UmShumayeli 2:1-26

UmShumayeli 2:1-26 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Woza ngikuvivinye ngentokozo ukuze ngibone okuhle.” Nalokho futhi kwakuyize. Mayelana nokuhleka, ngathi: “Kungubuwula,” maqondana nentokozo, ngathi: “Inamsebenzi muni na?” Ngacabanga enhliziyweni yami ukuthi ngingazithokozisa kanjani ngewayini, ingqondo yami ibe iholwa ngukuhlakanipha, ukuze ngikwazi ukubamba ubuwula, ngize ngibone okuhle abantu abakwenza phansi komthunzi welanga ngezinsukwana zokuphila kwabo. Ngenza imisebenzi emikhulu, ngakha izindlu, ngazitshalela nezivini. Ngazenzela izivande nezindawo zokuphumula, ngatshala kuzo zonke, izinhlobo zezihlahla zezithelo. Ngazakhela amachibi okunisela amahlathi okwakumile kuwo izihlahla. Ngathenga izigqila zesilisa nezesifazane, nalezo ezazizalelwe kwami; nganginemfuyo eningi, imihlambi yezinkomo neyezimvu nezimbuzi, kukuningi ukwedlula okukanoma ngubani owangendulelayo eJerusalema. Ngaziqongelelela isiliva, negolide, nengcebo yamakhosi neyezifundazwe. Ngaqoqa abahlabeleli besilisa nabesifazane, nalokho okuthokozisa amadodana abantu, nezancinza eziningi. Ngakho-ke ngaba mkhulu ukwedlula abangendulelayo eJerusalema; ukuhlakanipha kwami kwahlala kukimi. Noma yikuphi amehlo ami ayekufuna, ngangingawancishi; inhliziyo yami angiyincishanga intokozo, ngokuba yona yathola ukuthokoza kuwo wonke umshikashika wami, lokho kwaba ngumklomelo wami wawo wonke umshikashika wami. Ngase ngikubuka konke okwenziwe yizandla zami, nomshikashika engithathe isikhathi ngiwenza; konke futhi lokho kwakuyize, kufana nokubamba utalagu! Akukho nzuzo phansi komthunzi welanga. Ngase ngibuye ngicabangisisa ngokuhlakanipha, ngobuhlanya nangobuwula, ngokuba angenzani lowo ongaphansi kwenkosi na? Ngaphandle kwalokho osekuvele kwenziwe. Ngabona ukuthi ukuhlakanipha kungcono kunobuwula, njengoba nokukhanya kungcono kunobumnyama. Umuntu ohlakaniphile uyabona ukuthi uyaphi, kodwa isiwula sidukuza ebumnyameni. Kodwa ngabona ukuthi siyafana isiphetho sabo bobabili. Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Okwehlela isiwula, nami kuzongehlela. Pho kungani ngihlakaniphe kakhulu na?” Ngathi enhliziyweni yami: nalokho kuyize. Ngokuba akukho ukukhunjulwa kohlakaniphileyo nesiwula, ngoba ngokuhamba kwezinsuku, bobabili bayalibaleka. Kungenzeka kanjani ukuthi ohlakaniphile afe njengesiwula na? Ngase ngikuzonda ukuphila ngoba umsebenzi owenziwa phansi komthunzi welanga ungububi kimi. Konke kuyize, kufana nokubamba utalagu. Ngawuzonda wonke umshikashika wami engawushikashika phansi komthunzi welanga, lapho ngibona ukuthi ngizowushiyela ozoza emuva kwami. Kwazi bani ukuthi uzokuba yisihlakaniphi noma yisiwula na? Nokho nguyena ozokwengamela wonke umshikashika wami, asebenzise nokuhlakanipha kwami phansi komthunzi welanga. Nalokho kuyize. Ngase ngitheneka amandla, inhliziyo yami yadikibala ngawo wonke umshikashika engiwushikashike phansi komthunzi welanga. Ngokuba kuyenzeka ukuba umuntu umshikashika wakhe awenze ngokuhlakanipha nangolwazi nangekhono, kodwa kufanele awushiyele umuntu ongakaze awukhandlekele, ube yifa lakhe. Nalokho kuyize nobubi obukhulu. Umuntu utholani ngakho konke ukushikashikeka nokukhandleka kwakhe phansi komthunzi welanga na? Ngokuba zonke izinsuku zakhe zinobuhlungu, nomsebenzi wakhe uwusizi; nasebusuku ingqondo yakhe ayikutholi ukuphumula. Nalokho kuyize. Akukho okungcono okungenziwa ngumuntu ngaphandle kokuthi adle, aphuze, aneliseke ngomsebenzi wakhe. Nalokho futhi ngakubona ukuthi kuvela esandleni sikaNkulunkulu, ngokuba ngaphandle kwakhe, ngubani ongadla noma athokoze na? Ngokuba uNkulunkulu umupha ukuhlakanipha, nokuqonda nentokozo umuntu omthokozisayo, kodwa isoni usinika umsebenzi wokuqokelela nokumbondela, ukuze siwunike lowo othokozisa uNkulunkulu. Nalokho kuyize, kufana nokubamba utalagu.

