UmShumayeli 7:1-29

UmShumayeli 7:1-29 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Igama elihle lingcono kunamakha anuka kamnandi, nosuku lokufa lungcono kunolokuzalwa. Kungcono ukuya endlini yabalilayo, kunokuya endlini lapho kunedili khona, ngokuba lokho kuyisiphetho sabo bonke, abaphilayo mabakugcine lokhu enhliziyweni. Usizi lungcono kunokuhleka, ngokuba ngobuso obudangele inhliziyo iba nokujabula. Inhliziyo yohlakaniphile isendlini yabalilayo, kodwa inhliziyo yesiwula isendlini yentokozo. Kungcono ukulalela ukusola kohlakaniphileyo, kunokulalela iculo leziwula. Njengomsindo wokusha kwameva phansi kwebhodwe, kunjalo ukuhleka kweziwula. Nalokho kuyize. Impela ukucindezelwa kwenza ohlakaniphile isiwula, ukufunjathiswa kuyayilutha inhliziyo. Singcono isiphetho sendaba kunesiqalo sayo; onomoya wokubekezela ungcono kunalowo onowokuzidla. Ungasheshi ukuthukuthela, ngokuba intukuthelo ihlala ezifubeni zeziwula. Ungasho ukuthi: “Kungani izinsuku zasemandulo zazingcono kunezanamuhla na?” Ngokuba lokho kubuza akuveli ekuhlakanipheni. Ukuhlakanipha kuhle njengefa, futhi kusiza labo abasalibona ilanga. Ngokuba ukuvikeleka kokuhlakanipha kufana nokuvikeleka kwemali, kodwa ubuhle bolwazi nokuhlakanipha kulondoloza ukuphila kwalowo onakho. Bheka umsebenzi kaNkulunkulu; ngubani ongaqondisa akugobisileyo na? Ngosuku lwempumelelo, jabula; ngosuku lwenhlupheko, qaphela; nguNkulunkulu ozenzile zombili lezi zinsuku. Ngakho-ke umuntu ngeke akwazi ukubona okuyoba khona uma esefile. Ngikubone konke kulokhu kuphila kwami okuyize: umuntu oqotho efela ebuqothweni bakhe, nomuntu omubi ephila isikhathi eside ebubini bakhe. Ungabi ngolunge kakhulu, ungazenzi ohlakaniphe ngokwedlulele; uzibhubhiselani na? Ungabi ngokhohlakele kwaze kweqa, noma oyisiwula; ufunelani ukufa kungakabi yisikhathi sakho na? Kuhle ukuthi ukubambe lokhu; ungasisusi isandla sakho kukho, ngokuba owesaba uNkulunkulu uyaphumelela kukho konke. Ukuhlakanipha kuletha amandla kumuntu ohlakaniphile, edlule ababusi abalishumi abasemzini. Impela emhlabeni akekho umuntu owenza okulungile kodwa, ongoni ngalutho. Ungayibeki inhliziyo yakho kukho konke okushiwo ngabantu, funa uzwe inceku yakho ikuqalekisa. Inhliziyo yakho iyazi ukuthi nawe uhlale ubaqalekisa abanye. Konke lokhu ngikuhlolisise ngokuhlakanipha; ngase ngithi: “Ngizohlakanipha,” kodwa ukuhlakanipha kwaba kude nami. Okusemajukujukwini nokusekujuleni, ngubani ongakufumana na? Umqondo wami ngawuguqulela ekwazini ekufuneni, nasekuphenyisiseni izinto zonke, nokwazi ububi bobuwula, nokuthi ubuwula bungukuhlanya. Ngathola okumuncu okwedlula ukufa: owesifazane onenhliziyo ewugibe nenethi, ozandla zakhe ziyizibopho; othokozisa uNkulunkulu uyasinda kuye, kodwa isoni uyasibamba. “Yilokhu-ke engikutholile,” kusho uMshumayeli. “Ngihlanganisa lokhu nalokhu ukuze ngithole umphumela, ingqondo yami esiwucinge iphindelela, kodwa ingawufumani. Ngathola indoda eyodwa phakathi kwayinkulungwane, kodwa angimtholanga owesifazane phakathi kwakho konke lokho. Yilokhu kodwa engakuthola, ukuthi uNkulunkulu wabenza abantu baba qotho, kodwa bona bazisungulela amaqhinga amaningi.”

