihlanu. Babulala noParishanidatha, noDalifoni, no-Asiphatha, noPhoratha, no-Adaliya, no-Aridatha, noPharimashita, no-Arisayi, no-Aridayi, noVayizatha, amadodana ayishumi kaHamani indodana kaHamedatha, isitha sabaJuda, kepha ababekanga izandla zabo empangweni. Ngalolo suku inani lababuleweyo eShushani endlini yenkosi lalethwa phambi kwenkosi. Inkosi yayisithi ku-Esteri inkosikazi: “AbaJuda babulele bachitha abantu abangamakhulu ayisihlanu eShushani endlini yenkosi namadodana ayishumi kaHamani; pho, benzeni kwezinye izifunda zenkosi? Isicelo sakho siyini? Uyakusenzelwa. Yini oyifunayo na? Kuyakwenziwa.” U-Esteri wathi: “Uma kukuhle enkosini, abaJuda abaseShushani mabavunyelwe nakusasa ukwenza njengomthetho wanamuhla, aphanyekwe amadodana ayishumi kaHamani emthini.” Inkosi yasho ukuba kwenziwe kanjalo; umthetho washaywa eShushani; bawaphanyeka amadodana ayishumi kaHamani. AbaJuda ababe seShushani babuthana nangosuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari, babulala abantu abangamakhulu amathathu eShushani, kepha ababekanga izandla zabo empangweni. Abanye abaJuda ababe sezifundeni zenkosi babuthana, bamela ukuphila kwabo, baphumula ezitheni zabo, babulala abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nanhlanu ababazondayo, kepha ababekanga izandla zabo empangweni. Lokho kwakungosuku lweshumi nantathu lwenyanga ka-Adari; ngosuku lweshumi nane lwayo baphumula, balwenza lwaba lusuku lwedili nolokuthokoza. Kepha abaJuda ababe seShushani babuthana ngolweshumi nantathu lwayo nangolweshumi nane lwayo; ngolweshumi nanhlanu lwayo baphumula, balwenza lwaba lusuku lwedili nolokuthokoza. Ngalokho abaJuda basemaphandleni ababehlezi emizaneni engabiyelwe benza usuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari lube ngolokuthokoza nolwedili nosuku oluhle nolokuthumelana izipho omunye komunye.

U-Esteri 9:1-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Lwaze lwafika usuku lwamanqamu, mhla zilishumi nantathu ngenyanga u-Adari, olwalubhalwe esimemezelweni senkosi, usuku izitha zabaJuda ezazilumisele ukushaya icole ngalo kubaJuda, kanti kuzophenduka izikhuni, kube ngabaJuda abazobusa phezu kwazo. Kuzo zonke izifundazwe zenkosi u-Ahasheveroshi, nakuyo yonke imizi lapho kwakuhlala khona abaJuda, abaJuda bahlangana ukuzobulala bonke ababekade befuna ukubabhubhisa. Akukho namunye owayezomelana nabaJuda, ngokuba zonke izizwe zase zibesaba kakhulu. Bonke ababusi bezifundazwe, iziphathimandla, izikhulu, ababusi nabaphathi benkosi beseka abaJuda, ngokuba nabo base bengenwe ngukwesaba uMoridekhayi. UMoridekhayi waba ngumuntu omkhulu esigodlweni, nodumo lwakhe lwanda kuzo zonke izifundazwe, waqhubeka njalo waba ngumuntu onamandla. AbaJuda benza ababefisa ukukwenza ezitheni zabo. Bazihlasela ngenkemba, babulala noma ngubani ababefuna ukumbulala, bonke ababeyizitha zabo. Enhlokomuzi iShushani, abaJuda babulala amadoda angama-500. Babulala namadodana alishumi kaHamani, indodana kaHamedatha, isitha sabaJuda: uPharishandatha, uDalifoni, u-Ashiphatha, uPhoratha, u-Adaliya, u-Aridathi, uPharimashitaha, u-Arisayi, u-Aridayi noVayizatha. Nokho awazange athathe mpango. Ngalolo lusuku, umbiko ngenani lalabo ababebulewe enhlokomuzi iShushani, wethulelwa inkosi, yayisithi endlovukazini u-Esteri: “Enhlokomuzi iShushani, abaJuda babulale amadoda angama-500, kuwo kunamadodana alishumi kaHamani. Kazi benzenjani kwezinye izifundazwe na? Yini-ke enye osayicela? Ngizokunika yona. Ucelani? Ngizokwenzela.” U-Esteri waphendula, wathi: “Uma kukuhle enkosini mayigunyaze abaJuda abahlala eShushani, benze nakusasa njengokomthetho wanamuhla, amadodana kaHamani alishumi aphanyekwe ezigxotsheni zokuphanyeka.” Inkosi yayaleza ukuba kwenziwe lokho; umthetho washaywa eShushani, amadodana alishumi kaHamani aphanyekwa ezigxotsheni zokuphanyeka. AbaJuda bahlala eShushani, babuye bahlangana nangosuku lweshumi nane lwenyanga u-Adari, babulala amadoda angama-300 eShushani, kodwa abazange bathathe mpango. AbaJuda ababehlala ezifundazweni zenkosi bahlangana, bazivikela, bakhululeka ezitheni zabo, babulala amadoda ayizi-75 000, kodwa abathatha mpango. Zonke lezo zinto zenzeka mhla zilishumi nantathu, ngenyanga u-Adari, namhla zilishumi nane, babe sebephumula. Lolo suku balwenza lwaba wusuku lwedili nenjabulo. Kepha abaJuda ababehlala eShushani bahlangana ngomhla zili-13, nangomhla zili-14, baphumula mhla zili-15, lolo suku balwenza usuku lwedili nentokozo. Yingakho abaJuda abahlala emizaneni engaphandle kwemizi, nalabo abahlala emizaneni, umhla ziyishumi nane ngenyanga u-Adari kuwusuku lwentokozo nedili, neholide abaphana ngalo izipho zokudla.

