U-Esteri 3:1-11

U-Esteri 3:1-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Emveni kwalezo zinto, inkosi u-Ahasheveroshi yaqokela esikhundleni esiphezulu uHamani, indodana kaHamedatha, umAgagi, yamenza umengameli wazo zonke izikhulu ezikanye naye. Zonke izikhulu zenkosi ezazisesangweni layo zaziguqa, zikhothamele uHamani njengokusho kwenkosi. UMoridekhayi nokho akazange amguqele noma amkhothamele uHamani. Izikhulu zenkosi ezazisesangweni zambuza uMoridekhayi, zathi: “Kungani weqa umyalo wenkosi na?” Nanxa zazikhuluma naye nsuku zonke zimbuza, uMoridekhayi akazange azilalele. Zase zihamba zayotshela uHamani ukuze zizwe ukuthi uMoridekhayi uzoma yini emazwini akhe okuthi ungumJuda. UHamani ebona ukuthi uMoridekhayi akamguqeli, futhi akamkhothameli, wacasuka kakhulu. Wakubona kungenele ukuthi enzakalise uMoridekhayi kuphela, ngoba wayesezwile ukuthi ungumJuda, wenza icebo lokubulala bonke abaJuda, abantu bakubo kaMoridekhayi ababehlala embusweni ka-Ahasheveroshi. Ngenyanga yokuqala, inyanga uNisani, ngonyaka we-12 wokubusa kuka-Ahasheveroshi, benza iPhure (unkatho) phambi kukaHamani, imihla ngemihla, nyanga zonke, ukuze abone ukuthi isu lakhe liyolunga, liphumelele ngayiphi inyanga nangaluphi usuku. Waqoka ukuba lokho kwenziwe ngenyanga ye-12, inyanga u-Adari. UHamani wayesethi enkosini u-Ahasheveroshi: “Kukhona isizwe esithile esihlakazakele kuzo zonke izifundazwe zombuso wakho, sinemithetho eyehlukile kweyezizwe zonke. Siyishaya indiva imithetho yombuso wakho. Akulungile ukuba inkosi isiyeke siqhubeke. Uma kukuhle enkosini, makulotshwe ukuba sibhujiswe, mina ngizokhokha amathalenta ayizi-10 000 esiliva kulabo abenza umsebenzi wenkosi, ukuze afakwe engcebeni yenkosi.” Inkosi yase ikhipha indandatho yokusicilela emunweni wayo, yayinika uHamani, indodana kaHamedatha, umAgagi, isitha sabaJuda. Yathi kuHamani: “Isiliva ngelakho nabantu, yenza ngakho njengoba ubona kufanele.”

