Kwabase-Efesu 4:30-32
Kwabase-Efesu 4:30-32 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube lusuku lokuhlengwa. Makususwe kini konke ukufutheka, nolaka, nentukuthelo, nomsindo, nokuhlambalaza, kanye nakho konke okubi. Kepha yibani nomusa omunye komunye, nihawukele, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngenxa kaKristu.
Kwabase-Efesu 4:30-32 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube wusuku lokuhlengwa. Makususwe kini bonke ubumunyu, intukuthelo, ulaka, umsindo, ukuhlambalaza, nakho konke okubi. Maniphathane ngobumnene, nizwelane, nithethelelane, njengoba noNkulunkulu wanithethelela kuKhristu.
Kwabase-Efesu 4:30-32 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube lusuku lokuhlengwa. Konke okubabayo, nentukuthelo, nolaka, nomsindo, nokuhlambalaza makususwe kini kanye nakho konke okubi. Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu.
Kwabase-Efesu 4:30-32 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)