UmShumayeli 8:1-17

UmShumayeli 8:1-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngubani ofana nomuntu ohlakaniphile na? Ngubani owazi incazelo yendaba na? Ukuhlakanipha kwenza ubuso bomuntu bukhazimule, nokunyukubala kobuso bakhe kuguquke. Ngithi: gcina umyalo wenkosi, ngenxa yesifungo sikaNkulunkulu. Ungasheshi ukusuka phambi kwenkosi, ungalibali uma kunodaba olubi, ngokuba yona yenza ngokuthanda kwayo. Izwi lenkosi liyabusa, ngubani ongathi kuyo: “Wenzani na?” Lowo ohlonipha umyalo akayukwehlelwa ngokubi, ingqondo yohlakaniphileyo iyasiqonda isikhathi esifanele nokwehlulela. Ngokuba yonke into inesikhathi sayo esiyifanele, nendlela yokuyenza, nanxa inhlupheko yomuntu inzima emahlombe akhe, akazi ukuthi kuzokwenzekani, ngokuba ngubani ongamtshela ukuthi izokwenzeka kanjani? Akukho muntu onamandla phezu komoya ukuba awuvimbe, noma amandla phezu kosuku lokufa. Akekho okhululekile empini, kanjalo nobubi abunakubakhulula labo ababenzayo. Konke lokhu ngakubona ngesikhathi ngicabangisisa ngengqondo yami zonke izinto ezenzeka phansi komthunzi welanga. Kunesikhathi lapho umuntu ebusa abanye, kube ngukulimala kwakhe. Ngabona ababi bengcwatshwa, ababevame ukungena bephuma endaweni engcwele, belibaleka emzini lapho babenza khona lezo zinto; nalokho kuyize. Ngenxa yobubi obenziwa bungehlulelwa masinyane, izinhliziyo zabantu ngaphakathi zigcwele ukwenza okubi. Noma isoni singona kaningi, siphile isikhathi eside, nokho ngiyazi ukuthi kuzobahambela kahle abamesabayo uNkulunkulu, ngoba bahamba ngokwesaba phambi kwakhe. Kodwa akuzukubahambela kahle ababi, izinsuku zabo zokuphila azizukweluleka njengethunzi, ngoba abahambi ngokwesaba phambi kukaNkulunkulu. Kunento eyize eyenziwa emhlabeni: kukhona abantu abalungile abehlelwa yizinto ezifana nezehlela ababi, nabantu ababi okwenzeka kubo izinto ezenzeka kwabalungileyo. Ngithi: “Nalokho kuyize.” Ngakho-ke mina ngincoma ukuzijabulisa, ngokuba akukho okungcono kumuntu phansi komthunzi welanga, ngaphandle kokuba adle, aphuze, azijabulise, ngokuba lokhu kuyohlala kunaye emshikashikeni wokuphila kwakhe, ngezinsuku uNkulunkulu amuphe zona phansi komthunzi welanga. Lapho ngifunisisa ngengqondo yami ukwazi ukuhlakanipha nokubona umsebenzi owenziwa emhlabeni umuntu engalali ubusuku nemini, ngabona yonke imisebenzi kaNkulunkulu ukuthi umuntu ngeke ayiqonde yonke imisebenzi eyenzeka phansi komthunzi welanga. Noma umuntu angazihlupha kangakanani eyifunisisa, ngeke ayithole, noma ohlakaniphile angathi uyazi, ngeke ayifumane.