U-Esteri 3:1-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Emva kwalezo zinto inkosi, u-Ahashiveroshi, yamenza mkhulu uHamani indodana kaHamedatha umAgagi, yamphakamisa, yamisa isihlalo sakhe phezu kwazo zonke izikhulu ezazinayo. Zonke izinceku zenkosi ezazisesangweni lenkosi zakhothama, zakhuleka kuHamani, ngokuba inkosi iyale kanjalo ngaye. Kepha uMoridekayi akakhothamanga, kakhulekanga kuye. Zase zithi izinceku zenkosi ezazisesangweni lenkosi kuMoridekayi: “Weqelani isiyalezo senkosi na?” Kwathi zikhuluma kuye imihla ngemihla, engazilaleli, zamtshela uHamani ukuba zibone ukuthi amazwi kaMoridekayi ayakuma yini, ngokuba wayezitshelile ukuthi ungumJuda. Lapho uHamani ebona ukuthi uMoridekayi akakhothamanga, kakhulekanga kuye, uHamani wagcwala ulaka. Kwakudelelekile emehlweni akhe ukubeka izandla kuMoridekayi yedwa, ngokuba zase zimtshelile abantu bakaMoridekayi; ngalokho uHamani wafuna ukubulala bonke abaJuda ababe sembusweni wonke ka-Ahashiveroshi, isizwe sikaMoridekayi. Ngenyanga yokuqala eyinyanga kaNisani ngomnyaka weshumi nambili wenkosi u-Ahashiveroshi benza iPhure eliyinkatho phambi kukaHamani imihla ngemihla izinyanga ngezinyanga, kwaze kwaba ngeyeshumi nambili eyinyanga ka-Adari. UHamani wathi enkosini u-Ahashiveroshi: “Kukhona isizwe esithile esihlakazekile, sisakazekile phakathi kwabantu bezifunda zonke zombuso wakho; nemithetho yaso yahlukene neyezizwe zonke; futhi asigcini imithetho yenkosi; ngalokho akufanele ukuba inkosi isiyeke. Uma kukuhle enkosini, makulotshwe ukuba sichithwe; ngiyakukhokhela amatalenta* ayizinkulungwane eziyishumi esiliva ezandleni zabenza umsebenzi wenkosi, ayiswe esikhwameni senkosi.” Inkosi yakhumula indandatho yayo esandleni sayo, yayinika uHamani indodana kaHamedatha umAgagi isitha sabaJuda. Inkosi yathi kuHamani: “Isiliva liyanikwa wena, nesizwe futhi, ukuba wenze kuso okuhle emehlweni akho.”

U-Esteri 3:1-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Emva kwalokho inkosi u-Ahashiveroshi yamphakamisa uHamani indodana kaHamedatha umAgagi, yamphakamisa, yabeka isihlalo sakhe phezu kwezikhulu zonke ezazinaye. Zonke izinceku zenkosi ezazisesangweni lenkosi zakhothama zakhothamela uHamani, ngokuba inkosi yayiyale kanjalo ngaye. Kodwa uMoridekayi akazange akhothame, futhi akazange amhloniphe. Izinceku zenkosi ezazisesangweni lenkosi zathi kuMoridekayi: Kungani weqa umyalo wenkosi na? Kwathi besakhuluma kuye insuku zonke, engabalalelanga, basebetshela uHamani ukuthi abone ukuthi indaba kaMoridegayi izakuma yini, ngoba wayebatshelile ukuthi yena ungumJuda. Lapho uHamani ebona ukuthi uMoridekayi akakhothama futhi akamhloniphanga, uHamani wathukuthela. Wadelela ukubeka izandla kuMoridekayi yedwa; ngoba bamvumela ukuthi abone abantu bakaMoridegayi; ngalokho uHamani wazama ukubhubhisa bonke abaJuda ababesembusweni wonke ka-Ahashiveroshi, abantu bakaMoridegayi. Ngenyanga yokuqala eyinyanga kaNisani, ngomnyaka weshumi nambili wenkosi u-Ahashiveroshi, benza iPhure eliyinkatho phambi kukaHamani usuku nosuku nenyanga nenyanga, kwaze kwaba yinyanga yeshumi nambili, okungukuthi; inyanga ka-Adari. UHamani wayesethi enkosini u-Ahashiveroshi: “Kukhona abantu abathile abahlakazekile, abahlakazekile phakathi kwabantu ezifundeni zonke zombuso wakho; nemithetho yabo ihlukile kubantu bonke; futhi abayigcini imithetho yenkosi; ngakho akusizi inkosi ukuyithwala. Uma kukuhle enkosini, makulotshwe ukuba babhujiswe, futhi ngiyakunikela amathalenta ayizinkulungwane eziyishumi esiliva ezandleni zalabo abanandaba ukuze bawangenise engcebweni yenkosi. Inkosi yasikhupha indandatho yayo esandleni sayo, yayinika uHamani indodana kaHameda umAgagi, isitha sabaJuda. Inkosi yathi kuHamani: “Isiliva linikiwe wena nabantu ukuba wenze kubo okuhle emehlweni akho.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo