UDuteronomi 8:11-20
UDuteronomi 8:11-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Xwaya, funa ukhohlwe uJehova uNkulunkulu wakho ngokungagcini imiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla, funa lapho usudlile wasutha, nalapho usuwakhile izindlu ezinhle, wahlala kuzo, kwandile izinkomo zakho nezimvu zakho, kwandile nesiliva lakho negolide lakho, kwandile konke onakho, inhliziyo yakho bese yiphakama, ukhohlwe uJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila, wakuhola ehlane elikhulu nelesabekayo elinezinyoka ezinesihlungu nawofezela nomhlabathi owomileyo, lapho kwakungekho manzi khona; wakuvezela amanzi edwaleni lensengetsha; wakupha imana* ehlane, oyihlo ababengalazi, ukuba akuthobise, akuvivinye, akwenzele okuhle ngasekugcineni, uze uthi enhliziyweni yakho: ‘Amandla ami nezikhwepha zesandla sami kunginike le mfuyo.’ Kepha womkhumbula uJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba nguyena okupha amandla okuzuza imfuyo ukuba amise isivumelwano sakhe asifungela oyihlo njenganamuhla. “Kuyakuthi uma ukhohlwa uJehova uNkulunkulu wakho, ulandele abanye onkulunkulu, ubakhonze, ukhuleke kubo, ngiyanixwayisa namuhla ukuthi niyakubhubha nokubhubha. Njengezizwe uJehova azenza ukuba zibhubhe phambi kwenu, kanjalo niyakubhubha nani, ngokuba naningalilaleli izwi likaJehova uNkulunkulu wenu.
UDuteronomi 8:11-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Qaphela, funa ukhohlwe nguSimakade uNkulunkulu wakho ungayigcini imiyalo yakhe, izehlulelo zakhe, nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla. Funa lapho usudlile wasutha, nalapho usuwakhile izindlu ezinhle, wahlala kuzo, izinkomo zakho nezimvu zakho sekwandile, isiliva negolide lakho sekukuningi, sekwandile konke onakho, bese inhliziyo yakho iqhosha, umkhohlwe uSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila, wakuhola ehlane elikhulu nelesabekayo elinezinyoka ezinesihlungu nofezela nomhlabathi owomileyo, lapho kwakungekho manzi khona; wakuvezela amanzi edwaleni lensengetsha. Wakupha imana ehlane, okhokho bakho ababengayazi, ukuze akuthobise, akuvivinye, kuthi ekugcineni akwenzele okuhle. Uze uthi enhliziyweni yakho: ‘Amandla ami nezikhwepha zesandla sami kungizuzele yonke le mfuyo.’ “Kepha uyomkhumbula uSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba nguye okupha amandla okuzuza imfuyo ukuba amise isivumelwano sakhe afunga ngaso kokhokho bakho, njenganamuhla. “Ngiyanexwayisa namuhla ukuthi uma nje nike namkhohlwa uSimakade uNkulunkulu wenu, nalandela abanye onkulunkulu, nabakhonza, nakhuleka kubo, niyakubhubha nokubhubha. Niyobhubha njengezizwe uSimakade azibhubhisa phambi kwenu, ngokuba ningalilalelanga izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu.”
UDuteronomi 8:11-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ziqaphele ukuba ungamkhohlwa uJehova uNkulunkulu wakho ngokungagcini imiyalo yakhe, nezimiso zakhe, nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla. Bhekani, nxa senidlile, nasutha, nakha izindlu ezinhle, nihlale kuzo; Uma izinkomo zakho nezimvu zakho zanda, isiliva lakho negolide lakho kwanda, nakho konke onakho kwanda; Khona inhliziyo yakho iziphakamisile, ukhohlwe uJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, endlini yobugqila; owanihola ogwadule olukhulu nolwesabekayo, okwakukhona kulo izinyoka ezinomlilo nawofezela nesomiso, lapho kwakungekho manzi khona; owanikhiphela amanzi edwaleni; owakupha ehlane imana oyihlo ababengayazi, ukuba akuthobise, akuvivinye, akwenzele okuhle ekupheleni kwakho; Futhi uthi enhliziyweni yakho: Amandla ami namandla esandla sami kungizuzele le ngcebo. Kodwa kumelwe nicabange ngoJehova uNkulunkulu wenu, ngoba nguye onipha amandla okuzuza inotho ukuze aqinise isivumelwano sakhe asithembisa okhokho benu ngesifungo njenganamuhla. Uma ukhohlwa uJehova uNkulunkulu wakho, ulandele abanye onkulunkulu, ubakhonze, ubakhothamele, ngiyafakaza ngani namuhla ukuthi niyakubhubha nokubhubha. Njengezizwe uJehova azichitha phambi kwenu, niyakubhubha kanjalo; ngoba awulilalelanga ilizwi le Nkosi uNkulunkulu wakho.