UmShumayeli 3:14-15
UmShumayeli 3:14-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngiyazi ukuthi noma yini uNkulunkulu ayenzayo imi kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kuyo, nokungasuswa kuyo; uNkulunkulu lokhu ukwenzele ukuba abantu bamesabe. Lokhu okukhona, sekwake kwaba khona, nalokho okusazoba khona, sekuvele kukhona. UNkulunkulu uyakufuna osekwake kwenzeka.
UmShumayeli 3:14-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngiyazi ukuthi konke akwenzayo uNkulunkulu kuyakuba khona kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kukho, futhi akukho okungasuswa kukho. UNkulunkulu ukwenzile ukuba abantu besabe phambi kwakhe. Lokhu okukhona yikho okwakukhona, nalokhu okuyakuba khona kade kwakukhona; uNkulunkulu ufuna okudlulileyo.
UmShumayeli 3:14-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngiyazi ukuthi konke uNkulunkulu akwenzayo kuyakuba khona kuze kube phakade; akukho okungalethwa kukho futhi akukho okuthathwe kukho; futhi uNkulunkulu uyakwenza lokhu, ukuze abantu bamesabe. Okwakukhona khathesi; nalokho okuyakuba khona kade kwaba khona; futhi uNkulunkulu uthi lokho okwedlule.