UmShumayeli 3:18-20
UmShumayeli 3:18-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngathi enhliziyweni yami: “Maqondana nabantu, uNkulunkulu uyabavivinya ukuze bazibonele ukuthi banjengezilwane. Ngokuba okuvelela abantu kuyafana nokwehlela izilwane; njengoba umuntu efa, kanjalo nesilwane siyafa. Konke kunomoya ofanayo, umuntu akazedluli izilwane, ngokuba konke kuyize. Konke kuya endaweni eyodwa; konke kuvela othulini, konke kubuyela othulini.
UmShumayeli 3:18-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngathi enhliziyweni yami: “Kungenxa yamadodana abantu ukuze uNkulunkulu awavivinye, wona azibonele ukuthi anjengezilwane nje. Ngokuba okwehlela amadodana abantu kwehlela nezilwane, into inye ikwehlela kokubili: njengalokhu kufa lokho, kuyafa nalokhu; kunomphefumulo munye, umuntu akazidluli ngalutho izilwane, ngokuba konke kuyize. Konke kuya endaweni inye; konke kuvela othulini, konke kubuyela othulini.
UmShumayeli 3:18-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngathi enhliziyweni yami mayelana nesimo sabantwana babantu, ukuthi uNkulunkulu angabambula futhi babone ukuthi bayizilwane. Ngokuba okwehlela abantwana babantu kwehlela nezilwane; lokunye kubehlela: njengokufa komuntu, kuyafa lokunye; yebo, banomoya munye bonke; ukuze umuntu angabibikho ngaphezu kwesilwane, ngokuba konke kuyize. Bonke baya endaweni eyodwa; bonke bavela othulini, futhi bonke babuyela othulini.