U-Esteri 5:1-2
U-Esteri 5:1-2 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi ngosuku lwesithathu, u-Esteri wagqoka ingubo yobundlovukazi, wema egcekeni lesigodlo senkosi elingaphakathi, eliqondene nendlu yenkosi. Inkosi yayihleli esihlalweni sayo sobukhosi, iqondene nesango elingenela esigodlweni. Ithe ukuba inkosi ibone indlovukazi u-Esteri imi egcekeni, yaba nomusa kuyo. Yayikhomba ngentonga yegolide eyayiyiphethe ngesandla. U-Esteri waya kuyo, wathinta isihloko sentonga yobukhosi.
U-Esteri 5:1-2 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi ngosuku lwesithathu u-Esteri wembatha ingubo yobukhosi, wema egcekeni elingaphakathi lendlu yenkosi malungana nendlu yenkosi; inkosi yayihlezi esihlalweni sayo sobukhosi endlini yobukhosi malungana nomnyango wendlu. Kwathi lapho inkosi ibona u-Esteri inkosikazi emi egcekeni, wafumana umusa emehlweni ayo; inkosi yamelulela u-Esteri intonga yegolide esesandleni sayo. Wayesesondela u-Esteri, wasithinta isihloko sentonga.
U-Esteri 5:1-2 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwathi ngosuku lwesithathu u-Esteri wembatha ingubo yakhe yobukhosi, wema egcekeni elingaphakathi lendlu yenkosi malungana nendlu yenkosi; inkosi yahlala esihlalweni sayo sobukhosi endlini yenkosi malungana nesango lendlu. Lapho inkosi ibona u-Esteri indlovukazi emi egcekeni, wazuza umusa emehlweni ayo; inkosi yelulela u-Esteri intonga yegolide eyayisesandleni sayo. Khona-ke u-Esteri wasondela wathinta isihloko sentonga yobukhosi.