UDuteronomi 8:2-3
UDuteronomi 8:2-3 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Woyikhumbula yonke indlela uJehova uNkulunkulu wakho akuholile ngayo le minyaka engamashumi amane ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, azi okusenhliziyweni yakho, uma ubuyakuyigcina imiyalo yakhe noma qha. Wakuthobisa-ke, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana* obungalazi, bebengalazi futhi oyihlo, ukuba akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa; kepha ngakho konke okuphuma emlonyeni kaJehova, yikho umuntu aphila ngakho.
UDuteronomi 8:2-3 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Uyoyikhumbula yonke indlela uSimakade uNkulunkulu wakho akuhola ngayo le minyaka engama-40 ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, ukuze azi okusenhliziyweni yakho, ukuthi uyoyigcina yini imiyalo yakhe noma qha. Wakuthobisa, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana obungayazi, nababengayazi ngisho okhokho bakho ukuze akwenze wazi ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa, kodwa ngakho konke okushiwo nguSimakade; yilokho umuntu aphila ngakho.
UDuteronomi 8:2-3 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Woyikhumbula yonke indlela uJehova uNkulunkulu wakho akuholile ngayo le minyaka engamashumi amane ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, azi okusenhliziyweni yakho, uma uthanda ukugcina imiyalo yakhe noma qha. Wakuthobisa, wakulambisa, wakupha imana ongalazi, noyihlo ababengalazi; ukuze akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa, kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaJehova.