UmShumayeli 2:18-26
UmShumayeli 2:18-26 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngawuzonda wonke umshikashika wami engawushikashika phansi komthunzi welanga, lapho ngibona ukuthi ngizowushiyela ozoza emuva kwami. Kwazi bani ukuthi uzokuba yisihlakaniphi noma yisiwula na? Nokho nguyena ozokwengamela wonke umshikashika wami, asebenzise nokuhlakanipha kwami phansi komthunzi welanga. Nalokho kuyize. Ngase ngitheneka amandla, inhliziyo yami yadikibala ngawo wonke umshikashika engiwushikashike phansi komthunzi welanga. Ngokuba kuyenzeka ukuba umuntu umshikashika wakhe awenze ngokuhlakanipha nangolwazi nangekhono, kodwa kufanele awushiyele umuntu ongakaze awukhandlekele, ube yifa lakhe. Nalokho kuyize nobubi obukhulu. Umuntu utholani ngakho konke ukushikashikeka nokukhandleka kwakhe phansi komthunzi welanga na? Ngokuba zonke izinsuku zakhe zinobuhlungu, nomsebenzi wakhe uwusizi; nasebusuku ingqondo yakhe ayikutholi ukuphumula. Nalokho kuyize. Akukho okungcono okungenziwa ngumuntu ngaphandle kokuthi adle, aphuze, aneliseke ngomsebenzi wakhe. Nalokho futhi ngakubona ukuthi kuvela esandleni sikaNkulunkulu, ngokuba ngaphandle kwakhe, ngubani ongadla noma athokoze na? Ngokuba uNkulunkulu umupha ukuhlakanipha, nokuqonda nentokozo umuntu omthokozisayo, kodwa isoni usinika umsebenzi wokuqokelela nokumbondela, ukuze siwunike lowo othokozisa uNkulunkulu. Nalokho kuyize, kufana nokubamba utalagu.
UmShumayeli 2:18-26 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Yebo, ngazonda wonke umshikashika wami engangiwushikashika phansi kwelanga, lokhu ngabona ukuthi ngizakuwushiya kumuntu ofika emva kwami. Ngubani owaziyo, uma eyakuba ngumuntu ohlakaniphileyo noma isiwula na? Nokho uyakubusa phezu kwawo wonke umshikashika wami engiwushikashikile nengihlakaniphele kuwo phansi kwelanga. Nalokho kuyize. Ngase ngibuye ngaphela ithemba ngawo wonke umshikashika engangiwushikashikile phansi kwelanga. Ngokuba kukhona umuntu omshikashika wakhe wenziwe ngokuhlakanipha, nangokwazi, nangekhono, kepha nokho uyakuwunikeza kumuntu ongawushikashikanga kube yisabelo sakhe. Nalokho kuyize nobubi obukhulu. Ngokuba umuntu unanzuzoni yawo wonke umshikashika wakhe nokukhandleka kwenhliziyo yakhe akushikashikile phansi kwelanga na? Ngokuba zonke izinsuku zakhe zinobuhlungu, nomsebenzi wakhe ulusizi; yebo, nasebusuku inhliziyo yakhe ayiphumuli; nalokho kuyize. Akukho okuhle kumuntu kunalokhu kokuba adle, aphuze, abonise umphefumulo wakhe okuhle emshikashikeni wakhe, kepha nalokho ngakubona ukuthi kuvela esandleni sikaNkulunkulu. Ngokuba ngubani ongadla, ngubani ongajabula ngaphandle kwakhe na? Ngokuba umuntu omuhle kuNkulunkulu uyamnika ukuhlakanipha, nokwazi, nentokozo, kepha isoni usinika usizi lokuba sibuthe, siqongelele, ukuze simnike yena omuhle kuNkulunkulu. Nalokho kuyize nokufuna umoya.
UmShumayeli 2:18-26 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Yebo, ngawuzonda wonke umshikashika wami engawenza phansi kwelanga, ngokuba bengiyakuwushiyela kumuntu oyakuba emva kwami. Ngubani owaziyo ukuthi uyakuba-hlakaniphile noma isiwula na? nokho uyakubusa phezu kwawo wonke umshikashika wami engiwushikashikashikayo nengihlakaniphe ngawo phansi kwelanga. Nalokhu kuyize. Ngakho ngahamba ukuze inhliziyo yami idangele ngenxa yawo wonke umshikashika engawenza phansi kwelanga. Ngokuba kukhona umuntu omshikashika wakhe usekuhlakanipheni, nangokwazi, nangobuqotho; kodwa kumuntu ongazange asebenze kukho, kumelwe akushiye njengesabelo sakhe. Nalokhu kuyize nobubi obukhulu. Ngokuba umuntu unanzuzoni kuwo wonke umshikashika wakhe nobuhlungu benhliziyo yakhe awushikashikeka phansi kwelanga na? Ngoba zonke izinsuku zakhe ziwusizi lomhelo; yebo, inhliziyo yakhe ayiphumuli ebusuku. Nalokhu kuyize. Akukho lutho olungcono kumuntu kunokuba adle futhi aphuze, futhi avumele umphefumulo wakhe ujabulele umsebenzi wakhe kahle. Ngabona futhi ukuthi yayivela esandleni sikaNkulunkulu. Ngokuba ngubani ongadla kakhulu kunami, ngubani ongashesha lapha na? Ngoba uNkulunkulu unika umuntu omuhle emehlweni akhe ukuhlakanipha lolwazi lentokozo, kodwa isoni unika ukuhlupheka ukukuqongelela, ukuze amnike okuhle phambi kukaNkulunkulu. Kuyize nokuhlushwa komoya.