UmShumayeli 2:1-26 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngase ngithi mina enhliziyweni yami: “Woza, ngizakukulinga ngentokozo; mawubone okuhle nje.” Kepha nalokho kwakuyize. Ngathi ngokuhleka: “Ngubuhlanya,” nangentokozo: “Yenzani na?” Ngaphenya enhliziyweni yami ukuba ngiyakuthokozisa kanjani umzimba wami ngewayini, inhliziyo ingihole nokho ngokuhlakanipha, nokuba ngibambe ubuwula, ngize ngibone ukuthi kuyini okuhle kumadodana abantu ukuba akwenze phansi kwezulu ezinsukwini zonke zokuphila kwawo. Ngazenzela imisebenzi emikhulu, ngazakhela izindlu, ngazitshalela izivini, ngazenzela izivande namahlathi, ngatshala khona imithi enezithelo zezinhlobo zonke, ngazenzela amachibi amanzi ukuba kuniselwe ngawo ihlathi lemithi emilayo. Ngathenga izinceku nezincekukazi, nganginazo ezazalwa endlini; yebo, nganginemfuyo enkulu yezinkomo neyezimvu phezu kwakho konke okwakuphambi kwami eJerusalema. Ngazibuthela futhi isiliva negolide, nemfuyo yamakhosi, nezifunda; ngathola abahlabeleli, abesilisa nabesifazane, nalokho athokoza ngakho amadodana abantu: isancinza, yebo, izancinza eziningi. Ngase ngikhula ngaba mkhulu kunabo bonke ababe phambi kwami eJerusalema. Nokuhlakanipha kwami kwakumi ngakimi. Konke amehlo ami akufisayo angikugodlanga kuwo; angenqabelanga inhliziyo yami neyodwa intokozo, ngokuba inhliziyo yami yathokoza ngawo wonke umshikashika wami; lokho kwakuyisabelo sami kuwo wonke umshikashika wami. Ngase ngibhekana nemisebenzi yonke ezaziyenzile izandla zami, nomshikashika engangishikashikile ukuwenza; bheka, konke kwakuyize nokufuna umoya, akukho nzuzo phansi kwelanga. Ngase ngiphenduka ukuba ngibone ukuhlakanipha, nokuhlanya, nobuwula, ngokuba angenzani umuntu olandela inkosi ngaphandle kwalokho okwenziweyo ngaphambili na? Ngase ngibona ukuthi ukuhlakanipha kudlula ubuwula njengalokhu ukukhanya kudlula ubumnyama. Ohlakaniphileyo unamehlo ekhanda lakhe, kepha isiwula sihamba ebumnyameni; nokho ngabona ukuthi umehlo munye wehlela bonke. Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Njengokwehlelwa kwesiwula ngiyakwehlelwa nami; ngisidluleleni ngokuhlakanipha na?” Ngathi-ke enhliziyweni yami ukuba nalokho kwakuyize. Ngokuba akukho ukukhunjulwa kohlakaniphileyo nokwesiwula kuze kube phakade, lokhu ezinsukwini ezizayo konke kuyakube sekukhohlakele. Nohlakaniphileyo akafi njengesiwula na? Ngase ngizonda ukuphila, ngokuba umsebenzi owenziwa phansi kwelanga mubi kimi, lokhu konke kuyize nokufuna umoya nje. Yebo, ngazonda wonke umshikashika wami engangiwushikashika phansi kwelanga, lokhu ngabona ukuthi ngizakuwushiya kumuntu ofika emva kwami. Ngubani owaziyo, uma eyakuba ngumuntu ohlakaniphileyo noma isiwula na? Nokho uyakubusa phezu kwawo wonke umshikashika wami engiwushikashikile nengihlakaniphele kuwo phansi kwelanga. Nalokho kuyize. Ngase ngibuye ngaphela ithemba ngawo wonke umshikashika engangiwushikashikile phansi kwelanga. Ngokuba kukhona umuntu omshikashika wakhe wenziwe ngokuhlakanipha, nangokwazi, nangekhono, kepha nokho uyakuwunikeza kumuntu ongawushikashikanga kube yisabelo sakhe. Nalokho kuyize nobubi obukhulu. Ngokuba umuntu unanzuzoni yawo wonke umshikashika wakhe nokukhandleka kwenhliziyo yakhe akushikashikile phansi kwelanga na? Ngokuba zonke izinsuku zakhe zinobuhlungu, nomsebenzi wakhe ulusizi; yebo, nasebusuku inhliziyo yakhe ayiphumuli; nalokho kuyize. Akukho okuhle kumuntu kunalokhu kokuba adle, aphuze, abonise umphefumulo wakhe okuhle emshikashikeni wakhe, kepha nalokho ngakubona ukuthi kuvela esandleni sikaNkulunkulu. Ngokuba ngubani ongadla, ngubani ongajabula ngaphandle kwakhe na? Ngokuba umuntu omuhle kuNkulunkulu uyamnika ukuhlakanipha, nokwazi, nentokozo, kepha isoni usinika usizi lokuba sibuthe, siqongelele, ukuze simnike yena omuhle kuNkulunkulu. Nalokho kuyize nokufuna umoya.

