U-Esteri 2:19-20
U-Esteri 2:19-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Lapho izintombi sezibuthwa ngokwesibili, uMoridekayi wahlala esangweni lenkosi. U-Esteri wayengakalandi lutho ngezihlobo zakhe nangabantu bakhe, njengalokho uMoridekayi amyala ngakho, ngokuba u-Esteri wenza okushiwo nguMoridekayi njengalapho esondliwa nguye.
U-Esteri 2:19-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Lapho izintombi ziqoqwa okwesibili, uMoridekhayi wayehleli esangweni lenkosi. U-Esteri wayengakaze atshele muntu ukuthi ungumJuda, nokuthi bangobani abomndeni wakubo, njengoba uMoridekhayi ayemyalile, ngoba wayengachezuki eziyalweni zikaMoridekhayi njengangesikhathi esahlala naye.
U-Esteri 2:19-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Lapho izintombi zibuthana ngokwesibili, uMoridekayi wahlala phansi esangweni lenkosi. U-Esteri akakasho inzalo yakhe nabantu bakubo; njengokumyala kukaMoridegayi; ngoba u-Esteri wenza umyalo kaMoridegayi njengalapho esondliwa nguye.