UmShumayeli 3:9-15
UmShumayeli 3:9-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Uzuzani osebenzayo ngomshikashika wakhe na? Ngiwubonile umshikashika uNkulunkulu awunike abantu ukuba babe matasatasa ngawo. Konke ukwenze kwafanela isikhathi sakho, ngaphezu kwalokho wabeka ukulangazelela iphakade ezinhliziyweni zabantu, kodwa abakwazi ukuyazi imisebenzi kaNkulunkulu kusukela ekuqaleni kwayo kuze kube sekugcineni kwayo. Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo kunokuthokoza nokuzithokozisa, inqobo nje uma besaphila, futhi kuyisipho esivela kuNkulunkulu, asipha umuntu ukuba wonke umuntu adle, aphuze, athokozele wonke umshikashika wakhe. Ngiyazi ukuthi noma yini uNkulunkulu ayenzayo imi kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kuyo, nokungasuswa kuyo; uNkulunkulu lokhu ukwenzele ukuba abantu bamesabe. Lokhu okukhona, sekwake kwaba khona, nalokho okusazoba khona, sekuvele kukhona. UNkulunkulu uyakufuna osekwake kwenzeka.
UmShumayeli 3:9-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Usizani osebenzayo ngalokho akukhandlekayo? Ngabona ukubaluleka komzamo uNkulunkulu awunikela kubantwana babantu ukuze baqeqeshwe kuwo. Wenza konke kwaba kuhle ngesikhathi sakho; futhi wafaka izwe enhliziyweni yabo, ukuze kungabikho muntu ongathola umsebenzi uNkulunkulu awenzayo kusukela ekuqaleni kuze kube sekupheleni. Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo, kodwa ukuthi umuntu uyajabula futhi enze okuhle ekuphileni kwakhe. Futhi ukuthi wonke umuntu adle, aphuze, ajabulele okuhle kuwo wonke umshikashika wakhe, lokhu kuyisipho sikaNkulunkulu. Ngiyazi ukuthi konke uNkulunkulu akwenzayo kuyakuba khona kuze kube phakade; akukho okungalethwa kukho futhi akukho okuthathwe kukho; futhi uNkulunkulu uyakwenza lokhu, ukuze abantu bamesabe. Okwakukhona khathesi; nalokho okuyakuba khona kade kwaba khona; futhi uNkulunkulu uthi lokho okwedlule.
UmShumayeli 3:9-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Unanzuzoni osebenzayo ngalokho akushikashikayo na? Ngibonile umshikashika uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike. Wenzile konke kube kuhle esikhathini sakho, ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo; nokho umuntu angefumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube sekupheleni. Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo kunokuba bathokoze, bazenzele okumnandi besekhona. Kepha futhi ukuba abantu bonke badle, baphuze, babone okuhle kuwo wonke umshikashika wabo kuyisipho sikaNkulunkulu nalokho. Ngiyazi ukuthi konke akwenzayo uNkulunkulu kuyakuba khona kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kukho, futhi akukho okungasuswa kukho. UNkulunkulu ukwenzile ukuba abantu besabe phambi kwakhe. Lokhu okukhona yikho okwakukhona, nalokhu okuyakuba khona kade kwakukhona; uNkulunkulu ufuna okudlulileyo.