U-Esteri 6:1-2
U-Esteri 6:1-2 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngalobo busuku inkosi yaqwasha, yase iyala ukuba kulethwe kuyo umqulu womlando okubhalwe kuwo izehlakalo zemihla ngemihla zombuso wayo, zafundwa phambi kwenkosi. Kwatholakala lapho kwakulotshwe khona ukuthi uMoridekhayi wabaceba kanjani abathenwa ababili, ababengabaqaphi besango lenkosi uBhigithani noThereshi, ngozungu ababelwakhele inkosi u-Ahasheveroshi.
U-Esteri 6:1-2 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngalobo busuku ubuthongo babaleka enkosini, yayala ukuba kulethwe incwadi yezikhumbuzo zezindaba zemihla ngemihla, zafundwa phambi kwenkosi. Kwafumaniseka kulotshiwe ukuthi uMoridekayi wayelandile ngoBigithani noThereshi izinduna ezimbili zenkosi, abalindisango, ukuthi babefunile ukubeka isandla enkosini u-Ahashiveroshi.
U-Esteri 6:1-2 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngalobo busuku inkosi ayizange ilale ubuthongo, yayala ukuba kulethwe incwadi yemilando; zafundwa phambi kwenkosi. Kwatholakala kulotshiwe ukuthi uMoridegayi walandisa ngoBhigitana noTeresi, izincekukazi ezimbili zenkosi, abalindisango, ababezama ukubeka isandla enkosini u-Ahashiveroshi.