UmShumayeli 8:1-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngubani onjengohlakaniphileyo na? Ngubani owazi ukuchasisela indaba na? Ukuhlakanipha komuntu kuyakhanyisa ubuso bakhe, nobulukhuni bobuso bakhe buyaguqulwa. Ngithi: Gcina izwi lenkosi ngenxa yesifungo ngoNkulunkulu. Ungasheshi ukusuka ebusweni bayo, ungemi endabeni embi, ngokuba yenza konke ekuthandayo. Ngokuba izwi lenkosi liyabusa; ngubani ongasho kuyo ukuthi: “Wenzani na?” Ogcina umyalo akayikwazi okubi: nenhliziyo yohlakaniphileyo iyakwazi isikhathi nokwahlulela, ngokuba kukhona isikhathi nokwahlulela ezindabeni zonke; nokho ububi bomuntu bukhulu phezu kwakhe, lokhu engazi okuyakuba khona, ngokuba ngubani ongamtshela ukuthi kuyakuba kanjani na? Akukho muntu onamandla phezu komoya ukuba awuthiye, futhi akakho obusa phezu kosuku lokufa; ukukhululwa akukho empini, nobubi abunakukhulula umninibo. Ngabona konke lokho, ngabeka inhliziyo yami kuyo yonke imisebenzi eyenziwa phansi kwelanga ngesikhathi lapho umuntu ebusa omunye kube ngukulimala kwakhe. Kanjalo ngabona ukuthi ababi bembelwa, ababengenile bephuma endaweni engcwele, bababazeka emzini lapho kade benza okunjalo; nalokho kuyize. Ngenxa yokuba ububi obenziwayo bungahlulelwa masinyane, ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu phakathi kwawo zigcwele ukwenza okubi, ngangokuba isoni, noma senza okubi kayikhulu, kuyandiswa nokho izinsuku zaso. Kanti nokho ngiyazi ukuthi kuzakuba kuhle kwabamesabayo uNkulunkulu, lokhu besaba phambi kobuso bakhe; kodwa akuyikuba kuhle kwababi, nemihla yabo ayiyikwandiswa njengesithunzi, lokhu abesabi phambi kukaNkulunkulu. Kukhona okuyize okwenziwa emhlabeni kokuthi kukhona abalungileyo abehlelwa ngokomsebenzi wababi, nokuthi kukhona ababi abehlelwa ngokomsebenzi wabalungileyo; ngathi: “Nalokho kuyize.” Ngase ngibabaza intokozo, ngokuba umuntu akanakho okuhle phansi kwelanga kunokudla, nokuphuza, nokujabula; lokhu kuyakuhlala kuye emshikashikeni wakhe ezinsukwini zokuphila kwakhe aziphiweyo nguNkulunkulu phansi kwelanga. Lapho ngibeka inhliziyo yami ukukwazi ukuhlakanipha nokubona umshikashika owenziwa emhlabeni, ngokuba akakho obona ubuthongo ngamehlo akhe imini nobusuku, ngase ngiqonda wonke umsebenzi kaNkulunkulu ukuthi umuntu akanakuwubamba umsebenzi owenziwa phansi kwelanga, ngokuba noma umuntu eshikashikeka kangakanani ukuwuhlola, angewuthole, yebo, nakuba ohlakaniphileyo ecabanga ukuthi uyawazi, akanakuwuthola.

UmShumayeli 8:1-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ngubani onjengendoda ehlakaniphileyo? Ngubani owazi incazelo yendaba na? ukuhlakanipha komuntu kukhanya ubuso bakhe, lesibindi sobuso bakhe buyaguqulwa. Ngiyakucebisa ukuba ugcine umyalo wenkosi, nalokhu mayelana nesifungo sikaNkulunkulu. Ungasheshi usuke ebusweni bakhe; ngoba wenza konke akuthandayo. Lapho kukhona izwi lenkosi, kunamandla; ngubani ongathi kuye: Wenzani? Ogcina umyalo akayikuzwa okubi; futhi inhliziyo yomuntu ohlakaniphileyo iyasiqonda isikhathi kanye nokwahlulela. Ngoba yonke into inesikhathi nokwahlulela, ngakho-ke usizi lomuntu lukhulu phezu kwakhe. Ngoba kakwazi okuzakuba khona; ngoba ngubani ongamtshela ukuthi kuzakuba nini? Akakho onamandla phezu komoya ukuba agcine umoya; futhi akanamandla ngosuku lokufa, futhi akukho ukugeleza kuleyo mpi; nobubi abuyikubasindisa labo abaphiwe kubo. Konke lokhu ngakubona, ngabeka inhliziyo yami kuyo yonke imisebenzi eyenziwa phansi kwelanga; kukhona isikhathi lapho umuntu ebusa omunye kube ngukulimala kwakhe. Ngase ngibona ababi bengcwatshwa, ababephuma besuka endaweni engcwele, bakhohlwa emzini ababekwenza kuwo; futhi kuyize. Ngoba ukwahlulelwa kwesenzo esibi kakufiki masinyane, ngakho inhliziyo yabantwana babantu igcwele ukwenza okubi. Noma isoni senza okubi izikhathi eziyikhulu, izinsuku zaso zande, nokho ngiyazi ukuthi kuyakuba kuhle kwabamesabayo uNkulunkulu, abamesabayo; Kodwa kwababi akuyikuhamba kahle, futhi akayikwandisa izinsuku zakhe njengethunzi; ngoba akamesabi uNkulunkulu. Kukhona okuyize okwenzeka emhlabeni; ukuthi kukhona abantu abalungileyo okwenzeka kubo njengokwemisebenzi yababi; futhi, kukhona abantu ababi okwenzeka kubo njengokwemisebenzi yabalungileyo; Ngathi nalokhu kuyize. Ngase ngincoma ubuhle, ngokuba akukho lutho olungcono kumuntu phansi kwelanga kunokuba adle, aphuze, ajabule; ngoba kuyakuhlala kuye emshikashikeni wakhe izinsuku zokuphila kwakhe uNkulunkulu amnika zona phansi kwelanga. Lapho ngibeka inhliziyo yami ukwazi ukuhlakanipha nokubona umsebenzi owenziwa emhlabeni; (ngoba kukhona futhi imini nobusuku abuboni ubuthongo ngamehlo akhe). Ngabona wonke umsebenzi kaNkulunkulu, ukuthi umsebenzi owenziwa phansi kwelanga akanakukwazi; yebo ngokuqhubekayo; noma ohlakaniphileyo ethi uyakwazi, nokho angeke akuthole.