UmShumayeli 3:10-13
UmShumayeli 3:10-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngibonile umshikashika uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike. Wenzile konke kube kuhle esikhathini sakho, ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo; nokho umuntu angefumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube sekupheleni. Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo kunokuba bathokoze, bazenzele okumnandi besekhona. Kepha futhi ukuba abantu bonke badle, baphuze, babone okuhle kuwo wonke umshikashika wabo kuyisipho sikaNkulunkulu nalokho.
UmShumayeli 3:10-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngiwubonile umshikashika uNkulunkulu awunike abantu ukuba babe matasatasa ngawo. Konke ukwenze kwafanela isikhathi sakho, ngaphezu kwalokho wabeka ukulangazelela iphakade ezinhliziyweni zabantu, kodwa abakwazi ukuyazi imisebenzi kaNkulunkulu kusukela ekuqaleni kwayo kuze kube sekugcineni kwayo. Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo kunokuthokoza nokuzithokozisa, inqobo nje uma besaphila, futhi kuyisipho esivela kuNkulunkulu, asipha umuntu ukuba wonke umuntu adle, aphuze, athokozele wonke umshikashika wakhe.
UmShumayeli 3:10-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngabona ukubaluleka komzamo uNkulunkulu awunikela kubantwana babantu ukuze baqeqeshwe kuwo. Wenza konke kwaba kuhle ngesikhathi sakho; futhi wafaka izwe enhliziyweni yabo, ukuze kungabikho muntu ongathola umsebenzi uNkulunkulu awenzayo kusukela ekuqaleni kuze kube sekupheleni. Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo, kodwa ukuthi umuntu uyajabula futhi enze okuhle ekuphileni kwakhe. Futhi ukuthi wonke umuntu adle, aphuze, ajabulele okuhle kuwo wonke umshikashika wakhe, lokhu kuyisipho sikaNkulunkulu.