U-Esteri 2:7-11
U-Esteri 2:7-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Wayesondla uHadasa, ongu-Esteri, indodakazi kayisekazi; ngokuba yayingenayise noma unina, intombazana yayiyinhle, iyinhle; uMoridekayi wafa uyise nonina wayithatha yaba yindodakazi yakhe. Lapho kuzwakala umyalo nomyalo wayo wenkosi, nalapho izintombi eziningi zibuthene esigodlweni uSusan ngaphansi kwesandla sikaHegayi, u-Esteri naye walethwa endlini yenkosi ngaphansi kwesandla sikaHegayi umgcini wabesifazane. Intombi yamthokozisa, yathola umusa kuyo; washesha wamnika izinto zakhe zokuhlanjululwa, nakho konke okwakhe, nezintombi eziyisikhombisa abemelwe ukuziphiwa, ziphuma endlini yenkosi; wamkhetha yena nezincekukazi zakhe phezu kwendawo enhle kunazo zonke yendlu yabesifazane. U-Esteri akabatshelanga abantu bakubo nomndeni wakubo, ngoba uMoridegayi wayemyalile ukuba angasho. UMoridegayi wayehamba zonke izinsuku phambi kwegceke lendlu yabesifazane ukuze azi ukuthi u-Esteri unjani nokuthi kuzokwenzekani kuye.
U-Esteri 2:7-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wayenomzala ogama lakhe lingu-Esteri, elesiHebheru kunguHadasa, owayemuhle futhi eme kahle. Uyise nonina babengasekho, ngakho-ke uMoridekhayi wamthatha wamkhulisa njengendodakazi yakhe. Kwathi sesiphumile isimemezelo senkosi, kwalethwa izintombi eziningi ekomkhulu eShushani, ukuba zibhekwe nguHegayi; no-Esteri walethwa esigodlweni ukuba azobhekwa nguHegayi owayengamele indlu yabesifazane. U-Esteri waba nogazi, wathandeka kuHegayi, futhi wafumana umusa kuye, washeshe wamnika okokuziqhola nesabelo sakhe sokudla kwekhethelo. Wamnika indawo enhle kakhulu esigodlweni, waqoka izintombi eziyisikhombisa ezikhethekile esigodlweni ukuba zimnakekele. U-Esteri akatshelanga muntu ngezihlobo zakhe noma ngabakubo, ngoba wayemdonse ngendlebe uMoridekhayi ukuba angasho lutho. Nsuku zonke uMoridekhayi wayezidlisa satshanyana ngasesangweni lendlu yabesifazane, ukuze ahogele ukuthi uqhuba kanjani u-Esteri, nokuthi yini ezokwenzeka kuye.
U-Esteri 2:7-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wayelokhu emondla uHadasa ongu-Esteri, indodakazi kayisekazi, ngokuba wayengenayise, engenanina; intombi yayiyinhle, yayibukeka; sebefile uyise nonina, uMoridekayi wayithatha yaba yindodakazi yakhe. Kwathi lapho izwi lenkosi nesimemezelo sayo sekuzwakele, nalapho izintombi eziningi zibuthene eShushani endlini yenkosi phansi kwesandla sikaHegayi, u-Esteri wangeniswa endlini yenkosi phansi kwesandla sikaHegayi, umgcini wabesifazane. Intombi yayiyinhle emehlweni akhe, yafumana umusa kuye; washesha wayinika izinto zokuqhola, nezabelo zayo, nezintombi eziyisikhombisa ezazikhethelwe yona zivela endlini yenkosi, wayiyisa yona nezintombi zayo endaweni enhle yendlu yabesifazane. Kepha u-Esteri wayengakhulumanga ngabantu bakubo nangezihlobo zakhe, ngokuba uMoridekayi wayeyiyalile ukuba ingakusho. UMoridekayi wayehamba zonke izinsuku phambi kwegceke lendlu yabesifazane ukuba azi impilo ka-Esteri nokuthi kwenziwe njani kuye.