UDuteronomi 8:2-16

UDuteronomi 8:2-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Uyoyikhumbula yonke indlela uSimakade uNkulunkulu wakho akuhola ngayo le minyaka engama-40 ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, ukuze azi okusenhliziyweni yakho, ukuthi uyoyigcina yini imiyalo yakhe noma qha. Wakuthobisa, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana obungayazi, nababengayazi ngisho okhokho bakho ukuze akwenze wazi ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa, kodwa ngakho konke okushiwo nguSimakade; yilokho umuntu aphila ngakho. Izingubo zakho azikugugelanga, nonyawo lwakho aluvuvukalanga kule minyaka engama-40. Uyokwazi enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu wonke umuntu eyiyala indodana yakhe, kanjalo uSimakade uNkulunkulu wakho uyakuyala nawe. “Uyoyigcina imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuhamba ezindleleni zakhe nangokuba umesabe. Ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho uzakukungenisa ezweni elihle, izwe elinemifudlana enamanzi, imithombo, namanzi aphuphuma ezinzulwini, ageleze ezigodini nasezintabeni, izwe likakolo nebhali, imivini nemikhiwane namahananadi, izwe leminqumo enamafutha noju, izwe lapho uyakudla khona isinkwa ungesweli lutho; awuyukudinga lutho; izwe elimatshe alo ayinsimbi, ezintabeni zalo uyakumba ithusi. “Uyakudla usuthe, umbonge uSimakade uNkulunkulu wakho ngezwe elihle akunike lona. Qaphela, funa ukhohlwe nguSimakade uNkulunkulu wakho ungayigcini imiyalo yakhe, izehlulelo zakhe, nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla. Funa lapho usudlile wasutha, nalapho usuwakhile izindlu ezinhle, wahlala kuzo, izinkomo zakho nezimvu zakho sekwandile, isiliva negolide lakho sekukuningi, sekwandile konke onakho, bese inhliziyo yakho iqhosha, umkhohlwe uSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila, wakuhola ehlane elikhulu nelesabekayo elinezinyoka ezinesihlungu nofezela nomhlabathi owomileyo, lapho kwakungekho manzi khona; wakuvezela amanzi edwaleni lensengetsha. Wakupha imana ehlane, okhokho bakho ababengayazi, ukuze akuthobise, akuvivinye, kuthi ekugcineni akwenzele okuhle.

UDuteronomi 8:2-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Woyikhumbula yonke indlela uJehova uNkulunkulu wakho akuholile ngayo le minyaka engamashumi amane ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, azi okusenhliziyweni yakho, uma ubuyakuyigcina imiyalo yakhe noma qha. Wakuthobisa-ke, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana* obungalazi, bebengalazi futhi oyihlo, ukuba akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa; kepha ngakho konke okuphuma emlonyeni kaJehova, yikho umuntu aphila ngakho. Izingubo zakho azikugugelanga, nonyawo lwakho aluvuvukalanga le minyaka engamashumi amane. Wokwazi enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu umuntu elaya indodana yakhe, kanjalo uJehova uNkulunkulu wakho uyakulaya wena. “Woyigcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, umesabe. Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho useyakungenisa ezweni elihle, izwe elinemifudlana yamanzi, nemithombo, nezinzulu eziphuphuma ezigodini nasezintabeni, izwe likakolweni, nelebhali,* nelemivini, nelemikhiwane, nelamapomegranati,* izwe leminqumo enamafutha, nelezinyosi, izwe lapho uyakudla khona isinkwa kungekho kuswela; awuyikudinga lutho; izwe elimatshe alo ayinsimbi, nelizintaba zalo ungemba kuzo ithusi. “Uyakudla usuthe, umbonge uJehova uNkulunkulu wakho ngezwe elihle akunike lona. Xwaya, funa ukhohlwe uJehova uNkulunkulu wakho ngokungagcini imiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla, funa lapho usudlile wasutha, nalapho usuwakhile izindlu ezinhle, wahlala kuzo, kwandile izinkomo zakho nezimvu zakho, kwandile nesiliva lakho negolide lakho, kwandile konke onakho, inhliziyo yakho bese yiphakama, ukhohlwe uJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila, wakuhola ehlane elikhulu nelesabekayo elinezinyoka ezinesihlungu nawofezela nomhlabathi owomileyo, lapho kwakungekho manzi khona; wakuvezela amanzi edwaleni lensengetsha; wakupha imana* ehlane, oyihlo ababengalazi, ukuba akuthobise, akuvivinye, akwenzele okuhle ngasekugcineni

UDuteronomi 8:2-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Woyikhumbula yonke indlela uJehova uNkulunkulu wakho akuholile ngayo le minyaka engamashumi amane ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, azi okusenhliziyweni yakho, uma uthanda ukugcina imiyalo yakhe noma qha. Wakuthobisa, wakulambisa, wakupha imana ongalazi, noyihlo ababengalazi; ukuze akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa, kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaJehova. Izingubo zakho azikugugelanga, nonyawo lwakho aluvuvukalanga kule minyaka engamashumi amane. Kumelwe uqaphele enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu umuntu elaya indodana yakhe, kanjalo uJehova uNkulunkulu wakho uyakulaya wena. Ngakho wogcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, umesabe. Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ukungenisa ezweni elihle, izwe lemifudlana yamanzi, nemithombo, nezitwa eziphuma ezigodini nasemagqumeni; Izwe likakolweni nelebhali nezivini nemikhiwane namahalananda; izwe lamafutha omnqumo nezinyosi; Izwe lapho uyakudla khona ungenayo isinkwa, awuyikuswelakala kulo; izwe elimatshe alo ayinsimbi, nezintaba zalo ningamba ithusi. Lapho usudlile usuthe, kumelwe udumise uJehova uNkulunkulu wakho ngezwe elihle akunike lona. Ziqaphele ukuba ungamkhohlwa uJehova uNkulunkulu wakho ngokungagcini imiyalo yakhe, nezimiso zakhe, nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla. Bhekani, nxa senidlile, nasutha, nakha izindlu ezinhle, nihlale kuzo; Uma izinkomo zakho nezimvu zakho zanda, isiliva lakho negolide lakho kwanda, nakho konke onakho kwanda; Khona inhliziyo yakho iziphakamisile, ukhohlwe uJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, endlini yobugqila; owanihola ogwadule olukhulu nolwesabekayo, okwakukhona kulo izinyoka ezinomlilo nawofezela nesomiso, lapho kwakungekho manzi khona; owanikhiphela amanzi edwaleni; owakupha ehlane imana oyihlo ababengayazi, ukuba akuthobise, akuvivinye, akwenzele okuhle ekupheleni kwakho