UDuteronomi 6:20-24
UDuteronomi 6:20-24 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Lapho indodana yakho ikubuza ngesikhathi esizayo, ithi: ‘Buyini ubufakazi, nezimiso, nezahlulelo uJehova uNkulunkulu wethu aniyale ngakho na?’ uyakusho kuyo indodana yakho ukuthi: ‘Sasiyizigqila zikaFaro eGibithe; uJehova wasikhipha eGibithe ngesandla esinamandla; uJehova wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu nezesabekayo phezu kweGibithe, naphezu kukaFaro, naphezu kwayo yonke indlu yakhe phambi kwamehlo ethu, wasikhipha lapho ukuba asingenise ukusinika izwe alifungela obaba. UJehova wasiyala ukwenza zonke lezo zimiso, simesabe uJehova uNkulunkulu wethu, kube kuhle kithi njalo, ukuba asiphe siphile njenganamuhla.
UDuteronomi 6:20-24 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Lapho indodana yakho ikubuza ngesikhathi esizayo, ithi: ‘Bufakazi buni, nezimiso, nezehlulelo uSimakade uNkulunkulu wethu aniyala ngakho, na?’ “Uyakuthi endodaneni yakho: ‘Sasiyizigqila zikaFaro eGibhithe, kodwa uSimakade wasikhipha eGibhithe ngesandla esinamandla. USimakade wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu nezesabekayo phezu kweGibhithe, naphezu kukaFaro nendlu yakhe yonke phambi kwamehlo ethu, wasikhipha lapho ukuze asingenise, asinike izwe alifungela kokhokho bethu. USimakade wasiyala ukuba senze zonke lezo zimiso, simesabe uSimakade uNkulunkulu wethu, ukuze kube kuhle kithi njalo, asigcine siphilile njengoba kunjalo namuhla.
UDuteronomi 6:20-24 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Uma indodana yakho ikubuza kamuva ithi: ‘Buyini ubufakazi, nezimiso, nezahlulelo uJehova uNkulunkulu wethu akuyale ngakho na? Khona-ke kumelwe uthi endodaneni yakho: ‘Sasiyizigqila zikaFaro eGibhithe; uJehova wasikhipha eGibithe ngesandla esinamandla. UJehova wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu nezinzima eGibithe kuFaro nakuyo yonke indlu yakhe phambi kwamehlo ethu. Wasikhipha lapho ukuze asingenise ukuze asinike izwe alithembisa obaba ngesifungo. UJehova wasiyala ukwenza zonke lezi zimiso, simesabe uJehova uNkulunkulu wethu, kube kuhle kuze kube phakade, ukuze asigcine ekuphileni njenganamuhla.