UmShumayeli 7:1-29 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Igama elihle lingcono kunamafutha amahle, nosuku lokufa lungcono kunosuku lokuzalwa. Kungcono ukuya endlini yokulila kunokuya endlini yedili, ngokuba lokho kungukuphela kwabantu bonke; nophilayo makakubeke enhliziyweni yakhe. Usizi lungcono kunokuhleka, ngokuba ngokudabuka kobuso inhliziyo yenzelwa okuhle. Inhliziyo yabahlakaniphileyo isendlini yokulila, kepha inhliziyo yeziwula isendlini yentokozo. Kungcono ukuzwa ukukhuza kohlakaniphileyo kunokuba umuntu ezwe ukuhlabelela kweziwula. Njengokucacamba kwezintathawe eziphansi kwekhanzi, kunjalo ukuhleka kweziwula. Nalokho kuyize. Impela ukucindezela kuyamhlanyisa ohlakaniphileyo, nokuthengwa ngomvuzo kuchitha ingqondo. Kungcono ukuphela kwendaba kunokuqala kwayo; onomoya obekezelayo ungcono kunoziphakamisayo. Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho, ngokuba ulaka luhlala ezifubeni zeziwula. Ungasho ukuthi: “Kwenziwa kanjani ukuba izinsuku zokuqala zazizinhle kunalezi na?” Ngokuba awubuzi kanjalo ngokuhlakanipha. Ukuhlakanipha kuhle njengefa, yebo, kunenzuzo kwabalibonayo ilanga, ngokuba kusemthunzini wokuhlakanipha njengasemthunzini wemali, kepha inzuzo yokwazi ingeyokuba ukuhlakanipha kulondoloza ukuphila kwalowo onakho. Bona umsebenzi kaNkulunkulu, ngokuba ngubani ongelula lokho akugobileyo na? Yenama ngosuku lwenhlanhla, kepha ngosuku olubi qonda ukuthi nalolu uNkulunkulu ulwenzile njengalolo, ukuze umuntu angafumani lutho oluyakuba khona emva kwakhe. Konke ngikubonile emihleni yami eyize: kukhona olungileyo obhubhile ekulungeni kwakhe, kukhona nomubi owelula ukuphila kwakhe ebubini bakhe. Ungabi ngolungileyo ngokudluleleyo, ungazenzi ohlakaniphileyo kakhulu; uzichithelani na? Ungabi mubi ngokudluleleyo, ungabi yisiwula; uyakufelani kungakabi yisikhathi na? kuhle ukuba ubambelele kulokhu, yebo, ungabuyisi isandla sakho nakulokho, ngokuba owesaba uNkulunkulu uyakuphumelela kukho konke. Ukuhlakanipha kumenza ohlakaniphileyo ukuba abe namandla kunababusi abayishumi abasemzini. Ngokuba akukho muntu emhlabeni olungileyo kangaka ukuba enze okuhle, angoni. Ungabeki inhliziyo yakho emazwini onke akhulunywayo, funa uzwe inceku yakho ikuthuka, ngokuba kaninginingi inhliziyo yakho iyazi ukuba nawe ubathukile abanye. Konke lokho ngikuvivinyile ngokuhlakanipha, ngathi: “Ngiyakuhlakanipha,” kepha kwakusala kude nami. Okude nokujulile kakhulu, ngubani ongakufumana na? Ngase ngiphenduka ukuba inhliziyo yami yazi, ihlole, ifune ukuhlakanipha nendikimba yezindaba ukuyokwazi ububi ukuthi bungubuwula, nobuwula ukuthi bungubuhlanya. Ngase ngifumana okubaba kunokufa: owesifazane onhliziyo yakhe iyizingibe namanetha, nezandla zakhe ziyizibopho; omuhle phambi kukaNkulunkulu uyakuphunyuka kuye, kepha isoni siyakubanjwa nguye. “Bheka, nakhu engikufumene,” uthi uMshumayeli: “Ngibeka okunye kokunye ukuba ngithole indikimba yezindaba, nokusafunwa ngumphefumulo wami, ngingakakufumani kodwa: indoda inye phakathi kwenkulungwane ngiyifumene, kepha owesifazane phakathi kwabo bonke labo angimfumananga. Bheka, lokhu kuphela ngikufumene ukuthi uNkulunkulu wamenza umuntu waba qotho, kepha bona bafunile amacebo amaningi.”

