U-Esteri 2:17-18
U-Esteri 2:17-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Inkosi yamthanda u-Esteri phezu kwabo bonke abesifazane, wafumana umusa nesihe emehlweni ayo kunazo zonke izintombi, wamfaka umqhele wobukhosi, wamenza inkosikazi esikhundleni sikaVashiti. Inkosi yayisizenzela zonke izikhulu zayo nezinceku zayo idili elikhulu, idili lika-Esteri, wanika izifunda ukuphumula, waphana ngezipho njengokupha kwenkosi.
U-Esteri 2:17-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Inkosi yamthanda kakhulu ukwedlula bonke abesifazane; wafumana umusa emehlweni ayo, yamphatha kahle ukuzedlula zonke izintombi. Yamethwesa umqhele wobukhosi yamenza indlovukazi esikhundleni sikaVashithi. Inkosi yenzela zonke izikhulu zayo nezinceku zayo idili: “Idili lika-Esteri.” Lolo lusuku lwaba yiholide ezifundazweni, futhi yapha abantu izipho njengobuningi bengcebo yasebukhosini.
U-Esteri 2:17-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Inkosi yamthanda u-Esteri ngaphezu kwabo bonke abesifazane, wathola umusa nesihe emehlweni ayo ngaphezu kwazo zonke izintombi; wayesemthwesa umqhele wobukhosi, wamenza indlovukazi esikhundleni sikaVashiti. Inkosi yayisilungisela zonke izikhulu zayo nezinceku zayo idili elikhulu, idili lika-Esteri; wakhulula izifunda, wapha izipho ngokomthetho wenkosi.