U-Esteri 1:3-6
U-Esteri 1:3-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
kwathi ngonyaka wesithathu wokubusa kwayo, yenzela zonke izikhulu zayo nezinceku zayo idili, abombutho wempi yasePheresiya naseMediya, izikhulu nababusi bezifundazwe, babelapho. Izinsuku eziningi ezaba yi-180, yayibukisa ngomcebo wayo, nodumo lombuso wayo, nobukhazikhazi nangengcebo yobukhulu bayo. Ekupheleni kwalezo zinsuku, inkosi yenzela bonke abantu ababelapho eShushani, inhlokomuzi yayo, idili, abantukazana nezikhulu; idili elathatha izinsuku eziyisikhombisa yalenzela egcekeni lengadi yesigodlo sayo. Igceke lalihlotshiswe ngamakhethini kakotini amhlophe naluhlaza okwesibhakabhaka, kunemichilo yelineni elicolekileyo nebukhwebezane, kuboshelwe kokusandilinga kwesiliva ezikwedlaneni zemabuli. Izihlalo zokuphumula ezenziwe ngegolide nesiliva zibekwe egcekeni elaligandaywe ngemabuli emhlophe, amagwadle abomvu, amagobolondo ahlotshiswe ngaphakathi acwebezelayo, netshe eliyigugu eliluhlaza sasibhakabhaka.
U-Esteri 1:3-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
ngomnyaka wesithathu wokubusa kwayo, yenzela izikhulu zayo zonke nezinceku zayo idili, amaqhawe asePheresiya naseMediya, nabakhulu nezikhulu zezifunda bephambi kwayo, lapho iyibonakalisa ingcebo yombuso wayo odumileyo, nobukhosi nobuhle bobukhulu bayo izinsuku eziningi, izinsuku eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili. Seziphelile lezo zinsuku, inkosi yenzela abantu bonke ababe khona eShushani endlini yenkosi, abakhulu nabancane, idili izinsuku eziyisikhombisa egcekeni lensimu yendlu yenkosi. Kwakukhona izilenge ezimhlophe neziluhlaza, ziboshelwe ngezintambo zelineni elicolekileyo nezibubende emasongweni esiliva nasezinsikeni zamatshe amhlophe; imibhede yayiyigolide nesiliva phezu kwendawo egandaywe ngamatshe abomvu, nangamaparele,* nangamatshe amnyama.
U-Esteri 1:3-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngomnyaka wesithathu wokubusa kwakhe wenzela zonke izikhulu zakhe nezinceku zakhe idili; amandla asePheresiya naseMediya, izikhulu nezikhulu zezifunda phambi kwakhe; Lapho ebonisa ingcebo yobukhosi bakhe nodumo lobukhosi bakhe obumangalisayo izinsuku eziningi, izinsuku eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili. Lapho lezo zinsuku seziphelile, inkosi yenza idili izinsuku eziyisikhombisa kubo bonke abantu ababesesigodlweni uSusan, kusukela kwabakhulu kuya kwabancane, egcekeni lensimu yendlu yenkosi; Kwakukhona izilenge ezimhlophe, nokuluhlaza nokuluhlaza, ziboshelwe ngezintambo zelineni elicolekileyo nokububende emasongweni esiliva nasezinsikeni zamatshe amhlophe, imibhede yayiyigolide nesiliva endaweni egandayiweyo ebomvu, nokuluhlaza, nokumhlophe, nokumnyama, nemabula.