U-Esteri 9:1-19 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ngenyanga yeshumi nambili, eyinyanga ka-Adari, ngosuku lweshumi nantathu lwayo, lapho kwakusondela isimemezelo senkosi nomthetho wayo ukuba wenziwe, ngalolo suku izitha zabaJuda zazinethemba lokunqoba ngalo. Babe nazo, (ngisho noma kwakuphambene, ukuthi amaJuda ayebusa phezu kwalabo ababewazonda;) AbaJuda babuthana emizini yabo kuzo zonke izifunda zenkosi u-Ahashiveroshi ukuba babeke izandla phezu kwababefuna okubi kwabo; futhi akekho owayengamelana nabo; ngoba ukwesaba kwabo kwehlela phezu kwabantu bonke. Bonke ababusi bezifunda, nezinduna, nezikhulu, nezikhulu zenkosi babasiza abaJuda; ngoba ukwesaba uMoridekayi kwabehlela. Ngokuba uMoridekayi wayemkhulu endlini yenkosi, nodumo lwakhe lwaphumela ezifundeni zonke, ngokuba lowo muntu uMoridekayi waba mkhulu ngokuba mkhulu. Ngakho abaJuda bachitha zonke izitha zabo ngokuceka kwenkemba, nangokubulala, nangokubhubhisa, benza njengokuthanda kwabo kwababazondayo. Esigodlweni uSusan amaJuda abulala futhi abhubhisa amadoda angamakhulu amahlanu. NoParshandatha noDalfoni no-Aspata, noPoratha, no-Adaliya, no-Aridata, neParmashta, no-Arisayi, no-Aridayi, noVayizatha, Amadodana ayishumi kaHamani indodana kaHamedatha, isitha sabaJuda, ababulala; kepha abazibekanga izandla zabo empangweni. Ngalolo suku inani lababulawa esigodlweni sikaSusan lalethwa phambi kwenkosi. Inkosi yathi ku-Esteri indlovukazi: “AmaJuda abulala, achitha abantu abangamakhulu ayisihlanu esigodlweni sikaSusani kanye namadodana ayishumi kaHamani; benzani kwezinye izifunda zenkosi? manje siyini isicelo sakho? uyakunikwa; noma yisiphi isicelo sakho futhi? futhi kuyokwenzeka. Wayesethi u-Esteri: “Uma inkosi ithanda, mawanikwe abaJuda abaseShushani ukuba benze nakusasa njengomthetho wanamuhla, namadodana ayishumi kaHamani alengiswe esigxotsheni. Inkosi yasilaya ukuthi kube njalo, kwaphuma umlayo eSusa; bawaphanyeka amadodana ayishumi kaHamani. AbaJuda ababeseShushani babuthana nabo ngosuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari, babulala abantu abangamakhulu amathathu eShushani; kepha abazibekanga izandla zabo empangweni. Kodwa abanye abaJuda ababesezifundeni zenkosi babuthana, bamela ukuphila kwabo, baphumula ezitheni zabo, babulala ezitheni zabo eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nanhlanu, kepha ababambanga izandla zabo empangweni. Ngosuku lweshumi nantathu lwenyanga ka-Adari; ngosuku lweshumi nane lwaso baphumula, balwenza lwaba usuku lwedili nolokuthokoza. Kepha abaJuda ababeseShushani babuthana ngolweshumi nantathu nangolweshumi nane; ngosuku lweshumi nanhlanu lwaso baphumula, balwenza lwaba usuku lwedili nolokuthokoza. Ngakho abaJuda bemizi ababehlala emizini engabiyelweyo benza usuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari lube usuku lwenjabulo nolwedili nosuku oluhle, nolokuthumelelana izabelo.