UmShumayeli 7:2-4
UmShumayeli 7:2-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kungcono ukuya endlini yabalilayo, kunokuya endlini lapho kunedili khona, ngokuba lokho kuyisiphetho sabo bonke, abaphilayo mabakugcine lokhu enhliziyweni. Usizi lungcono kunokuhleka, ngokuba ngobuso obudangele inhliziyo iba nokujabula. Inhliziyo yohlakaniphile isendlini yabalilayo, kodwa inhliziyo yesiwula isendlini yentokozo.
UmShumayeli 7:2-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kungcono ukuya endlini yokulila kunokuya endlini yedili, ngokuba lokho kungukuphela kwabantu bonke; nophilayo makakubeke enhliziyweni yakhe. Usizi lungcono kunokuhleka, ngokuba ngokudabuka kobuso inhliziyo yenzelwa okuhle. Inhliziyo yabahlakaniphileyo isendlini yokulila, kepha inhliziyo yeziwula isendlini yentokozo.
UmShumayeli 7:2-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kungcono ukuya endlini yokulila kunokuya endlini yedili; ngokuba lokhu kungukuphela kwabantu bonke; ophilayo uyakukubeka enhliziyweni yakhe. Usizi lungcono kunokuhleka, ngoba ngokudabuka kobuso inhliziyo iba ngcono. Inhliziyo yabahlakaniphileyo isendlini yokulila; kepha inhliziyo yeziwula isendlini yentokozo.