UDuteronomi 8:1-9
UDuteronomi 8:1-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Yonke imiyalo enginiyala ngayo namuhla niyakuyigcina ngokucophelela ukuze niphile; niyokwanda, ningene, nilidle izwe uSimakade afunga ngalo kokhokho benu. Uyoyikhumbula yonke indlela uSimakade uNkulunkulu wakho akuhola ngayo le minyaka engama-40 ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, ukuze azi okusenhliziyweni yakho, ukuthi uyoyigcina yini imiyalo yakhe noma qha. Wakuthobisa, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana obungayazi, nababengayazi ngisho okhokho bakho ukuze akwenze wazi ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa, kodwa ngakho konke okushiwo nguSimakade; yilokho umuntu aphila ngakho. Izingubo zakho azikugugelanga, nonyawo lwakho aluvuvukalanga kule minyaka engama-40. Uyokwazi enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu wonke umuntu eyiyala indodana yakhe, kanjalo uSimakade uNkulunkulu wakho uyakuyala nawe. “Uyoyigcina imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuhamba ezindleleni zakhe nangokuba umesabe. Ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho uzakukungenisa ezweni elihle, izwe elinemifudlana enamanzi, imithombo, namanzi aphuphuma ezinzulwini, ageleze ezigodini nasezintabeni, izwe likakolo nebhali, imivini nemikhiwane namahananadi, izwe leminqumo enamafutha noju, izwe lapho uyakudla khona isinkwa ungesweli lutho; awuyukudinga lutho; izwe elimatshe alo ayinsimbi, ezintabeni zalo uyakumba ithusi.
UDuteronomi 8:1-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Yonke imiyalo engikuyala ngayo namuhla niyakuyigcina niyenze ukuba niphile, nande, ningene ukulidla izwe uJehova alifungela oyihlo. Woyikhumbula yonke indlela uJehova uNkulunkulu wakho akuholile ngayo le minyaka engamashumi amane ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, azi okusenhliziyweni yakho, uma ubuyakuyigcina imiyalo yakhe noma qha. Wakuthobisa-ke, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana* obungalazi, bebengalazi futhi oyihlo, ukuba akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa; kepha ngakho konke okuphuma emlonyeni kaJehova, yikho umuntu aphila ngakho. Izingubo zakho azikugugelanga, nonyawo lwakho aluvuvukalanga le minyaka engamashumi amane. Wokwazi enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu umuntu elaya indodana yakhe, kanjalo uJehova uNkulunkulu wakho uyakulaya wena. “Woyigcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, umesabe. Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho useyakungenisa ezweni elihle, izwe elinemifudlana yamanzi, nemithombo, nezinzulu eziphuphuma ezigodini nasezintabeni, izwe likakolweni, nelebhali,* nelemivini, nelemikhiwane, nelamapomegranati,* izwe leminqumo enamafutha, nelezinyosi, izwe lapho uyakudla khona isinkwa kungekho kuswela; awuyikudinga lutho; izwe elimatshe alo ayinsimbi, nelizintaba zalo ungemba kuzo ithusi.
UDuteronomi 8:1-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Yonke imiyalo enginiyala ngayo namuhla niyakugcina ukuyenza ukuba niphile, nande, ningene nilidle izwe uJehova alifungela oyihlo. Woyikhumbula yonke indlela uJehova uNkulunkulu wakho akuholile ngayo le minyaka engamashumi amane ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, azi okusenhliziyweni yakho, uma uthanda ukugcina imiyalo yakhe noma qha. Wakuthobisa, wakulambisa, wakupha imana ongalazi, noyihlo ababengalazi; ukuze akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa, kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaJehova. Izingubo zakho azikugugelanga, nonyawo lwakho aluvuvukalanga kule minyaka engamashumi amane. Kumelwe uqaphele enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu umuntu elaya indodana yakhe, kanjalo uJehova uNkulunkulu wakho uyakulaya wena. Ngakho wogcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, umesabe. Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ukungenisa ezweni elihle, izwe lemifudlana yamanzi, nemithombo, nezitwa eziphuma ezigodini nasemagqumeni; Izwe likakolweni nelebhali nezivini nemikhiwane namahalananda; izwe lamafutha omnqumo nezinyosi; Izwe lapho uyakudla khona ungenayo isinkwa, awuyikuswelakala kulo; izwe elimatshe alo ayinsimbi, nezintaba zalo ningamba ithusi.