UmShumayeli 2:1-26 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ngathi enhliziyweni yami: “Hamba manje, ngiyakukulinga ngokuthokoza; ngakho-ke jabula; bheka, nalokhu kuyize. Ngathi ngokuhleka: Kuyahlanya nenjabulo: Kwenzani na? Ngafuna enhliziyweni yami ukuba nginakwe iwayini, kepha ngayiqondisa inhliziyo yami ngokuhlakanipha; nokubamba ubuwula, ngize ngibone ukuthi lezo zinto zaziyini kubantwana babantu ababeyakuzenza phansi kwezulu zonke izinsuku zokuhamba kwabo. Ngizenzele imisebenzi emikhulu; ngazakhela izindlu; ngatshala izivini zami; Ngazenzela izivande nezivande zezithelo, ngatshala kuzo imithi yazo zonke izinhlobo zesithelo. Ngazenzela amachibi amanzi okunisela izinkuni ezithela imithi. Ngazitholela izinceku nezincekukazi, kwazalelwa izinceku endlini yami; Futhi nganginemfuyo eningi yezinkomo nezinkomo ngaphezu kwabo bonke ababengaphambi kwami eJerusalema. Ngazibuthela futhi isiliva negolide, nengcebo yamakhosi nezifunda, ngaba abahlabeleli, nezintombi zezingoma, nentokozo yabantwana babantu, njengezinsimbi zomculo, nazo zonke izinhlobo. Ngakho ngakhula, ngabadlula bonke ababengaphambi kwami eJerusalema; nokuhlakanipha kwami kwahlala kimi. Noma yini amehlo ami ayeyifisa, angiyithandanga, angiyigodlanga inhliziyo yami kunoma iyiphi intokozo; ngokuba inhliziyo yami yayithokoza ngawo wonke umshikashika wami, lokhu kwaba yisabelo sami kuwo wonke umshikashika wami. Ngase ngibheka imisebenzi yonke izandla zami ezazenzile, nomshikashika engangiwusebenzele; Ngase ngiphenduka ukuba ngibone ukuhlakanipha, nokuhlanya, nobuwula; ngoba umuntu oza emva kwenkosi angenzani? lalokho osekwenziwe. Ngase ngibona ukuthi ukuhlakanipha kudlula ubuwula njengokukhanya kudlula ubumnyama. Amehlo ohlakaniphileyo asekhanda lakhe; kodwa isiwula sihamba ebumnyameni, futhi mina ngokwami ngibonile ukuthi isenzakalo sinye sehlela bonke. Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Njengokwehlelwa kwesiwula, kuyangehlela nakimi; futhi kungani ngangihlakaniphe? Ngase ngithi enhliziyweni yami nalokhu kuyize. Ngokuba akukho ukukhunjulwa kohlakaniphileyo ngaphezu kwesiwula kuze kube phakade; ngokuba lokho okuzayo ngalezi zinsuku kuyakukhohlakala konke. Futhi ufa kanjani ohlakaniphileyo? kunesiwula. Ngakho ngakuzonda ukuphila; ngokuba unzima kimi umsebenzi owenziwa phansi kwelanga, ngokuba konke kuyize, nokugula emoyeni. Yebo, ngawuzonda wonke umshikashika wami engawenza phansi kwelanga, ngokuba bengiyakuwushiyela kumuntu oyakuba emva kwami. Ngubani owaziyo ukuthi uyakuba-hlakaniphile noma isiwula na? nokho uyakubusa phezu kwawo wonke umshikashika wami engiwushikashikashikayo nengihlakaniphe ngawo phansi kwelanga. Nalokhu kuyize. Ngakho ngahamba ukuze inhliziyo yami idangele ngenxa yawo wonke umshikashika engawenza phansi kwelanga. Ngokuba kukhona umuntu omshikashika wakhe usekuhlakanipheni, nangokwazi, nangobuqotho; kodwa kumuntu ongazange asebenze kukho, kumelwe akushiye njengesabelo sakhe. Nalokhu kuyize nobubi obukhulu. Ngokuba umuntu unanzuzoni kuwo wonke umshikashika wakhe nobuhlungu benhliziyo yakhe awushikashikeka phansi kwelanga na? Ngoba zonke izinsuku zakhe ziwusizi lomhelo; yebo, inhliziyo yakhe ayiphumuli ebusuku. Nalokhu kuyize. Akukho lutho olungcono kumuntu kunokuba adle futhi aphuze, futhi avumele umphefumulo wakhe ujabulele umsebenzi wakhe kahle. Ngabona futhi ukuthi yayivela esandleni sikaNkulunkulu. Ngokuba ngubani ongadla kakhulu kunami, ngubani ongashesha lapha na? Ngoba uNkulunkulu unika umuntu omuhle emehlweni akhe ukuhlakanipha lolwazi lentokozo, kodwa isoni unika ukuhlupheka ukukuqongelela, ukuze amnike okuhle phambi kukaNkulunkulu. Kuyize nokuhlushwa komoya.