UmShumayeli 7:8-10
UmShumayeli 7:8-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Singcono isiphetho sendaba kunesiqalo sayo; onomoya wokubekezela ungcono kunalowo onowokuzidla. Ungasheshi ukuthukuthela, ngokuba intukuthelo ihlala ezifubeni zeziwula. Ungasho ukuthi
UmShumayeli 7:8-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kungcono ukuphela kwendaba kunokuqala kwayo; onomoya obekezelayo ungcono kunoziphakamisayo. Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho, ngokuba ulaka luhlala ezifubeni zeziwula. Ungasho ukuthi: “Kwenziwa kanjani ukuba izinsuku zokuqala zazizinhle kunalezi na?” Ngokuba awubuzi kanjalo ngokuhlakanipha.
UmShumayeli 7:8-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Isiphetho sento singcono kunokuqala kwayo, futhi obekezelayo emoyeni ungcono kunozidlayo. Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho, ngokuba ulaka luhlala esifubeni seziwula. Ungasho ukuthi: Kungani izinsuku zakuqala zazingcono kunalezi na? ngoba awubuzi ngokuhlakanipha ngalokhu.