UmShumayeli 7:1-29 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Igama elihle lingcono kunamafutha amahle; nosuku lokufa njengosuku lokuzalwa komuntu. Kungcono ukuya endlini yokulila kunokuya endlini yedili; ngokuba lokhu kungukuphela kwabantu bonke; ophilayo uyakukubeka enhliziyweni yakhe. Usizi lungcono kunokuhleka, ngoba ngokudabuka kobuso inhliziyo iba ngcono. Inhliziyo yabahlakaniphileyo isendlini yokulila; kepha inhliziyo yeziwula isendlini yentokozo. Kungcono ukuzwa ukukhuza kohlakaniphileyo kunokuba umuntu ezwe ukuhlabelela kweziwula. Ngokuba njengokuqhuqhumba kwameva ngaphansi kwekhanzi, kunjalo ukuhleka kwesiwula; nalokho kuyize. Ngempela, ukucindezela kuyahlanyisa ohlakaniphileyo; futhi isipho sichitha inhliziyo. Isiphetho sento singcono kunokuqala kwayo, futhi obekezelayo emoyeni ungcono kunozidlayo. Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho, ngokuba ulaka luhlala esifubeni seziwula. Ungasho ukuthi: Kungani izinsuku zakuqala zazingcono kunalezi na? ngoba awubuzi ngokuhlakanipha ngalokhu. Ukuhlakanipha kuhle kanye nefa, futhi ngalokho kunenzuzo kwababona ilanga. Ngokuba ukuhlakanipha kuyisiphephelo, nemali iyisiphephelo, kepha ukudlula ukwazi kungukuthi ukuhlakanipha kuphila kwabanakho. Bhekani umsebenzi kaNkulunkulu, ngokuba ngubani ongaqondisa lokho akwenze kwaba yisigwegwe na? Thokozani ngosuku lwenhlanhla, kepha qaphelani ngosuku lokuhlupheka; uNkulunkulu wamisa omunye komunye, ukuze umuntu angafumani lutho emva kwakhe. Konke lokhu ngakubona ezinsukwini zami eziyize: kukhona olungileyo obhubhayo ekulungeni kwakhe, kukhona nomubi owelula ukuphila kwakhe ebubini bakhe. Ungabi olungileyo ngokuningi; futhi musa ukubukisa. Kungani uzibhubhisa? Ungabi mubi kakhulu, ungabi-yiziwula; ubuyakufelani isikhathi sakho singakafiki na? Kuhle ukulibamba; yebo, ungasihoxisi isandla sakho kulokhu, ngokuba lowo omesabayo uNkulunkulu uyophuma kukho konke. Ukuhlakanipha kuqinisa ohlakaniphileyo kunamaqhawe ayishumi asemzini. Ngoba kakho umuntu olungileyo emhlabeni owenza okuhle njalo angoni. Futhi ungawalaleli wonke amazwi akhulunywayo; funa uzwe inceku yakho ikuthuka. Ngoba kanengi inhliziyo yakho iyazi ukuthi lawe ubathukile abanye. Konke lokho ngakuvivinya ngokuhlakanipha, ngathi: Ngizohlakanipha; kodwa kwakukude nami. Okude nokujula, ngubani ongakuthola na? Nganikela inhliziyo yami ukuba yazi, ihlole, ifune ukuhlakanipha nesizathu sezinto, nokwazi ububi bobuwula, yebo, nobuwula, nobuwula. Ngase ngifumana okubaba kunokufa, owesifazane onhliziyo yakhe iyizingibe namanetha, nezandla zakhe ziyizibopho; othokozisa uNkulunkulu uyakuphunyuka kuyo; kodwa isoni siyakubanjwa yiyo. Bheka, nakhu engikutholile, usho umshumayeli, ngibala ngamunye ngamunye, ukuze ngithole umbiko: Lokho umphefumulo wami osakufuna, kepha angikutholi; indoda eyodwa phakathi kwenkulungwane ngiyitholile; kepha angimtholanga owesifazane phakathi kwabo bonke. Bheka, lokhu kuphela engikutholile, ukuthi uNkulunkulu wamenza umuntu waqonda; kodwa bafuna izinto eziningi eziqanjiwe.